PINETOWN DISTRICT
IPHEPHA LOKUQALA
UMBUZO 5: IZAKHIWO NEZIMISO ZOKUSETSHENZISWA KOLIMI
Funda lesi siqeshana esingezansi bese uphendula imibuzo elandelayo.
UMBHALO F
IZINDAWO ZOKUHLALA IZAGUGA
Indlela okubukwa ngayo ukuhanjiswa kwabantu abadala ukuba bayohlala ezindaweni
zezaguga iyinto engajwayelekile kithina ndlu emnyama. Lesi senzo asiyona inkinga
kwezinye izinhlanga. Kubelungu kuwumkhuba omuhle nje nothakaselwayo ukuba
izaguga ziyohlala ndawonye ngoba zithola ukuxoxa ngokukhululeka nabantu
abalingana nazo. 5
Lezi zindawo ziyanakekelwa. Izaguga zinakekelwa ngokudla ezikudlayo kanye
namaphilisi eziwaphuzayo ezifo eziphathelene nokuguga. Eqinisweni abantu
abamnyama abayingeni eyokuhambisa abantu abadala kulezi zindawo. Bazitshela
ukuthi usuke usumlahla umzali wakho, kanti lutho olubaziwe. Eminye imindeni
ayikwazi ukuhambisa izaguga ngoba imali kapoyinandi yiyona esuke ixosha ikati eziko. 10
Ukuhamba komuntu omdala kusho ukulahleka kwesinkwa ebesitholakala ekhaya.
Akukuhle ukubona abantu abasha bethanda izaguga ngoba befuna imali yazo.
Bazinakekela uma sekusondela usuku lokuyohola impesheni ukuze kubukeke engathi
bayazithanda. Bayakhohlwa ukuthi ukwenza kuya emuva kuye phambili. Impilo
yesimanje iyashesha. Ifuna wonke umuntu ukuba avuke azenzele. Uma abantu 15
bebona ukuthi bangahluleka ukuhlala nomuntu omdala, ikhona indawo lapho engaphila
kangcono khona. Kanti uma befuna ukuhlala naye, abamthande nje kwaphela, hhayi
ukuthanda imali yakhe.
[Umbhalo wokuzisungulela]
5.1 Tomula ibizo elimqondomningi elitholakala emgqeni woku-1. Phinda
ulisebenzise lelo bizo emshweni ozakhele wona seliqukethe omunye
umqondo. (2)
5.2 Nikeza umsebenzi wegama elibhalwe ngokugqamile elitholakala esigabeni
sokuqala. (1)
5.3 Nikeza umqondo oqukekethwe isakhi esidwetshelwe esitholakala emgqeni
wesi-6. (1)
5.4 Igama ikati elisemgqeni we-10 livamise ukusetshenziswa lihambisana nelinye
igama lesilwane ukwakha isimo sokukhuluma. Nikeza leso simo sokukhuluma
bese usisebenzisa emshweni ozakhele wona ukukhombisa ukuthi incazelo
yaso uyayiqonda. (2)
Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
1|Page
5.5 Khetha isaga esingashayi emhlolweni kulezi ezilandelayo:
Amagama adwetshelwe atholakala emgqeni we-15 ayincazelo yezaga
ezikhombisa ukuba umuntu avuke azenzele ...
A isikhova sidla amehlo aso.
B imbila yaswela umsila ngokuyalezela.
C akukho nkwali yaphandela enye.
D indoda ifela ezinkomeni. (1)
5.6 Phinda ubhale lo musho obhalwe ngokugqamile esigabeni sokugcina
usukhomba ukuphika/ukulandula. (1)
5.7 Igama elibhalwe ngokugqamile esigabeni sesibili linikeza umqondo
ogudliselayo kulo musho elikuwo. Phinda ulisebenzise leli gama emshweni
ozakhele wona selikhombisa ukuthi ligudliselani. (2)
[10]
2|Page
UMHLAHLANDLELA WOKUMAKA
UMBUZO 5: IZAKHIWO NEZIMISO ZOKUSETSHENZISWA KOLIMI
5.1 Indlela√- Indlela okuhanjwa ngayo uma uya ekhaya yinhle.√ (2)
(Neminye imisho enembayo iyokwamukelwa.)
