Zulu Paper 3 Comprehensive Notes Compiled by: B.M.
V Mbonambi Published By: Exclusive Notez SA
Okuqukethwe (Contents) Isiqephu A  Indaba Ende Isiqephu B  Incwadi Yobungani  Incwadi Yomsebenzi  Inkulumompendulwano  Inkulumo  Amaminithi omhlangano  Impilomlando  Umlando Ngomontu Ongasekho  Indabambiko Isiqephu C  Imemo  I-imeyili  Isikhahlamezi  Itestimonyeli  Iposikhadi  Idayari  Isimemo  Amaflaya- Isikhangiso  Ibrosha  Imiyalelo Yokupheka [Iresiphi]  Inkombandlela  Ifomu
1.1
IZINHLOBO ZEZINDABA
Izindaba lezi zimikhakha miningi. Kunjalo nje nezindlela zokuzaba nokuzehlukanisa ziningi, nokho esizogxila kuzo kulesi sigaba yilezi:
Echazayo
Kulolu hlobo umfundi uchaza umuntu, indawo, isigameko, into noma isimo esithile, ubunjalo noma ukubukeka kwaso / kwayo. Umbhali wendaba kumele abe neso elinzulu abhekisise ngaphambi kokuba abhale ukuze indaba yakhe ikholeke. Izinzwa (eyokubona, eyokuzwa kanye neyokuthinta) zibalulekile kulolu hlobo ngoba yilapho umbhali kumele aveze khona akuchazayo, kugq arne kuthi bha kumfundi wendaba. Nazi izibonelo zezihloko ezingasetshenziswa kulolu hlobo lwendaba:  Isifo Esingumashayabhuqe.  Idolobha Langakithi  Lola Wusuku Engingasoze Ngalukhohlwa  Ngimi Emnyango Wasemtholampilo , Ngizolanda Imiphumela Yami Yokuhlolwa Kwegazi.
Elandisayo
Lapha umfundi uxoxa ngento eyenzeka noma ayicabangayo ukuthi yenzeka. Okubalulekile ukuba izigameko nezigigaba zilandelane ngemfanelo. Lokho kuyoyenza ukuba indaba ikholeke noma ingenzekanga. Kubalulekile ukuba indaba noma .ingenzekanga ukuthi isekwe emaqinisweni. Nazi izibonelo zezihloko ezingasetshenziswa: .  Ingozi Eyethusayo. Umshado Wonyaka.  Umdlalo Webhola Engingasoze Ngawukhohlwa.  Ukuba Ngangazi Ukuthi Kuzobanje Ngabe ---Uhambo Lwami Lokuqala Nesikole.
Indaba Yamaqiniso
Kulolu hlobo lwendaba umfundi unikeza uvo lwakhe ngesihloko esithile alwesekele ngamaqiniso angephikwe ngendlela ecacile elandelekayo. Nasi isibonelo sesihloko esingasetshenziswa:  Kungani Intsha Ingaboni Ngaso Linye Nabazali Bayo?
Indaba Ecabangisayo / Eningayo
Lapha umbhali ubeka uvo lwakhe ngesihloko esithile. Akusho ukuthi kuliqiniso, kepha yilokho akucabangayo ngabantu, ngesintu noma ngempilo nje. Lokho akubekayo kuhle kusekelwe ngamaqiniso ukuze kungamdini umfundi. Indaba enje ingaveza ukujiya komqondo wombhali futhi abaningi bayithathe njengeqiniso lempela. Lolu hlobo lwezindaba lusetshenziswa kakhulu ngababhali bama-eseyi. Nazi izibonelo zezihloko ezingasetshenziswa:  Abazali Kumele Bafundise Ahantwana Babo Ngezocansi.  Abazali Kumele Babandakanye Abantwana Ekuhleleni Isimo Sezimali Emakhaya  Amakhono Azosiza Isizwe Sangomuso Kwezomnotho.  Amalungelo Abesimame Nabesilisa,  Uthando  Impilo Yami Ngisahlala Elokishini / Emaphandleni / Edolobheni Efulethini I Ngisemncane.
