Confidential
SENIOR CERTIFICATE EXAMINATIONS/
NATIONAL SENIOR CERTIFICATE EXAMINATIONS
ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA (HL)
IPHEPHA LOKUQALA (P1)
UNHLABA/UNHLANGULANA 2024
AMAMAKI: 70
ISIKHATHI: Amahora ama-2
Leli phepha linamakhasi ayi-14.
Akuvunyelwe ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 2 DBE/UNhlaba/UNhlangulana 2024
SC/NSC Confidential
IMIYALELO KANYE NOLWAZI KWABAHLOLWAYO
1. Leli phepha lehlukaniswe IZIQEPHU EZINTATHU:
ISIQEPHU A: Isivivinyo sokuqondisisa (30)
ISIQEPHU B: Ukufingqa (10)
ISIQEPHU C: Izakhiwo nezimiso zokusetshenziswa kolimi (30)
2. Phendula YONKE imibuzo ekuleli phepha.
3. Qalisa ISIQEPHU NGASINYE ekhasini ELISHA.
4. Hlukanisa ngokudwebela emuva kwesiqephu.
5. Faka izinombolo njengoba zisetshenzisiwe ephepheni.
6. Yeqa umugqa emuva kombuzo ngamunye.
7. Qaphela isipelingi kanye nokwakhiwa kwemisho.
8. Ungasebenzisa isikhathi sokubhala ngale ndlela elandelayo:
ISIQEPHU A: Imizuzu engama-50
ISIQEPHU B: Imizuzu engama-30
ISIQEPHU C: Imizuzu engama-40
9. Bhala ngobunono futhi kubonakale.
Akuvunyelwe ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 3 DBE/UNhlaba/UNhlangulana 2024
SC/NSC Confidential
ISIQEPHU A: ISIVIVINYO SOKUQONDISISA
UMBUZO 1: UKUFUNDELA UKUQONDISISA
1.1 Fundisisa UMBHALO A ubuye ubukisise NOMBHALO B ongezansi bese
uphendula imibuzo elandelayo.
UMBHALO A (OFUNDWAYO)
UKUZITHANDA
1 Ukuzithanda kungachazwa ngezindlela ezehlukahlukene cishe
kungaze kushone ilanga lowo nalowo esika elijikayo.
Kuyinhlanganisela yezindlela ezahlukene zokuziphatha. Okugqanyiswa
kakhulu ukuzihlonipha, ukuzethemba kanye nokuzinakekela. Lokhu
kungayisusa impikiswano engenza kucace ukuthi abantu abayi 5
nganxanye bengemanzi. Kuleyo mpikiswano kuningi okungafundwa
ngabantu.
2 Unyaka nonyaka kufanele uthole okusha ozokwenza ukuze ubukeke
umuhle. Ungazivocavoca, ungadla ukudla okunempilo, ungagqoka
nezingubo ezifanela umzimba wakho. Sekukaningi abantu becabanga 10
ukuthi ukuzithanda kusho ukugqoka uconse, uziqhole ngamakha emali
eshisiwe nokuzicwala ngokweqile. Kuyiqiniso elimsulwa lokho
okushiwoyo ngokubukeka kahle kodwa kuyingxenye encane yalokho
okuyiqiniso nokulindeleke kumuntu. Kulula ukukhohlisa abantu
abangakwazi, uzenze ubukeke umuhle bese bekubona ukuthi 15
uyazithanda kanti basithwe yisithupha. Indlela yokuziphatha iyona
eshoyo ukuthi lo muntu uyazithanda noma cha.