5.2 Lichaza uSobizo/liyachaza .√ (1)
5.3 Isakhi esiveza umqondo wento eyenzeka manje futhi eqhubekayo.√ (1)
5.4 Inja nekati/ikati negundane√- ULanga benoThakazela ababhekani bayinja
nekati/bayikati negundane. √
(Neminye imisho enembayo iyokwamukelwa.) (2)
5.5 D/Indoda ifela ezinkomeni.√ (1)
5.6 Impilo yesimanje ayisheshi.√ (1)
5.7 Isinkwa sigudlisela ukudla/izidingo/usizo.
Ukuhamba kukamama kusho ukuphela kokudla.√√ (2)
(Neminye imisho enembayo iyokwamukelwa.) [10]
3|Page
UMBUZO 5: IZAKHIWO NEZIMISO ZOKUSETSHENZISWA KOLIMI
Funda lesi siqeshana esingezansi bese uphendula imibuzo elandelayo.
UMBHALO G
KUHLE UKUHAMBISANA NEZIKHATHI
Inyanga kaZibandlela ibikezela ukuthi sekuyisikhathi sonyaka lapho wonke umuntu
elungiselela isikhathi sokuyohlaba ikhefu emakhaya. Komakoti abasebancane
abaganele emakhaya abasifisi nhlobo lesi sikhathi. Phela kubona kusho ukuvuka
entathakusa babase umlilo, bageze izitsha, bapheke indlakuseni.
Ngalesi sikhathi imicimbi isuke ithe chithi saka omakoti bengena ngomkhono 5
nesiphanga. Ungafunga ukuthi umsebenzi abawenzayo bazokhokhelwa itshe lemali.
Umakoti uma kusukela ekuseni lize liyozilahla kunina. Amaholide abethi uzowachitha
ekhaya aphela engazange aphumule nhlobo ngoba emzini bebebheke yena
emehlweni.
Kwezinye izindawo ezisemakhaya sekuqalwe izinhlangano ezilekelela omakoti 10
ikakhulukazi ngaleso sikhathi sonyaka uma kunemicimbi. Bayafika benze konke
obekufanele kwenziwe umakoti njengokupheka amabhodwe amakhulu amnyama
esintu, ukuphaka nokugeza izitsha. Konke lokhu kwethula umthwalo emahlombe
kamakoti. Lezi zinhlangano abanye basemzini abazenameli ngoba bathi zigqugquzela
ubuvila komakoti. 15
Omakoti bayayiphika eyobuvila bama ngokuthi bona bayasebenza futhi bayayithanda
inqubo yesintu namasiko. Bayakuqonda ukuthi bona bawumgogodla wenhlalo
yasekhaya. Izikhathi ziyaguquka kanjalo nabantu basemzini abakuvumele ukuguquka
kwezikhathi ikakhulukazi ngokulindeleke komakoti.
[Icashunwe kuDrum, November 2019, yabuye yahlelwa kabusha]
5.1 Sebenzisa igama elibhalwe ngokugqamile emshweni ozakhele wona
elitholakala emigqeni woku-1 selikhomba ukunciphisa. (2)
5.2 Nikeza isimo sokukhuluma esinembayo esihambisana negama elidwetshelwe
elitholakala emgqeni wesi-4.
Sisebenzise lesi simo sokukhuluma emshweni ozakhele wona ukukhombisa
ukuthi uyayiqonda incazelo yaso. (2)
5.3 Sebenzisa igama elibhalwe ngokugqamile elitholakala emgqeni wesi-6
emshweni ozakhele wona seliqukethe umqondo owehlukile kunalo otholakala
esiqeshini. (2)
5.4 Chaza umqondo oqukethwe igama elidwetshelwe emqgeni we-13. (1)
Akuvunyelwe ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
4|Page
5.5 Nikeza igama elinencazelo engahambisani naleli elibhalwe
ngokugqamile elitholakala emgqeni we-15.