Indaba Eqhathantsayo / Eqophisanayo Le ndaba icishe ifuze isihloko senkulumo mpikiswano, umehluko munye nje, wukuthi impikiswano lena ikumuntu oyedwa, umbhali noma umxoxi wendaba. Isihloko sale ndaba siyaphoqa ukuba usivurnele ubuye usiphikise. Ekugcineni nokho kumele kube khona uhlangothi oluvunayo. Okukhona abahloli abaqondene nakho ngale ndaba wukuthi uyakwazi yini ukusiphenduphendula isihloko, usibheke macala wonke. .Akafuneki umuntu othi ngoba unombono othile angabe esawanaka amaphuzu amqoka aphikisana nombono wakhe, Umuntu onjalo ukhombisa ukwenqena ukucabanga, Izibonelo zezihloko ezinokusetshenziswa yilezi:  Arnalungelo eziboshwa. . '. Umthetho ovumela ukukhishwa kwezisu  . Ukuvunyelwa kwabafundi abakhulelwe ezikoleni  Abafundi mabavunyelwe ukuba bagqoke noma yiziphi izingubo uma beya esikoleni  IsiZulu kufanele sifundiswe kuzo zonke izikole zaKwaZulu-Natal
Indaba Ephikisayo / Edaza Inkani Kulolu hlobo Iwendaba umbhali uveza eyakhe imibono ephikisayo. Ubhala ngento ethize asuke efuna ukuyilungisa noma aguqule ukucabanga kwabantu ngayo. Kubaluleke kakhulu ukuba umlobi athathe isinqumo esicace bha, aveze ukuthi yena ukuluphi uhlangothi. Uma kuthiwe into yimbi kepha yena ekholwa wukuthi yihle, kumele aveze ubufakazi bobuhle abugqamise, ofundayo azibonele futhi aneliseke ngabo. Ngamanye amazwi indaba ephikisayo akudingekile ukuba umfundi aqhathanise kepha udaza Inkani ngornbono wakhe; uveza uhlangothi olulodwa Kuphela. Nazi izihloko ezingasetshenziswa kulolu hlobo:  Ilobolo Akurnele Liyekwe  Masibuyiswe Isigwebo Sentambo.  Ingcindezi Evela Ebanganini Yiyo Isisusa Sokungena Shi Kwentsha Ezidakarnizweni
Abafundisi mabaqaphele ukuthi lezi nhlobo zemibhalo kuycnzeka zigamanxane uthole umfundi esebenzisa amasu endaba elandisayo endabeni cningayo. Akulona iphutha lelo;
Izigaba Ezakha Indaba. Uhlaka Lwendaba
 Isihloko Isihloko siba sekuqaleni komugqa. Yilelo nalelo gama liqala ngofeleba. Siyadwetshelwa.  Isingeniso Sichaza kafushane ngesihloko. kwemihlanu.
Siba imigqa emithathu kuya
 Umzimba Uba nezigaba ezihlukene. Isigaba sisinye sidingida isigigaba esisodwa. Izigaba azihleleke ngokulandelana nokuxhurnana kwezi gigaba, zilethe ukukhula kwendaba. Isigaba asingabi side kakhulu. Singaba imigqa eyisithupha kuya kweyisishiyagalombili.  Isiphetho Sisonga lokhu obekuxoxwa ngakho endabeni. Asibi side kakhulu. Siba imigqa emithathu kuya kwemihlanu.
NASI ISIBONELO SENCWADI YOBUNGANI
Inkanyezi Trading Store P.O Box 678 Ulundi 3838 16 kuNhlaba 2007 Nonhlanhla Sathi singehlukana ngeviki eledlule, ngase ngizithela kuNomusa. Ukhuluphele uyadilika. Uthi bahlezi kahle esikoleni. Ngiyabona nami sengizocela ukuyofunda le lapho efunda khona. Ngesonto elizayo ngizoke ngithi shelele. Ngisavakashela kwamalume, eMadadeni. Kuzobe kufinywa ngendololwane, ngoba umalume uzobe ehlabe umdudla wenkabi yakhe emulisa inkosazane yakhe. Phela umzala wami uSibongile uziphathe kahle ngempela yingakho nje nomalume eziqhenya kangaka ngaye. Umalume unesandla kubantu. Uthanda kabi ukuba kuthi uma kufinywa ngendololwane kunje, aqinise ngokukhipha imibengo. Uthi ubumnandi bokuhlaba busekoseni. Akanandaba kangako nezibiliboco zesilungu. Uthi izibiliboco lezi zidliwa nsuku zonke emakhaya, ngakho-ke azisakhombisi mbuso otheni. Nhlanhlo! Nathi kufanele sisike iphethini lapha kumzala wami uSibongile, siziphathe kahle khona abazali bethu bezozigqaja ngathi. Sesiyobonana uma sengibuyile. Kuzodingeka ungenzele umphako ikhona nami ngizokuphathela inyama. Ukhonze kubo bonke ekhaya. Yirnina umngani wakho uLihle
To purchase the full set of notes email Aphiwe Meyiwa at [email protected]
Isalakutshelwa libona ngomopho
Powered by matricnotes.com