3 Kuyaye kwenzeke-ke umuntu athi ebukeka emuhle avele akhulume
amazwi amabi noma aqhulule inhlamba. Uye ubone ukuthi ayihlabi
ngakumisa. Kujabhisa kakhulu ukuzwa inhlamba indiza emoyeni noma 20
uyibone ibhaliwe ezindongweni zomphakathi. Ukuzithanda kusho
ukungayithuki inhlamba ngisho noma ngabe ugane unwabu. Ukuhleba
nokusongela abantu kungolunye uphawu lokungazithandi. Akusoze nje
kwashintsha ukuthi ingwe idla ngamabala. Lowo ozithandayo ngeke
acekele amagama abanye abantu phansi ngoba uyakuqonda ukuthi 25
umuntu unesithunzi azalwa naso. Abangenamahloni okuqondisa
izigwegwe bakubeka kucace ukuthi kufanele uthathe insipho bese
ugeza umlomo wakho ukuze ugcine sewuhlanze yonke le ndawo
okudlule kuyona lawo magama alumelayo owaphimisile. La magama
enza kuphele ukuhlonipheka kulowo owaphimisayo. Kusuke kuqedwe 30
nguyena ngakho belu ukungazithandi.
Akuvunyelwe ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 4 DBE/UNhlaba/UNhlangulana 2024
SC/NSC Confidential
4 Insizwa iyayishela intombi ngezindlela ezehlukene. Isebenzisa ulimi
olukhethekile bese igcina isinogazi. Isuke iveza ubugagu obugqamisa
ukuthi iyazithanda. Uma izithanda, nayo le ntokazi eshelwayo iye ibone
ukuthi leli geza le nsizwa elizibikayo lizokwazi ukuyithanda ngeqiniso. 35
Ebudlelwaneni bothando lwababili, ukukhulumisana nokuphathana
kahle kububeka obala ubudlelwano babantu ukuthi bukuliphi izinga.
Uma bobabili bezithanda, abazithi vu izindaba zabo. Akufuneki lokhu
ngisho nje nasemndenini ukuba wena ukhulume izindaba zonke
nezingamahlazo zomndeni wakho. Kube nguwe ohlezi wazisa 40
umphakathi ngokwenzekile ngisho nasezinkundleni zokuxhumana
imbala. Lokhu kusho ukungazithandi ngoba umndeni wakho unguwena
uqobo. Inkulumo engelona iqiniso iyakhombisa ukuthi umnikazi wayo
akanandaba ngoba uma ebanjwa, uswela ngisho umgodi wokucasha.
5 Abangani obakhethayo bangalinyusa noma balehlise izinga 45
lokuzithanda kwakho. Lokhu bangakukhombisa ngokwenza izinto
ezinhle njengokufunda, ukusiza emphakathini, ukunakekela abantu
abasafufusa ezintweni ezahlukene nokuhlonipha abantu abadala.
Ukuzithanda kwabo kungakapakela nakuwena uma ungumngani wabo
ngoba nisuke nikhuluma ulimi olulodwa. Kwesinye isikhathi abangani 50
bangakufaka umoya wokungathandwa ngenxa yezenzo ezimbi
njengokudla izidakamizwa, ukungalaleli abazali, nokungahloniphi
umphakathi. Kuhle ukuba umuntu aqaphele uma esekhetha abangani
ukuze bangalehlisi izinga lakhe lokuzithanda.
6 Ukuzithanda komuntu akunabulili, nabuhlanga naminyaka. Lokhu 55
kumenza angakhathazeki uma egxekwa ngabantu ngoba usuke
ekuqonda ukuthi ungubani futhi uphokophelephi. Izenzo zakhe ezinhle
zimenza angazingabazi kukho konke akwenzayo. Umuntu ozithandayo
usuke ekwazi ukubabona abantu abamgxeka ngokwakhayo. Ngakho-
ke uye azithathe izeluleko zabo bese uyabonga ukuthi labo bantu 60
bakhombisa ukumthanda ngoba bamtshela emehlweni uma ephuma
eceleni njengojosaka kunokuba bamhlebe.
