Confidential
SENIOR CERTIFICATE EXAMINATIONS/
NATIONAL SENIOR CERTIFICATE EXAMINATIONS
ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA (FAL)
IPHEPHA LESITHATHU (P3)
UNHLABA/UNHLANGULANA 2024
AMAMAKI: 100
ISIKHATHI: Amahora ama-2½
Leli phepha linamakhasi ayi-7.
Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P3 2 DBE/UNhlaba/UNhlangulana 2024
SC/NSC Confidential
IMIYALELO KWABAHLOLWAYO
1. Leli phepha lehlukaniswe IZIQEPHU EZINTATHU:
ISIQEPHU A: Indaba (50)
ISIQEPHU B: Imibhalo emide edlulisa imiyalezo (30)
ISIQEPHU C: Imibhalo emifishane edlulisa imiyalezo (20)
2. Phendula umbuzo OWODWA esiqeshini NGASINYE.
3. Bhala ngolimi ohlolwa ngalo.
4. Qala umbuzo NGAMUNYE ekhasini ELISHA.
5. Hlela umsebenzi wakho (uhlaka) ngamaphuzu noma ngebalazwe
(mind map), ulungise amaphutha bese uyawufundisisa. Uhlelo/Uhlaka
MALWANDULELE umbhalo ngamunye.
6. Ukuhlela makukhonjiswe ngokubhala igama elithi uhlelo/uhlaka bese
kuyethulwa. Kuyancomeka ukuba kudwetshwe umugqa phezu kwemisebenzi
yonke yokuhlela.
7. Uyelulekwa ukuba usebenzise isikhathi sokubhala ngale ndlela elandelayo:
ISIQEPHU A: Amaminithi angama-80
ISIQEPHU B: Amaminithi angama-40
ISIQEPHU C: Amaminithi angama-30
8. Bhala izinombolo zezimpendulo ngendlela ezihlelwe ngayo kuleli phepha.
9. Nikeza impendulo ngayinye isihloko esifanele.
10. Ungazibali izihloko lapho usubala inani lamagama omsebenzi wakho.
11. Bhala ngobunono nangesandla esifundekayo.
Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P3 3 DBE/UNhlaba/UNhlangulana 2024
SC/NSC Confidential
ISIQEPHU A: INDABA
UMBUZO 1
Khetha isihloko ESISODWA kwezilandelayo, ubhale ngaso indaba ibe ngamagama
ayi-190 kuya kwangama-240.
QAPHELA: Bhala uhlaka lwendaba yakho lube sekhasini lwalo lodwa.
1.1 Lesi Isibazi Esingasoze Saphola. [50]
1.2 Izinto Ezingilethela Injabulo. [50]
1.3 Impilo Iyisipho Esivela KuMdali. [50]
1.4 Ubuhle Nobubi Bomuntu Busuka Kuyena Ngaphakathi. [50]
1.5 Ukungazi Kufana Nokungaboni.
Uyavumelana noma uyaphikisana nalesi sihloko? [50]
Khetha isithombe ESISODWA kulezi ezilandelayo bese ubhala indaba. Bhala inombolo
yombuzo (1.6, 1.7 NOMA 1.8) bese uyinika isihloko indaba yakho.
QAPHELA: Indaba yakho mayihambisane nesithombe/nokwenzeka esithombeni.
1.6
[Sicashunwe ku-wwwgoogle.com] [50]
Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P3 4 DBE/UNhlaba/UNhlangulana 2024
SC/NSC Confidential
1.7
[Sicashunwe ku-wwwgoogle.com] [50]
1.8
[Sicashunwe ku-wwwgoogle.com] [50] 20242
AMAMAKI ESIQEPHU A: 50
Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P3 5 DBE/UNhlaba/UNhlangulana 2024
SC/NSC Confidential
ISIQEPHU B: IMIBHALO EMIDE EDLULISA IMIYALEZO
UMBUZO 2
Khetha isihloko ESISODWA kwezilandelayo, ubhale ngaso kube ngamagama
angama-80 kuya kwayi-100.
2.1 INCWADI YOBUNGANI
Sekuphele iminyaka eyi-6 waqeda enyuvesi kodwa umsebenzi awuwutholi.
Bhalela umngani wakho incwadi umcele ukuba niziqalele into ezoningenisela
imali. [30]
2.2 UMBIKO/IRIPHOTHI
Izimvula ezinkulu zishiye umonakalo omkhulu endaweni yangakini. Imenenja
yakwaMasipala ebhekene noMnyango weZinhlekelele (Natural Disasters) icele
ukuba uyibhalele umbiko/iriphothi mayelana nokwenzekile.
Bhala umbiko/iriphothi ozoyinika imenenja yakwaMasipala wendawo
yangakini. [30]
2.3 I-AJENDA NAMAMINITHI OMHLANGANO
Umfowenu omdala unezinsuku ezi-5 ahamba/anyamalala ekhaya. Senimfune
kuzo zonke izindawo kodwa animtholi. Ubaba wakho usecele umndeni ukuba
ube nomhlangano wokuxoxa ngokufanele kwenziwe.
Bhala i-ajenda namaminithi omhlangano njengoba becele wena ukuba ube
ngunobhala. [30]
2.4 INKULUMO ELUNGISELELWE
Isikole sakho sizobe sigubha Usuku Lolimi Lwebele (World Mother Tongue
Day). Ukhethwe/uqokwe ukuba wethule inkulumo ngokubaluleka kokukhuluma
nokuziqhenya ngolimi lwakho.
Bhala inkulumo elungiselelwe ozoyethula ngalolu suku. [30]
AMAMAKI ESIQEPHU B: 30
Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P3 6 DBE/UNhlaba/UNhlangulana 2024
SC/NSC Confidential
ISIQEPHU C: IMIBHALO EMIFISHANE EDLULISA IMIYALEZO
UMBUZO 3
Khetha isihloko ESISODWA kwezilandelayo, ubhale ngaso kube ngamagama
angama-60 kuya kwangama-80.
3.1 IPHOSTA
Uvule isitolo esidayisa izibuko zamehlo ezinhlobonhlobo.
Bhala iphosta ukuze abantu beze esitolo sakho. [20]
3.2 IDAYARI
Ugogo wakho uzobe ehlanganisa iminyaka engama-90. Ningabazukulu bakhe
nifuna ukumenzela umcimbi wokumbonga ngakho konke anenzele kona.
Bhala idayari ngamalungiselelo enizowenza kusukela ngoLwesithathu kuze
kube usuku lomcimbi oluzoba ngoMgqibelo. [20]
3.3 INKOMBANDLELA
Buka umdwebo osekhasini elilandelayo bese ubhala inkombandlela
ozoyinika umshayeli ozokulandela umngani wakho eSakhile Airport emletha
KwaSishi Home elandela imicibisholo. Umtshele aqaphele ngoba amagama
emigwaqo awakafakwa.
Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengeza (FAL)/P3 7 DBE/UNhlaba/UNhlangulana 2024
SC/NSC Confidential
Eyethu Hotel Beka Storages
Try Life Offices
ULWANDLE HIGH
Lulu Furniture Shop
KwaSishi Home
SIYAKHA HP
[Sicashunwe ku-wwwgoogle.com] [20]
AMAMAKI ESIQEPHU C: 20
AMAMAKI ESEWONKE: 100
Akuvumelekile ukukopisha leli phepha