A Indalakaxa
B Umbulukundlu
C Ukwenqena
D Impuqumpuqu (1)
5.6 Ncoma ukusetshenziswa kolimi olunxenxayo esigejaneni samazwi
adwetshelwe atholakala esigabeni sokugcina. (2)
[10]
5|Page
UMHLAHLANDLELA
UMBUZO 5: IZAKHIWO NEZIMISO ZOKUSETSHENZISWA KOLIMI
5.1 Umuntu = umntwana
Udadewethu uthole umntwana wentombazane.√√
(Neminye imisho enembayo iyokwamukelwa) (2)
5.2 Kusempondozankomo/kusempondozamnenke/kusantwelaezansi/
ngovivi.√
Ukuvuka kusempondozankomo kujwayelekile kubantu abakhuthele.√
(Neminye imisho enembayo iyokwamukelwa) (2)
5.3 Ugogo uhlabe imbuzi yokwenza umsebenzi wokukhuluma nabangasekho.√√
(Neminye imisho enembayo iyokwamukelwa) (2)
5.4 Umqondo wokudidiyela/wokuhlanganisa/ukuqoqela ndawonye/ubuningi
bomsebenzi.√ (1)
5.5 D/impuqumpuqu √ (1)
5.6 Ulimi olunxenxayo lusetshenziswe kahle ngoba lunxenxa abasemzini/
omamezala ukuba baguqule imiqondo yabo ngobudlelwano phakathi kwabo
nomakoti, babaphathe kahle ngoba nabo bangabantu.√√ (2)
[10]
6|Page
UMBUZO 5: IZAKHIWO NEZIMISO ZOKUSETSHENZISWA
KOLIMI Funda lesi siqeshana esingezansi bese uphendula
imibuzo elandelayo. UMBHALO F
BUNGAMANGA UBUKHAZIKHAZI OBUVEZWA 'NGAMAQOLA' EFOREX
Ukuhweba nge-Forex Exchange kungenye indlela yezimboni zokuhweba ngenkece enobungozi
kakhulu. Uma ungenalo ulwazi olwanele lokuhweba ungazithola usulahlekelwa yimali yonke.
Isibalo sabantu abaphumelele kulo mkhakha sincane kakhulu. Iningi labantu liyehluleka
ukuphumelela ngenxa yokuthi kulula ukungena kuwo. Lokhu kwenziwa ukuthi i-akhawunti
yokungena itholakala kalula ku-inthanethi. 5
Abantu abaningi bayaheheka kwezokuhweba ngenxa yokubona ubukhazikhazi obungamanga
obungathi buphilwa ngabahweba i-Forex. Bakushaya ngemfe iphindiwe. Kusuke kuyindlela
yokulutha umphakathi ngoba maningi amaqola kwezokuhweba.
Uma ukhangwa yizithombe zempilo ephezulu abenza sengathi bayayiphila laba bantu, yazi
ukuthi yimpilo nje engekho leyo. Akusilona iqiniso lelo ngoba kunzima lapha 10 ekuhwebeni.
Kunjalo nje ayikho imali esheshayo ngaphandle kokushesha ulahlekelwe yimali.
Ngakho-ke akwanele ukuba nomakhalekhukhwini, nekhompyutha kanye namadata kuphela.
Udinga ulwazi olujulile olungakusiza ukuze uphumelele kwezokuhweba. Izikhangisi eziningi
ezisezinkundleni zokuxhumana azilona iqiniso. Kubalulekile 15 ukubheka izikhungo
ezisemthethweni ezinjenge-South African Financial Education Academy ezibalwa
nezihamba phambili ezweni.