7 Abanye abantu abanalo ulwazi lokuthi umuntu ozithandayo
uyakujabulela ukuzihlalela yedwa, hhayi ngoba eyinkomo edla
yodwa. Usuke efuna ukwenza lokho akukhonzile okungaba ukufunda 65
izincwadi noma lokho anekhono lakho njengokupheka noma ukudweba
izithombe nokunye ngaphandle kokuphazanyiswa. Akulula ukuqonda
lolo hlobo lwabantu. Kusuke kuwukuphumuza umqondo futhi
kuvuselele nomzimba odinga ukuthandwa nawo ukuze umthwale kahle
umnikazi wawo. Kuye kube khona abantu abakhombisa ukuzithanda 70
ngokuzithengela izipho. Umuntu umuzwa ethi, 'Ngithe nje ake
ngizibonge noma ngizijabulise ngalesi sipho.' Lezi zipho ziqala
kwezincane zize zifinyelele kwezinkulu ezinjengezimoto, indlu entsha
nokuvakashela kude. 2024
Akuvunyelwe ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 5 DBE/UNhlaba/UNhlangulana 2024
SC/NSC Confidential
8 Kubalulekile ukuba kugqugquzelwe ukuzithanda ezweni. Lokhu 75
kungasindisa nesizukulwane kuzinswelaboya ezingenanembeza
ezenza izinto ezimbi ziphindelela, zingakhethi bala lamuntu. Isizwe
esizithandayo futhi esaziyo ukuthi kuhlonishwana kabili sivamisile
ukuphumelela.
[Umbhalo wokuziqambela]
KANYE NO
Bukisisa lezi zithombe ezingezansi bese uphendula imibuzo elandelayo.
UMBHALO B (OBUKWAYO)
1 2
3 4
[Zithathwe ku-www.bing.com/images zabuye zahlelwa kabusha]
Akuvunyelwe ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 6 DBE/UNhlaba/UNhlangulana 2024
SC/NSC Confidential
IMIBUZO YOMBHALO A (OFUNDWAYO)
1.1 Tomula isimo sokukhuluma esichaza ukuthi abantu abasoze bavumelana
ngaso sonke isikhathi. Bhekisa impendula yakho esigabeni soku-1. (1)
1.2 Yiziphi izinto EZIMBILI ongazenza ukuze uhlale ubukeka umuhle? Bhekisa
impendulo yakho esigabeni sesi-2. (2)
1.3 Nikeza okungumehluko okushiwo isigaba sesi-3 kanye nesigaba sesi-4
mayelana nokusetshenzisiwa kolimi. (3)
1.4 Chaza kafushane isizathu esingenza ukuba abantu abathandanayo bahlale
ngokuzwana. Bhekisa esigabeni sesi-4. (2)
1.5 Khetha impendulo engashayi emhlolweni emayelana nokuzithanda kulezi
ezilandelayo:
A Incwasimende
B Igcokama
C Idlabha
D Igeza (1)
1.6 Ngabe iyini inhloso yombhali yokubhala lesi siqephu? Sekela ngamaphuzu
amathathu. (3)
1.7 Chaza ukuthi umuntu oyisoka angabonakala ngaziphi izindlela ukuthi
uyazithanda. (2)
1.8 Ucabanga ukuthi abangani bangalehlisa kanjani izinga lokuzithanda? Sekela
impendulo yakho. (2)
1.9 Ngokwakho ukubona ngabe umbhali uqondeni ngamazwi abhalwe
ngokugqamile atholakala esigabeni sesi-7. (2)
1.10 Ake uncome indlela aphethe ngayo umbhali ubhekise ekusetshenzisweni
kwesimo sokukhuluma esidwetshelwe esigabeni sesi-8. (2)
KANYE NO
IMIBUZO YOMBHALO B (OBUKWAYO)
1.11 Shono ukuthi yini eyenzeka esithombeni soku-1. (2)
1.12 Chaza kafushane ngokwenzeka esithombeni sesi-2 kanye nesesi-3. (2)
1.13 Qhathanisa okufanayo okutholakala EMIBHALWENI A isigaba sesi-5
ukuyamanise nokufunde EMIBHALWENI B isithombeni sesi-4. (4)
1.14 Ngabe isenzo sowesifazane esitholakala esithombeni sesi-4 samukelekile
yini? Sekela impendulo yakho. (2)
AMAMAKI ESIQEPHU A: 30
Akuvunyelwe ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 7 DBE/UNhlaba/UNhlangulana 2024
SC/NSC Confidential
ISIQEPHU B: UKUFINGQA
UMBUZO 2: UKUFINGQA ISIQESHANA NGAMAGAMA AKHO
Lesi siqeshana esilandelayo (UMBHALO C) simayelana nokulungiselela ukucima
kukagesi.
