TP 120: ISAKHIWO SOHLELO LWESIFUNDO
ULWAZI LWEMISEBENZI NGOKULANDELANA
Lesson Plan No:
ROUTINE INFORMATION
Date: Day:
Ingama Lesikole UMlandomusha high school
Igama nesibongo somfundi: NKOSINATHI NXUMALO
Ibanga 10
Isifundo: ISIZULU
Isihloko: UBUNKONDLO
Okuqukethwe: INGAPHAKATHI LENKONDLO
Ikhasi lika Thafuzwe 72
Ubude besikhathi besifundo 50 MINUTES
IZINHLOSO NGQANGI:
(Lezi izinhloso ezimaphakathi zesifundo ngqo zebanga)
Abafundi mele bakwazi ukufunda kanye nokuhlaziya inkondlo. Kumele bakwazi ukuhlaziya
isakhiwo sangaphakathi senkondlo.
IZINHLOSO ZESIFUNDO:
(Ziqanjwa uthisha zibhekiswe kwisifundo ngqo. Lezi izinhloso zesikhathi esifushane noma
zesikhashana ezigxila kulwazi, kumakhono kanye nakumagugu (KSVs) okufanele
abafundi bazithuthukise esifundweni. Imisebenzana, imithombo kanye nezindlela
ezisetshenziswayo esifundweni kanye nasekuhloleni kumele zihambisane nezinhloso
zesifundo).
ULWAZI AMAKHONO AMAGUGU/ISIMO
Abafundi kufanele bazuze Abafundi kufanele bakwazi Abafundi kufanele bazuze
ulwazi kanye nokuqonda ukwenza okulandelayo: amagugu kanye nezimo
okulandelayo: ehambelana
Abafundi kufanele bakwazi nokuphakamisa:
Abafundi kufanele bazuze ukwenza ukuhluza ingaphakathi
ulwazi kanye nokuqonda lenkondlo. Abafundi kufanele bazuze
ukuhluza ingaphakathi Abafundi bazokwazi ukulalela amagugu kanye nezimo
lenkondlo. bafunde inkondlo baphinde ezihambelana
bayihluze. nokuphakamisa ukufundwa
Abafundi kufanele bazi kabanzi kwezinkondlo.
1
ngokuhluza inkondlo baqonde
nokuthi ingaphakathi lenkondlo
lihluzwa kanjani.
(Yini abafundi ofuna Hlela Amagugu/Izimo
bayazi kanye nokuthi kabusha/chaze/xoxa/ukubona ezilekelela isifundo sakho.
bayiqonde?) okuthile njl.
Izibonelo:
1. Chasisa/chaza……………1. Hlela kabusha ……………… 1. Ukuncoma ………………
2. Chaza ………… 2. Dweba……………… 2. Ubugugu………………
3. Chaza kafushane …… 3. Hlaziya ……… 3. Ukuqwashisa ………….
Izindlela/Amasu Okufundisa:
(Izindlela/amasu okufundisa nazi izibonelo; ukuxoxisana kwekilasi lonke/kwasekilasini;
ukuxoxisana kwamaqembu; ukubonisa; ukubuza; ukudlala; nokunye)
Indlela yokuxoxisana kwekilasi lonke/kwasekilasini; ukuxoxisana kwamaqembu; ukuxoxisana
ngababili ,ukubonisana; umbuzo nezimpendulo; ukudlala.
IMITHOMBO:
(Bheka iSitatimende Sokufundisa Nokuhlola sesifundo(CAPS subject document) kukhona
imithombo enconyiwe kuyona uma ufundisa ngesihloko esithile/noma uzibhekele eyakho
imithombo ongayisebenzisa izibonelo: (PHP/Transparency) Ishidi
lokusebenza/Amaphephandaba/Amaphosta noma Izithombe/You Tube clips/Power point
2
presentation. Kufanele utshengise ukuthi imithombo yolwazi uzoyisebenzisa kanjani
esifundweni).