[Icashunwe ephepheni ILANGA LANGESONTO, 15 Agasti 2021, yabuye yahlelwa kabusha]
5.1 Nikeza incazelo yegama elibhalwe ngokugqamile emgqeni woku-1. (1)
5.2 Phinda ubhale lo musho odwetshelwe emgqeni wesi-2 kuya kowesi-3
usukhomba ubuningi. (2)
5.3 Yishoukuthiigamaelibhalwengokugqamileemgqeni wesi-5
lisetshenziselweni kulo musho. (1)
5.4 Kungani kusetshenziswe isimo sokukhuluma esidwetshelwe esitholakala
emgqeni wesi-7? (2)
5.5 Nikeza igama elenze umsebenzi wokulandisa elitholakala emgqeni wesi-6
emshweni obhalwe ngokugqamile. (1)
5.6 Khipha imisho eqondile etholakala kulo musho ombaxa osemgqeni we-10
kuya kowe-11. (2)
5.7 Bhala i-akhronimi yamagama abhalwe ngokugqamile atholakala emgqeni we-
16 kuya kowe-17. (1)
[10]
7|Page
UMBUZO 5: IZAKHIWO NEZIMISO ZOKUSETSHENZISWA KOLIMI
5.1 Incazelo yegama elibhalwe ngokugqamile emgqeni woku-1 lihlonipha igama
ngemali.√ (1)
5.2 Uma ningenalo ulwazi olwanele lokuhweba ningazithola senilahlekelwa
yimali yonke.√√ (2)
5.3 Lisetshenziselwe ukuchaza ibizo i-akhawunti / liyachaza.√ (1)
5.4 Lesi simo sokukhuluma sisetshenziselwe ukuxwayisa / ukuqwashisa / ukuvula
abantu amehlo abantu abafuna ukuhweba nge-FOREX ukuthi kungamanga
lobu bukhazikhazi abathi bayabuphila. √√ (2)
5.5 Bayaheheka√ (1)
5.6 Akusilona iqiniso lelo.√
Kunzima lapha ekuhwebeni.√ (2)
5.7 SAFEA/SAFEAC√ (1)
[10]
8|Page
UMBUZO 5: IZAKHIWO NEZIMISO ZOKUSETSHENZISWA KOLIMI
Funda lesi siqeshana esingezansi bese uphendula imibuzo elandelayo.
UMBHALO F
EZOBUCHWEPHESHE ZIWUSIZO OLUKHULU EMPHAKATHINI
Isikhathi esikuso emhlabeni siyaphoqa ukuba wonke umuntu aguqule indlela aphila
ngayo. Impilo isincike kakhulu kwezobuchwepheshe besimanje. Phambilini
bekuchithwa imali eningi kukhokhelwa izindleko zokuyothamela imihlangano noma
imibungazo ethile. Lokhu kwakuvamise ukuba kuholele ekutheni kuvalwe ngehlahla
kweminye imizi uma kuthuke kwenzeka ingozi. Kulesi sikhathi sekulula ukwenza 5
yonke le mibungazo kungazange kunyakaze muntu esuka endaweni ahlala kuyo
eya lapho kusindwe khona ngobethole.
Izinkundla zokuxhumana ziyakwazi ukuzihlanganisa zonke lezi zindawo. Akekho
obazi ukuthi ezokuxhumana zingathuthuka ngalesi sivinini zenze ukuba impilo ibe
lula. Abantu abadala bayasho ukuthi ukuwa kwenye indlu ukuvuka kwenye. 10
Ngesikhathi esizayo kuyophoqeleka ukuthi wonke umuntu akwazi ukusebenzisa
lobu buchwepheshe ngisho kungathiwa isalukazi esingakanani. Kuyadingeka
ukuba abantu bangahambeli kude nolwazi lwezokuxhumana ukuze bezokwazi
ukusebenza futhi bazenzele izinto ezithile. Ukuhambela kude kuhle kwelanga
lasebusika kungakwenza uzithole usushaywe ngemfe iphindiwe ngoba baningi 15
osomaqhinga nosomathuba abangagcina sebekuqola ngakho njalo ukungazijwayezi
ukusebenzisa ubuchwepheshe obusha kwezokuxhumana.
[Umbhalo wokuzisungulela]
5.1 Nikeza igama eliyisihlonipho saleli elibhalwe ngokugqamile elitholakala
emgqeni wokuqala. (1)
5.2 Sebenzisa igama elidwetshelwe elitholakala emgqeni wesi-6 selisendleleni
esabizo emshweni ozakhele wona. (2)
5.3 Shono ukuthi igama elibhalwe ngokugqamile elitholakala emgqeni wesi-9
lenze msebenzi muni. (1)
5.4 Phinda ubhale isigejana samagama abhalwe ngokugqamile atholakala
emgqeni we-10 sesikhomba ubunye. (2)
5.5 Nciphisa igama elibhalwe ngokugqamile elitholakala emgqeni we-12. Phinda
ulisebenzise emshweni ozakhele wona selikhomba ukuteketisa. (2)
5.6 Sebenzisa isimo sokukhuluma esitholakala emgqeni we-15 emshweni
ozakhele wona ukhombise ukuthi uyayiqonda incazelo yaso. (2)
[10]
9|Page
UMBUZO 5: IZAKHIWO NEZIMISO ZOKUSETSHENZISWA KOLIMI
5.1 Inyathuko /√ (1)
5.2 Ukusuka endaweni owazalelwa kuyona kudala izinkinga eziningi. √√ (2)
(Imisho iyokwehluka)
5.3 Liyalandisa √ (1)
5.4 Umuntu omdala uyasho ukuthi ukuwa komunye umuzi ukuvuka komunye/
Umuntu omdala uyasho… √√ (2)
5.5 Isalukazana√ Ngisithengele isipho sokuzalwa isalukazana sami. √ (2)
[Neminye imisho enembayo]
5.6 Ungazithola usushaywe ngemfe iphindiwe uma ucabanga ukuthi iGoli
uyalazi.√√ (2)
[Neminye imisho enembayo]
[10]
10 | P a g e
UMBUZO 5: IZAKHIWO NEZIMISO ZOKUSETSHENZISWA
KOLIMI Funda lesi siqeshana esingezansi bese uphendula
imibuzo elandelayo. UMBHALO F
UKUNGCWEKA
Ukungcweka ngumdlalo omnandi kakhulu lapho izinsizwa zizwana khona amandla.