IMIYALELO:
1. Fingqa lesi siqeshana esimayelana nokulungiselela ukucima kukagesi
usebenzise amagama akho angedluli kwangama-70.
2. Fingqa ngesigaba KUPHELA.
3. Ungabe usasibhala isihloko uma usufingqa lesi siqeshana.
4. Bhala inani lamagama owasebenzisile ekugcineni kwesiqeshana osifingqile.
UMBHALO C
UKULUNGISELELA UKUCIMA KUKAGESI
Sekuyinto evamile eNingizimu Afrika ukuhamba kukagesi kungazelele muntu. Yize
kunjalo sezikhona izindlela ongazisebenzisa ukulungiselela lesi simo. Sekuhlalukile
ukuthi inkinga yokucimakonga ayizunqandeka njengamanje. Ungazilungiselela
ngokuthi ufake isola endlini ezosebenza uma kuhamba ugesi. Lokhu ungakwenza
ngamalambu esola ongawabeka engadini noma kudeshibhodi yemoto ukuze athole
ilanga.
Izitofu ezisebenza ngegesi seziqala ukuba yintandokazi kwabanye abantu abakha
amakhaya amasha kanye nalabo abalungisa amakhishi abo. Lezi zitofu zehlukanisiwe,
kukhona ezinkulu nezincane zokupheka nezokukhempa. Kungaba kuhle ukuthi ube
nesitofu esisebenzisa igesi. Ngokwenzenjalo ungakwazi ukupheka nokubilisa amanzi
uma kuhambe ugesi.
Uma ugesi uhamba isikhathi eside, sebenzisa izigubhu zeziphuzo ezibandayo nezejusi
ezingenalutho uzifake amanzi bese uzifaka esiqandisini esinamandla ukuze zibe
ngamaqhwa. Lokhu kungasiza ngokuthi ubeke ukudla kwakho phezu kwalezi zigubhu
ukugwema ukulahla ukudla osekonakele.
Abanye abantu bayesaba ukuhlala ngobumnyama ngenxa yobugebengu
osebudlangile kulezi zinsuku. Thola amathoshi namalambu asebenzisa amabhethri
ukhanyise umuzi wakho. La malambu namathoshi aphephile kakhulu
kunamakhandlela. Yiwona asiza kakhulu abazivocavocayo bagijime ngokukhululeka
ukugwema ukuhlangabezana nezingozi ezahlukahlukene nokugcwelezwa
ebumnyameni. Angisaphathi-ke kulabo abashayisa ebusuku nabangena kusemnyama
kakhulu emsebenzini nabo bayasizakala, bahamba bengesabi njengoba la malambu
ekhanyisa kuthi bha.
Imiphakathi seyihlukumezeke kakhulu ngalesi simo sokucima kukagesi. Yenza
imizamo yokuthi ithole amajeneretha azosebenza uma kuhambe ugesi. Lokhu kusiza
ekukhanyiseni indlu yonke, iphinde ixhume nezinto ezingawudli kakhulu ugesi
njengokukhanyisa iziqandisi nokudlala umabonakude.