AMAPHEPHA EZINKONDLO EZAHLUKENE
INCWADI YABAFUNDI
Amabanga/Amazinga Esifundo:
ISINGENISO:
(Inhloso yesingeniso ukuvusa ilukuluku, ukugqugquzela ngesihloko kanye nokulungiselela
abafundi ngesihloko ozosethula ukuze balandele nokuvukuza ulwazi lwangaphambili
lwabo/nolwazi lwamanje. Isingeniso kufanele sibe sifushane sihehe. Okunye kungafaka
lokhu, indaba, amaphephandaba, izinkondlo, ukutshengisa, ukuxoxisana ngemisebenzi
yasekhaya, imisakazo, inthanethi. Okunye chaza izinhloso zesifundo).
Abafundi bazonikezwa amaphepha enkondlo ethi Nkosi sikelel” iAfrika, emva kwalokho
bazobuzwa ukuthi ngabe yini abayaziyo ngenkondlo asebeke bayifunda kumabanga andlule,
ngabe yini abacabanga ukuthi sizoyenza ngenkondlo namhlanje?
zimpendulo ezilindelekile:
*Ukuhaya inkondlo
*ukuhlaziya inkondlo
*ukwazi ngezinhlobo ezahlukene ngenkondlo
*Isakhiwo senkondlo
UKUTHUTHUKA/UKUTHUTHUKISWA KWESIFUNDO
(Inhloso yaleli banga ukunikezela amathuba okuthuthukiswa kolwazi, amakhono,
amagugu ngokulekelela ukufundisa nokufunda. Leli banga kufanele lakheke ngokuhleleka
ngezinyathelo ezifaka uthisha, imisebenzi yomfundi/izindlela/imithombo kanye nemibuzo
ehleliwe ezobuzwa ukuzuza izinhloso zesifundo. Umongo wokuqukethwe nemicabango
kufanele kwenziwe ngokucacile. Lesi sahluko kufanele sibe ikhasi elilodwa noma uhhafu
wekhasi siqukathe imininingwane eyanele.)
3
Isinyathelo Sokuqala
IMVUMELWANO
Imvumelwano siqalo
Sibheka ukufana kwamalunga emegameni esekuqaneli komusho noma ukufana kweziqalo
zamagama emaganeni emgqeni elandelanayo.
Emva kokuhaza imvumewano yangaphakathi, abafundi bazobe sebeyikhipha enkondlweni
yaboabafunda ngayo.
IMVUMELWANO MAPHAKATHI
Sibheka ukuthi ngabe imigqa inawo yini amagama anamalunga afanayo emigqeni elandelanayo.
IMVUMELWANO SIGCINO
Sibheka ukufana kwamalunga emagameni asekugcineni emigqeni elandelanayo.
Emva kokuba sezichaziwe zonke lezi zimvumelwano, abafundi kuzofanele basenze ngamaqoqo
ukuthi bazikhiphe zonke enkodlweni yabo.
Isinyathelo Sesibili
ISIGQI
Sibheka ukuthi isiqgi siyashesha noma siyanensa yini. Uma inkondlo inemigqi emide iyanensa.
Uma inemifishane iyashesha. Sibuka nokuvaleka nokuvuleka kwemigqa, uma imigqa ivakekile
inkondlo iyanensa, uma ivulekile inkondlo iyashesha.
Abfundi bazochaza isigqi senkondlo yabo ethi nkosi sikelel iAfrika
IMFANEKISOMQONDO
4
Imifanekiso-mqondo kuba yilawo magama asetshenziswa yimbongi enkondlweni ukwakha
isithombe esithile ngokushiwo yinkondlo
Imifanekiso mqondo ehogelekayo
Isibonelo: kwezwakala ngonqambithi lwesitshulu, kuba sengathi uyasizwa isitshulu ubuntu
ofundayo.
Imifanekiso mqondo ethintekayo
Isibonelo: Zadumelana kwacima isibani, Sengizoqhuba phezu kwakho, ongazelele uyamgona.
Imifanekiso mqondo enambithekayo
Isibonelo: Kwehla ngomphimbo, lamazwi akhanda isithombe sokunambitheka.