Zisuke zingenanxa nalowo ezingcwekisana naye kodwa ziqinisana ukhakhayi ukuze
zizohloniphana, kwaziwe ukuthi ubani ingqwele. Insizwa kumele iqinelwe ukhakhayi
ukuze ingabi lula uma ihlangene nezinye izinsizwa. Ingazitholaphi izibongo insizwa
uma ingumnqolo ogumbetsheni umachoba izintwala zikanina? Izibongo akuyona into 5
olala ungenayo uvuke ekuseni usunayo kodwa zingamagalelo akho obuqhawe.
Izibongo zensizwa zisuke zichaza imivimbo enayo emzimbeni eyithole kade ilwa, ivika,
ithubeleza kunzima.
Ukuba nezibongo eziningi ukuthola ekungcwekeni ngoba usuke usufana nenkunzi
emidwayidwa. Noma bengakubhaxabula kanjani ezimbanjeni kodwa ikhanda ngeke 10
balinuke uma uyiqhawe ngoba uzobe ulivikela ngazo zonke izindlela. Uma sekuphelile
ukungcweka akukho muntu obambela omunye igqubu. Phela izinsizwa amabhubesi,
ziyaphelezelana zifike zigezane igazi emfuleni. Hhiya Zulu, kusuke kungempi phela
kodwa kusuke kungcwekwa nje.
[Umbhalo wokuziqambela]
5.1 Nikeza igama elenze umsebenzi wokuchaza emgqeni woku-1. (1)
5.2 Sebenzisa igama elingumqondophika kuleli elidwetshelwe emshweni
ozakhele wona. (2)
5.3 Shono ukuthi le thekisthi eyisiqeshana ihleleke kanjani.
Khetha impendulo enembayo kulezi ezilandelayo:
A Iyachaza
B Iyaqhathanisa
C Iyayalela
D Iyehlukanisa (1)
5.4 Bhala imisho EMIBILI eqondile eyakhe umusho ombaxa osemgqeni wesi-9
nowe-10. (2)
5.5 Shono ukuthi isakhi esibhalwe ngokugqamile sisetshenziselweni. (1)
5.6 Phinda ubhale umusho osemgqeni wesi-7 kuya kowesi-8 unciphise igama
elingundaweni. (1)
5.7 Hlaziya ukuthi isifengqo esitholakala emgqeni wesi-9 kuya kowe-10
sisetshenzisweleni. (2)
[10]
11 | P a g e
UMBUZO 5: IZAKHIWO NEZIMISO ZOKUSETSHENZISWA KOLIMI
5.1 Omnandi. (1)
5.2 Namuhla balishayile ivaka/igwala alikwazanga ukubaleka.√
(Neminye imisho enembayo.) (2)
5.3 A/iyachaza. (1)
5.4 Ukuba nezibongo eziningi ukuthola ekungcwekeni.√
Usuke usufana nenkunzi emidwayidwa.√ (2)
5.5 Isakhi sisetshenziselwe ukuveza umqondo wokwenzela. (1)
5.6 Phela izinsizwa amabhubesi, ziyaphelezelana zifike zigezane igazi
emfudlaneni. (1)
5.7 Lesi sifengqo, usufana nenkunzi emidwayidwa, sisetshenziselwe ukugqamisa
ubuqhawe bensizwa esihlabene kakhulu emidlalweni yenduku.√√ (2)
[10]
12 | P a g e
UMBUZO 5: UHLELO NOKUSETSHENZISWA KOLIMI
Funda lesi siqeshana esingezansi bese uphendula imibuzo elandelayo.