Akuvunyelwe ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 8 DBE/UNhlaba/UNhlangulana 2024
SC/NSC Confidential
Abanye abantu nosomabhizinisi abanezimoto abahlukani namashaja
omakhalekhukhwini ezimotweni. Basebenzisa le ndlela ukwenza isiqiniseko sokuthi
uma ucima ugesi bangahlukumezeki ngokuthi kunqamuke ukuxhumana nemindeni
noma nezinkampani abazisebenzelayo nezibathumelela imikhiqizo.
Ngokwenkampani i-Eskom Energy calculator kufanele uthenge izinto ezingawudli
ugesi. Ziyabiza kakhulu kodwa ziyasiza ekongeni ugesi. Ziphinde zibe namakhebula
avikela ugesi ukuthi uma ubuya zingashi izinto ezisebenza ngogesi. Sekuvamile ukuthi
kushe imizi kufe abantu bengazelele. Ayisaphathwa-ke eyokulahlekelwa izinto
ezahlukene ezisebenza ngogesi uma zingakhishwanga emapulakini.
[Sithathwe ku-www.googlenews sahunyushwa kabusha]
AMAMAKI ESIQEPHU B: 10
Akuvunyelwe ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 9 DBE/UNhlaba/UNhlangulana 2024
SC/NSC Confidential
ISIQEPHU C: IZAKHIWO NEZIMISO ZOKUSETSHENZISWA KOLIMI
UMBUZO 3: UKUHLAZIYA ISIKHANGISI
Fundisisa lesi sikhangisi (UMBHALO D) bese uphendula imibuzo ezolandela.
UMBHALO D (OFUNDWAYO NOBUKWAYO)
THOLA IMIKHIQIZO YOBISI ECONSISA
AMATHE!
U-ice cream onambithekayo!
Ama-milkshake anhlobonhlobo!
U-pudding omnandi!
Qaphela: Uyakhuluphalisana uma uwudla ngokweqile!
[Sithathwe ku-www.bing.com sahunyushwa kabusha]
Akuvunyelwe ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 10 DBE/UNhlaba/UNhlangulana 2024
SC/NSC Confidential
3.1 Tomula ulimi olukhohlisayo olutholakala kulesi sikhangisi. (1)
3.2 Bala imikhiqizo EMIBILI etholakala kulesi sikhangisi. (2)
3.3 Chaza ngokusetshenziswa kwefonti eyahlukene kulesi sikhangisi? (3)
3.4 Ucabanga ukuthi isimo sokukhuluma esitholakala kulesi sikhangisi
sisetshenziselweni? (2)
3.5 Ngokucabanga kwakho kungani kusetshenziswe isithombe sesithelo sama-
strawberry kulesi sikhangisi? Sekela impendulo yakho. (2)
[10]
Akuvunyelwe ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 11 DBE/UNhlaba/UNhlangulana 2024
SC/NSC Confidential
UMBUZO 4: UKUHUMUSHA IKHATHUNI
Bukisisa UMBHALO E bese uphendula imibuzo elandelayo.
UMBHALO E (OFUNDWAYO NOBUKWAYO)
SHUTHA NANA!
IFREYIMU-1 IFREYIMU-2
IFREYIMU-3 IFREYIMU-4
IFREYIMU-5 IFREYIMU-6
IFREYIMU-7
[Sithathwe ku-www.googlepics sahunyushwa]
Akuvunyelwe ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 12 DBE/UNhlaba/UNhlangulana 2024
SC/NSC Confidential
4.1 Igama elidwetshelwe efreyimini yoku-1 lisetshenziselweni? (1)
4.2 Chaza kafushane umuzwa ovezwa yintombazane efreyimini yesi-2 neyesi-7
kule khathuni. (2)
4.3 Ucabanga ukuthi iyini inhloso yomdwebi wale khathuni ngesenzo
sentombazane sokuthatha izithombe kube kusha umlilo? (2)
4.4 Khetha impendulo enembayo kulezi ezilandelayo:
Shono ukuthi le khathuni ihleleke kanjani.
