81% found this document useful (27 votes)
100K views3 pages

Udweshu Nokuvezwa Kwabalingiswa

This document discusses various internal and external dialogues between characters in a story. In the internal dialogues, characters question and answer themselves as they work through their own thoughts and decisions. In the external dialogues, characters disagree or share differing views. Some of the dialogues described include: Phindisiwe telling Thamsanqa about the child she found from Nkululeko; Phindisiwe explaining to her mother about the child; Thamsanqa questioning Phindisiwe about what's troubling her; and Nkululeko insisting to Phindisiwe that they get back together, which Phindisiwe refuses. The characters of Phindisiwe, Th

Uploaded by

Wonder Bee Nzama
Copyright
© © All Rights Reserved
We take content rights seriously. If you suspect this is your content, claim it here.
Available Formats
Download as PDF, TXT or read online on Scribd
81% found this document useful (27 votes)
100K views3 pages

Udweshu Nokuvezwa Kwabalingiswa

This document discusses various internal and external dialogues between characters in a story. In the internal dialogues, characters question and answer themselves as they work through their own thoughts and decisions. In the external dialogues, characters disagree or share differing views. Some of the dialogues described include: Phindisiwe telling Thamsanqa about the child she found from Nkululeko; Phindisiwe explaining to her mother about the child; Thamsanqa questioning Phindisiwe about what's troubling her; and Nkululeko insisting to Phindisiwe that they get back together, which Phindisiwe refuses. The characters of Phindisiwe, Th

Uploaded by

Wonder Bee Nzama
Copyright
© © All Rights Reserved
We take content rights seriously. If you suspect this is your content, claim it here.
Available Formats
Download as PDF, TXT or read online on Scribd
You are on page 1/ 3

Ubhuku

Lwamanqe – Amanothi AsoKhozini

Isihloko. Ubhuku udaka olubikizelayo olubishayo. Amanqe/amadlanga uhlobo lwezinyoni ezidla


izinto ezizifele.

Udweshu
Udweshu ukungqubuzana kwemibono phakathi kwabalingiswa ababili noma phakathi kumlingiswa
oyedwa. Luhlukene kabili udweshu. Kukhona olwangaphakathi nolwangaphandle. Olwangaphakathi,
yilapho umlingiswa ezibuza eziphendula, engakhulumi nomuntu, kunemibono ephikisanayo kuyena.
Udweshu lwangaphandle, yilapho abalingiswa ababili noma ngaphezulu bengavumelani ngento
ethile, kushayisana imibono.

Udweshu Lwangaphakathi
Udweshu lwangaphakathi alusiwona nje umcabango womlingiswa kodwa yilapho umlingiswa esuke
ezibuza eziphendula, kukhona ukushayisana kwemicabango yakhe, mhlampe nesinqumo okufanele
asithathe.
Nansi into ewumcabango, engelona udweshu lwangaphakathi: UMathonsi, uyise kaThamsanqa
uhleli uyacabanga ukuthi uThamsanqa usemdala usengazithwalela ijoka lakhe (izinkinga zomuzi
wakhe), lokhu kwenzeke emva kokuba kade kufike uNkululeko ezofuna umndeni wakhe.
Akukho ukushayisana kwemibono la kuMathonsi kodwa yinto ayicabangayo ukuthi kufanele ukuthi
uThamsanqa azithwalele lo mthwalo.

UPhindisiwe uyazibuza uyaziphendula ukuthi angamtshela kanjani uThamsanqa ngemfihlo yengane
le ayithola kuNkululeko, njengoba uThamsanqa azi ukuthi eyakhe emva kwesikhathi esingaka
beshadile, bese egcina ngokuthi kungcono afe nayo le mfihlo, angamtsheli umyeni wakhe.

UMaMhlongo uyazibuza ngemfihlo uPhindisiwe akhuluma ngayo ngenkathi ethi ushaya ucingo,
uPhindisiwe wamphendula kabi ethi ‘le mfihlo ayigcine phakathi kwethu’, ngoba uPhindisiwe
wayecabanga ukuthi usakhuluma noNkululeko, ishende lakhe ocingweni. UMaMhlongo-ke
useyazibuza ukuthi engabe iyiphi le mfihlo umakoti wakwakhe akhuluma ngayo.