Isinyathelo Sesithathu
UKUXHUMANA
Ukusetshenziswa kwamagama/ isiqu noma umsuka ofanayo emgqeni emibili noma ngaphezulu
elandelanayo ngenhloso yokugqamisa umqondo othile enkondlweni. Sinezinhlobo ezine
zokuxhumana ezidalwa ukuthi amagama afanayo asetshenziswe kanjani emigqeni yenkondlo.
Imbongi isebenzisa ukuxhumana ukuletha umgqumo omnandi enkondlweni Kanye
nokugcizelela okuthile ekhuluma ngakho, emigqeni elandelanayo, ebinzeni noma emqondweni
wenkondlo yonke
5
INDIKIMA
Umqondo oqukethwe inkondlo yonke jikelele. Umongo noma ingqikithi yenkondlo yilokhu
inkondlo ekhuluma ngakho, indikimba iba igama elilodwa.
UMUZWA
Sibuka ukuthi ngabe uzizwa kanjani ngemva kokufunda leyo nkondlo, ngabe ujabule,
uthukuthela, uyasaba, noma uba nesibindi
Ukwandisa/Ukwenza ngcono
(Lokhu okwabasheshayo ukuqeda. Lokhu kungafaka ukuqoqa ulwazi ngokusebenzisa amaphepha
emibuzo noma i-eseyi/inkondlo/imisebenzi/ukucwaninga nge-inthanethi njl.)
Imibuzo Ehleliwe
(Imibuzo ehleliwe yesifundo ingabhalwa ephepheni eliseceleni noma ngaphakathi kulelo lesifundo.
Khumbula ukuthi umbuzo kufanele kube olula, ophakathi kanye nolukhuni. Bheka indlela
ka(Blooms Taxonomy ukwenza imibuzo).
6
1. Iyini inkondlo?
2. Ubizwa ngani umuntu ohaya inkondlo
3. Chaza kafushane ukuthi uyini umuzwa wenkodlo?
4. Sikubona kanjani ukuxhumana enkondlweni?
UKUZIBHEKA KUKATHISHA ESIFUNDWENI ESIFUNDISIWE: KUFANELE
KUGCWALISWE EMVA KOKUFUNDISA ISIFUNDO)
(Lokhu kubhalwa emva kokwethula isifundo. Inhloso yokuzibheka noma yokuzibuka ukubheka
ngeqiniso indlela owenze ngayo nokucabanga ongakushintsha ukuzithuthukisa ekwethuleni
isifundo. Cabanga nongeke ukushintshe nokuthi yini ezokwenza lokho. Ukuzibheka ngenkathi
uthula isifundo sonke. Bheka ithempulethi ongayisebenzisa efakiwe).
UKUQINISA NOMA UKUGXILISA ISIFUNDO/ISIPHETHO
(Inhloso yaleli banga lesifundo ukugxilisa ulwazi, ikhono, namagugu (KSV’s) okulekela isifundo.
Ngabe ulwazi, ikhono namagugu kuzomlekelela kanjani umfundi endleleni acabanga ngayo noma
7
ukuthatha izinqumo noma indlela abuka ngayo impilo. Imisebenzi ingafaka lokhu izibonelo:
amaphepha okusebenza, ukubuza ukuxoxisana ngokufundiwe. Ukuxoxisana ngemisebenzi
yasekhaya nakho kungafakwa. Khumbula isiphetho sesifundo akukona ukufingqa isifundo).
UNOXOLO/UNOLUXOLO – KNN Gcumisa
1 Udumo lakho luyababazeka
2 Ufana namanz' apholil' ehla entabeni.
3 Upholil' uphuzisa bonke abakulangazelelayo,
4 Ubaph' ukujabul' imizimba yethakase
5 Bekufumene wena Mduduzi wabadumele.
6 Lapho kukhon' ukuheleza komoy' obandayo,
7 Lapho kugelez' igazi emaweni athambekileyo,
8 Izinyembezi zigeleza ingelezane,
9 Kubhekenwe ngeziqu zamehlo.
10 Imilomo ikhafula okumuncu kodwa
11 Kungazeki okumuncu kodwa
12 Kungazeki ngubani oyakusiza.
13 Munye kuphel' ongaba umsizi, UNoluxolo,
14 Oleth' injabulo kubo bonke abaxabeneyo,
8
15 zabo zibamtoti, ngothando
16 Oluletha ukufudumala okungunaphakade.
17Kuletha ukuthokoza okungeke
18Kwalethwa yilutho ngaphandle
19Kothando, umusa noxolo.