A Inkinga nesixazululo
B Ukulandelana kwezehlakalo
C Ukuqhathanisa nokwehlukanisa
D Isisusa nempendulo (1)
4.5 Chaza ukuthi amazwi atholakala esibiyelweni esisefreyimini yesi-6
akwelekelele kanjani ekuqondeni le khathuni? (2)
4.6 Phawula ngoteku olwethulwa ngumdwebi efreyimini yesi-7 kule khathuni. (2)
[10]
Akuvunyelwe ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 13 DBE/UNhlaba/UNhlangulana 2024
SC/NSC Confidential
UMBUZO 5: IZAKHIWO NEZIMISO ZOKUSETSHENZISWA KOLIMI
Funda lesi siqeshana esingezansi bese uphendula imibuzo elandelayo.
UMBHALO F
UMNANDI WE BUTHONGO!
Umnandi buthongo ngoba awujulukisi muntu, awuxoxisi muntu futhi ungexabanise
muntu. Yingakhoke kubalulekile ukuthi umuntu alale ngokwanele okungenani amahora
ayisishiyagalombili ikakhulukazi uma esakhula. Akuve kubuhlungu ukuqwasha kuze
kuse gelekeqe ungazange ubuthi qothu. Umzimba ululeka uthi thwi kamnandi uma
ukwazile ukulala uze ufise ukuthi ungabe usavuswa. Babo ungavuswa? Kuphi la? 5
Usuke uzodlani uma uhlalele ukuhuqa ubuthongo? IsiZulu sithi, 'Ayikho inkomo
yobuthongo.'
Kuqaqamba inhliziyo uma sekunkeneneza i-alamu esuke icushwe nguwe.
Inyonkolozwa ngelibi iso leli. I-alamu esuke isibelesela baze bayinxaphele abanye.
Basuke benengwa ukuthi ibaphazamisa ebuthongweni babo obumnandi. Ngisho 10
nokuyizingane uma zivuswa ziya esikoleni, zikhala ubumayemaye zikhalela khona
njalo ukuvuswa zisalele. Hhiya! Chizela ubuthongo lobo ubutshele buhambe bujubalale
usayozisebenzela wena. Phela siyeza isikhathi esibi esingeke savinjwa muntu
lapho umuntu eyolala umphumulela wafuthi; okuyobe kungubuthongo bokufa.
[Umbhalo wokuziqambela]
5.1 Nikeza igama elimqondophika laleli elibhalwe ngokugqamile emgqeni woku-1
bese ulisebenzise emshweni ozakhele wona. (2)
5.2 Lungisa igama elidwetshelwe emgqeni wesi-2 selikhombisa ubhalomagama
olufanele. (1)
5.3 Phinda ubhale umusho odwetshelwe otholakala emgqeni wesi-4, usuqukethe
umqondo wenkathi ezayo. (1)
5.4 Khetha impendulo eshaya emhlolweni.
Isakhi esidwetshelwe emgqeni wesi-6 sisetshenziselweni?
Sisetshenziselwe ukuveza umqondo …
A wesiqalo sebizo
B wendlela esabizo
C wesimo sokukhuluma
D wesimo sokwenzekayo (1)
5.5 Chaza ukuthi isaga esisemgqeni wesi-6 kua kowe-7 sisetshenziselweni? (1)
5.6 Sebenzisa igama elibhalwe ngokugqamile elitholakala emgqeni wesi-9
emshweni ozakhele wona selikhomba buqamama. (2)
Akuvunyelwe ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 14 DBE/UNhlaba/UNhlangulana 2024
SC/NSC Confidential
5.7 Emshweni omagatshagatsha obhalwe ngokugqamile, khipha imishwana
emibili ekhonzile. (2)
[10]
AMAMAKI ESIQEPHU C: 30
AMAMAKI ESEWONKE: 70
Akuvunyelwe ukukopisha leli phepha