UThamsanqa ubambe uPhindisiwe ekhuluma nocingo uma embona ukuthi kukhona le nto emdlayo
useyakhala uPhindisiwe uma ebona ukuthi uThamsanqa useyambona; useyazibuza uThamsanqa
ukuthi kazi iyiphi le nto edla uPhindisiwe ngoba babevumelene ekuqaleni ukuthi uma kukhona into
emphethe kabi akukhulunywe ngayo idlule.

Udweshu lwangaphandle
UNkululeko noPhindisiwe. Lolu dweshu lwenzeka ocingweni uNkululeko ushayela uPhindisiwe uthi
ufuna babuyelane, uPhindisiwe angahambisani nalokho ngoba ushadile. Uthi futhi uNkululeko ufuna
ingane yakhe kuPhindisiwe, uPhindisiwe akahambisani nalokho ngoba le ngane, uZiphozonke, athi
uyayifuna, uThamsanqa wazi ukuthi yingane yakhe.

UPhinidsiwe noThamsanqa bayakhuluma, uThamsanqa ubuza uPhindisiwe ukuthi yini le nkinga
emphethe nokuthi yini le eyenza ukuthi angalubambi ucingo uma lukhala, kwaba khona ukungaboni
ngaso linye nakuleyo ngxoxo yabo.

UMaMhlongo noPhindisiwe. Lolu udweshu olwenzeke ngephutha ngoba uPhindisiwe yena
ubezitshela ukuthi uphendula kabi uNkululeko kanti usephendula kabi umamezala wakhe.
Ikhasi 1


UNkululeko noMathonsi. UNkululeko ugasela kwaMathonsi ufika utshela abazali bakaThamsanqa
(uMathonsi noMaMhlongo) ukuthi uzolanda izingane zakhe; abazange bazwane-ke naye ngoba
uMathonsi wazi ukuthi izingane ezendodana yakhe, uThamsanqa.

UNkululeko noMaMhlongo. UMaMhlongo naye akamshiyanga uNkululeko. Uze athi yena angeke
adlale oguluva baseGoli.

UNkululeko noThamsanqa. UNkululeko ubuza kuThamsanqa ukuthi kanti uphi uPhindisiwe ngoba
lolu daba oluzokhulunywa lumayelana naye, umbizi ngesidwedwe. Wadinwa yilokho uThamsanqa
ukuthi akakwazi uNkululeko ukubiza uPhindisiwe ngesidwedwe.

UNkululeko noMathonsi. UNkululeko ubuyelwa kwaMathonsi usephethe isithombe somshado
okuwubufakazi bokuthi yena ushadile noPhindisiwe, kanti futhi uphethe ngisho nencwadi yomshado.
Kwaba khona ukungezwani ngoba uMathonsi uyasola ukuthi phela izinto seziyenziwa esikhathini
samanje zibe ezomgunyathi.

UPhindisiwe noThamsanqa. Ngesikhathi uThamsanqa ehambile waya kwaMakhunga ethi uyolanda
umkakhe uPhindisiwe nezingane, uPhindisiwe uyenqaba, okwenza ukuthi uThamsanqa adinwe.

UMaKhangela noThamsanqa, uMaKhangela usekela indodakazi yakhe elwisana nomkhenyana
wakwakhe ngenkathi eyolanda izingane zakhe.

UThamsanqa noNkumbulo (umngani kaThamsanqa). UThamsanqa uxoxela uNkumbulo ngehlazo
uPhindisiwe alenzile. UNkumbulo uthi ubeyazi indaba yokuthandana kukaNkululeko noPhindisiwe,
sekuyabaxabanisa ukuthi wayengamtsheli ngani.

UKhabalethu noMaqoma. Laba abangani bakaNkululeko ngenkathi beyovalela uSara, beyofuna
nokhiye wasebhange.