Abafundi bazokwakha amaqembu amahlanu ukuze baphendule imibuzo mayelana nenkOndlo
abayinikwe engenhla ethi “unoxolo/unoluxolo”
Imibuzo abaoyiphendulo yilena elandelayo:
1. Sinjani isigqi salenkondlo?
2Uthini umyalezo walenkondlo?
3 Bhala zonke izimvumelwano ezitholakala kule nkondlo?
4 Ithini indikimba yale nkondlo?
UKUHLOLA
(Uhlola kanjani uma izinhloso zesifundo kanye nezokufunda sezizuziwe. Lokhu okulandelayo
kufanele kungene):
Uhlobo lokuhlola:
9
Iphrojethi/umsebenzi wsekilasini/wasekhaya, ukuhlolana kontanga ngokuthula ngomlomo (Bheka
kuCAPS document):
Abafundi bazobhala umsebzenzi wasekhaya osencwadini yabo ethi isizulu sethu ekhasini lama
156. Lo msebenzi umayelana nenkondlo ethi ishlahla etholakala encwadini yabo.
Ithuluzi lokuhlola:
Ukuhlola ngegridi (akuphoqelekile kuncike kuhlobo lokuhlola olusetshenziswayo):
Indlela yokuhlola:
(Okumiselwe /okungamiselwe/Ukuhlola okwakhayo/Ukuhlola okuqoqayo)
Uuhlolwa okungamiselwe
Ithaskhi yokuhlola kanye nemiyalelo:
10
Umsebenzi lona bazowubhala emakhaya ngesikhathi sabo. Imyualelo ithi bayophendula konke
okubuziwe ngenkondlo esencwadini yabo
Amathuluzi okuhlola:
ukuhlola ngegridi (akuphoqelekile kuncike kuhlobo lokuhlola olusetshenziswayo):
OKUNGABHEKWA:
(Izincwadi ezibhaliwe/(websites ebhekiwe noma esetshenzisiwe ukulungiselela isifundo).
Amaphephandaba
CAPS
INCWADI YABAFUNDI
11
Professional Practice
ISHIDI LOKUZIBHEKA
(Isifundo sangayedwana)
Isihloko:__UBUNKONDLO________________________________________________________
______
Ibanga:__7________________________________________Usuku:__11 August
2022________________________
Ukuphumelela.. Izinselelo Okuhlangatshezwane nazo…
Izizathu Izizathu
Kodwa into engiyiqaphelile ukuthu uma
Abafundi bakujabulelile ukufundiswa yimi abafundi bebanga umsindo ngisho kukhona
kodwa abanye bebelokhubephazamisa uthisha kufanele wena thisha ubakhuze
ekilasini ngekathi ngifundisa befuna kancane mabengalaleli Ubatshele ukuthi
ukubukwa ngezinye izingane. Bebelokhu uzoceba kuthisha omkhulu. Noma uvele
behlupha bephazamisa ekilasini ngoba uqhubeke nokufundisa ubhale ebhodini
bengizithola sengichitha isikhathi esiningi uzobona bonke bozoqala bakhiphe
ngikhuza bona kodwa kufanele ngiyafundisa. izingcwadi bhabhale.
Ukubuyekeza okungenzeka… Izehlakalo ezitusekayo…
12
Kulaba abaphuzayo ukubamba uma kufundwa
Ngaphambi kokuba sidlulele ekilasini bengenza isiqiniseko sokuthi ngifundisa
kokulandelayo abafundi kumele kahle ngingaxhamazeli ukuze bonke abafundi
bangizwe kungabi khona abasalela ngemuva.
bakhumbule konke abawenze
kulesisifundo
Yini oyifundile kulokhu okubonile?
13