UMBHALO F
IZAGA NEZISHO ZIYANONGA INKULUMO
1 Izaga zenza inkulumo ibe mnandi, ikhanye, ishelele. Kuthi noma lowo oyixoxa
eyinonga ngezaga indaba yakhe, izwakale ihlabahlosile. Ithi, ‘ngilalele!”
Nababhali uma sebekhipha amangwevu okubhala, uyobabona
ngokusebenzisa izaga nezisho zolimi. “Ukwanda kwaliwa umthakathi”, uma
umuntu ebonga ngokuthile omenzele khona noma omuphe khona. “Akukho qili 5
lazikhotha emhlane!” Uma lowo engakwazanga ukunyonka, waze wabhajwa
esifeni ethi yena uhlakaniphile kanti kabuzanga elangeni. Zonke ziyakhuluma
zixoxa indaba ngokwazo futhi zinothisa ulimi olukhulunywayo.
2 Namanje izaga nezisho zisasungulwa, ngoba phela impilo yinto ehlala ikhona,
edla ngokuguquguquka. Ezamanje sezikhomba izinto zamanje, njengokuthi nje: 10
“Useshwawuza nje sengathi ushiswa yizambane emlonyeni”. UMnumzane
uMsweli osebenza emsakazweni uKhozi owethula isimo sezemigwaqo usenze
lwathandeka uLimi LwesiZulu. Uyaye uzwe esebika ethi, “Ungabe usahamba
kulowo mgqaqo ngoba sekukhona esiphonse imithwalo”. Isizwe esithanda
uLimi lwaso sinjengesikhukhukazi sifukamele amatshwele aso. 15
[Umbhalo wokuziqambela]
5.1 Nikeza igama elidwetshwele emgqeni woku-1 selisetshenziselwe (1)
ukukhomba ubunye.
5.2 Shono igama elimqondofana naleli elidwetshelwe emgqeni wesi-2. (1)
5.3 Igama elibhalwe ngokugqamile emgqeni wesi-3 lisetshenzisweleni? (1)
5.4 Bhala igama elidwetshelwe emgqeni wesi-8 emshweni ozakhele wona (2)
selikhomba ukuphika.
5.5 Shono ukuthi isimo sokukhuluma esidwetshelwe esigabeni sesi-2
sisetshenziswe ukuchaza lokhu okulandelayo:
Khetha impendulo eshaya emhlolweni kulezi ezilandelayo:
A. Ukungakwazi ukukhuluma.
B. Ukupholisa inkulumo.
C. Ukukhohlisa umuntu.
D. Ukuthula ungakhulumi. (1)
5.6 Guqula inkulumo esemgqeni we-13 kuya kowe-15 ibe yinkulumo mbiko. (2)
5.7 Igama elibhalwe ngokugqamile emshweni we-15 lisetshenziselweni kule (2)
ndatshana.
[10]
13 | P a g e
UMBUZO 5
5.1 Isaga. (1)
5.2 Imnandi. (1)
5.3 Lisetshenziselwe ukugqamisa amandla/ikhono elenziwa ababhali. (1)
5.4 Azikhulumi izingane uma ubuza imibuzo ekilasini.
(Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwemukeleka)
(2)
5.5 A/ Ukungakwazi ukukhuluma. (1)
5.6 Ungabe usahamba kulowo mgwaqo ngoba sekukhona esiphonse imithwalo, kusho
uMnumzane Msweli. /UMnumzane Msweli uyaye ethethi, ungabe usahamba kulowo
mgwaqo ngoba sekukhona esiphonse imithwalo. (2)
5.7 Leli gama lisetshenziselwe ukufanisa isizwe esikhombisa uthando nesikhukhukazi
esifukamele amatshwele aso kanjalo nesizwe sinakekela ulimi lwaso. (2)
14 | P a g e
UMBUZO 5: IZAKHIWO NEZIMISO ZOKUSETSHENZISWA KOLIMI
Funda lesi siqeshana esingezansi bese uphendula imibuzo elandelayo.