UPhindisiwe noNkululeko ngenkathi bephakathi ebhange, uPhindisiwe utshela uNkululeko ukuthi
ebhange kukhona amakhamera, uNkululeko usembuza ukuthi ubengamtsheli ngani bengakangeni
ngaphakathi.


Ukuvezwa kwabalingiswa
UPhindisiwe ungumlingiswa oyiqhawe/ummeleli.
Unobugebengu. Ushayise ingane, icala langathwalwa uyena. Uthola ingane yeshende ebe eshadile
ayithwalise umyeni wakhe uThamsanqa. Uphinde uyalunga uba unkosikazi kaThamsanqa bahamba
izinkonzo zabashadile nomyeni wakhe kodwa uma sekungena ucingo lukaNkululeko lumphindisela
ebugebengwini, naba sebeyogqekeza ibhange benoNkululeko.
Ufihla ingane okungasiyona eyomyeni wakhe futhi uhlela ukuthi uzobulala umyeni wakhe ukuze
athole imali.
Akanasimilo, uthi eshadile kodwa abe nomakhwapheni.

Akathembekile. KunoSara umngani wakhe abasebenza naye kodwa akamtshelanga ukuthi
kuzoyogqekezwa ibhange. Uthatha imali eyayizofakwa kwi-ATM ayifihle ngoba ungumlingiswa
othanda kakhulu imali.

Ikhasi 2



UNkululeko uyalilandela igama lakhe.
Ukhululekile, uphume ejele kade eboshelwe icala elalenziwe uPhindisiwe. Uya kwaMathonsi afike
afune izingane athi ezakhe, okungelona iqiniso. Uyisigebengu naye. Nangu ehlela noPhinidisiwe
ukuthi bayogqekeza ibhange.

Uyayithanda imali. Uncamela ukuyodonsa ejele ukuze uPhinidisiwe amkhokhela imali.
Ungumlingiswa onesihluku.

Usukela abantu abadala, uMathonsi noMaMhlongo ekhaya labo abahlohloloze akhulume izinto
ezingelona iqiniso nokuthi aphinde ahlele ukuthi kuyokhonjwa uSara ngesibhamu ukuze kutholakale
okhiye basebhange.

Akanalo uthando, uthi uzobulala uPhindisiwe emva kokuba imali yonke isitholakele, nale
kaThamsanqa.

UThamsanqa. Igama elithi ‘Thamsanqa’ lisho inhlanhla.
Ngempela uThamsanqa unenhlanhla njengalokhu ebekade ezokhulisa ingane okungesiyona eyakhe
kodwa iqiniso laziveza, futhi ubezobulawa kodwa ngenhlanhla oPhindisiwe baboshiwe.

Ungumlingiswa onothando. Ulwela uPhindisiwe ngisho esemfake ehlazweni elikhulu. Uyaphinda
uyamsekela ngisho eseboshiwe, ngisho esegwetshiwe, uyakhala esefunda inkondlo kaPhindisiwe
esho ukuthi abonakekela izingane zakhe.

Uthembekile ngoba wathembisa kuPhindisiwe ukuthi ngeke atshele muntu imfihlo emayelana
ngendaba yezingane uPhindisiwe azithola ngaphambi komshado.

UMathonsi uyise kaThamsanqa
Unothando kodwa futhi unolaka ngoba akabanikanga thuba oNkululeko ngenkathi befike ekhaya
lakhe.

UMaMhlongo unina kaThamsanqa.
Unolaka naye. Ulwisana noNkululeko aphinde athi uyena ofuna ukuya kwaMakhunga ekhweni
likaThamsanqa ayolanda izinkomo zamalobolo.

UMaKhangela unina kaPhindisiwe
Akanalo iqiniso. Uthe azi kahle ukuthi indodakazi yakhe izele izingane ezimbili kodwa akabatsheli
abakwaMathonsi ngalezo zingane. Unikeze indodakazi yakhe imali ukuthi iyothenga umuntu
ozothwala icala. Uxosha uThamsanqa ngenkathi efika khona ukuzolanda izingane zakhe,
ungumlingiswa ongathembekile.

Ikhasi 3

You might also like