UMBHALO F
UKUNGENA ESIBAYENI
1 Isibaya indawo engcwele nebalulekile ngesintu sethu,
ikakhulukazi kumaZulu. Yilapho amathongo nezinyanya zomuzi zihleli
khona. Akungeni noma ubani kuso, ikakhulukazi abesifazane. Lokhu
kubonisa inhlonipho kwabadala ekhaya asebaphumula. Isintu
siyakholelwa ukuthi basaphila yibo ababheke ekhaya noma ababheke 5
isizwe. Kukho konke okuhle okubavelele njalo bakuphiwa yibo abalele
esibayeni.
2
Kuyisiko uma iNkosi izobekwa ukuthi ingene esibayeni ukuyogonqa,
ikhothwe izinyanya ziyiphe amandla ngaphambi komgidi wokubekwa
kwayo. Umcimbi obalulekile lo ngesizulu. Kuyahlonishwa akungeni noma 10
ubani esibayeni, kungena kuphela labo abaseduze
neNkosi nomndeni.Ngisho umnumzane ongusaziwayo
akavunyelwa. Kuyimfihlo-ke okwenzeka khona akukhona
okwabafokazana. Kududuza
abantu beNkosi kulethe nethemba lokuthi izinsizi 15
nezinhlupheko zizoshabalala njengamazolo ebona ilanga.
INkosi iphuma lapho isinamandla nokuzethemba ukuthi izokwazi
3 ukuphatha isizwe ngamandla ewanikwe izinyandezulu zesizwe.
Ukungena esibayeni kuligugu kuMzulu. Yingakho uma intombi iphuma
iyogana iholwa nguyise ayidlulise esibayeni ukuze ayicelele ukuba 20
ihambe kahle ifukanyelwe amathongo alowo muzi. Noma
kunomkhuhlane ohlasele ikhaya noma isizwe umnumzane noma inkosi
iphikelela khona esibayeni ukuyokhuza lolo dungunyana. Isibaya sifana
nethempeli lekhaya lapho uma kukhona okungabonakali kahle usokhaya
ayobika khona ecela abadala bakhuze umhlola. Uma ungakhuzwanga
umhlola ikhaya noma isizwe siyabhubha.
[Umbhalo wokuziqambela ngocwaningo]
5.1 Shono ukuthi isakhi esidwetshelwe emgqeni woku-1 sisetshenzisweleni. (1)
5.2 Igama elidwetshelwe emgqeni wesi-2 lisetshenzisweleni? (1)
5.3 Bhala isifinyezo segama elidwetshelwe esigabeni sesi-2. (1)
5.4 Tomula umusho okhombisa ubudlelwano phakathi kwenkolo kanye nolimi
esigabeni sokugcina. (1)
5.5 Shono ukuthi le thekisthi engenhla ihleleke kanjani.
15 | P a g e
Khetha impendulo eshaya emhlolweni kulezi ezilandelayo:
A. Iyalandisa
B. Iyaqhathanisa
C. Iyachaza
D. Iyafundisa (1)
5.6 Isimo sokukhuluma esidwetshelwe esitholakala emgqeni we-19
sisetshenziselweni? (1)
5.7 Sebenzisa leli gama elibhalwe ngokugqamile emshweni ozakhele wona
linikeze incazelo ehlukile kunale esendabeni. (2)
5.8 Emshweni obhalwe ngokugqamile, bhala imisho emibili eqondile. (2)
[10]
16 | P a g e
UMHLAHLANDLELA WOKUMAKA
UMBUZO 5
5.1 Asetshenziselwe ukugqamisa isimo sempilo senkathi edlule. (1)
5.2 Amadambi/ amagcumane/amayiwane. (1)
5.3 Ayengazihlanganisi- ayezihlanganisa (2)
Amantombazane ayezihlanganisa nabafana ukucula ingoma.
5.4 Kumele into uyibuke amacala onke ungachemi. (2)
5.5 D/ Umhluzi. (1)
5.6 Lesi sakhi sisetshenziselwe ukuveza indlela ayayilekelela abantu besimame
ukuze baphile / ukukhomba isimo. (1)
5.7 • Umusho omkhulu-Ubhontshisi nawo babewuvuna, womiswe.
• Umshwana okhonzile okhomba isizathu-Ukuze uphekwe wodwa noma
ufakwe esitambini. (2)
17 | P a g e