Bengithi Lizokuna (Ngwane Kuhlekonke)
Bengithi Lizokuna (Ngwane Kuhlekonke)
NAKANJANI G. SIBIYA
AMASU OKUHLUZA INOVELI YEBANGA
LE-12
SIYAKwAMUKELA EKUBUYEKEZENI
IpHEpHA LESI-2
[email protected] 1
OKUQUKETHwE:
[email protected] 2
UKUHLAZIYA ISIHLOKO SALENOVELI: BENGITHI
LIZOKUNA
• Ukuna kwemvula kuyinto enhle. Kuyinto ethakaselwa uwonkewonke kwazise
iletha ithemba elisha kubantu. Lelo ithemba lesivuno esihle, ukuqhakaza
kwezimbali, ukuhluma kotshani, ukuthamba komhlabathi okungenza kubelula
ukwakha nokutshala, kanye nokukhombisa ukuthi uNkulunkulu
usasifukamele. Wonke umuntu uma kunokuthize akufisayo uhlalela
ethembeni lokuthi kuzokwenzeka. Isihloko esithi ‘Bengithi Lizokuna’ sichaza
ukuthi benginesifiso sokuphumelela / ithemba lokuphumelela. Lesi sihloko
sihambisana kahle kakhulu nale noveli kwazise sithola cishe bonke
abalingiswa abaqavile/abasemqoka bebenezifiso zokuphumelela
kwabazifisela khona. Kodwa cishe bonke aziphumeleli izifiso zabo.Lokho-ke
kubenza bafaneleke ukuphimisa amazwi athi ‘Bengithi Lizokuna’.
[email protected] 3
INDIKIMBA YENOVELI: BENGITHI LIZOKUNA
• Indikimba umongo walokho inoveli ekhuluma ngakho. Ngamanye amazwi indikimba yilokho
okusukumisa umbhali athathe usiba lwakhe ajule ngengqondo, acwecwe ulimi, apenapene
maqede kuphume inoveli. Kuyenzeka zibe khona ezinye izindikimbana ezithintekayo
enovelini kepha lezo azibathinti bonke abalingiswa.
• Indikimba yangempela ileyo ethinta cishe bonke abalingiswa ikakhulukazi abaqavile.
Yingakho sithi le noveli inendikimba yothando/yethemba. Uthando lubathinta cishe bonke
abalingiswa abasemqoka. UMhlengi udliwa uthando analo ngabantu abanobulili obufana
nobakhe aqala ngokuthi ashintshe ubulili abengowesifazane kungakhathalekile ukuthi uyise
uNgidi nesithandwa sakhe uNontobeko bazozizwa kanjani ngaleso senzo sakhe. UNgidi
uphenduka umayedwa ukhulisa indodana yakhe engaganiwe ngenxa yothando analo
ngoMhlengi. UNontobeko ubalekela ukushada noNkululeko weqa amagquma namathafa
uyofuna uMhlengi ngenxa yothando. UNkululeko uyazilengisa ufa ujuqu ngenxa yothando
lukaNontobeko. UNdumiso uphenduka isigebengu untshontsha imali kaNgidi ngenxa
yothando lukaMahlengi. UXolani ulandela uMahlengi kuze kusha nezingane zakhe ngenxa
yothando. Singabala sifikephi!
[email protected] 4
ISAKHIwO SENOVELI: BENGITHI LIZOKUNA
• Isakhiwo sisazisa ngokubumbeka kwenoveli kusukela esingenisweni kuya emzimbeni kuze kuyofika
esiphethweni.
• ISINGENISO: Kule noveli sethulelwe umlingiswa omkhulu uMhlengi / Mahlengi ebhekene nenkinga
yokuzithola ethanda abantu abanobulili obufana nobakhe. Sethulelwa yena edolobheni laseThekwini,
enkathini yamanje lapho abantu sebekwazi ukushintsha ubulili. Isimo senhlalo asisihle neze kwazise
baningi abalingiswa abazuzayo ebudodeni bakhe abazothikamezeka uma ebushintsha.
• UMZIMBA : Lapha sibona uMhlengi eqhamuka nezindlela zokuzama ukuxazulula inkinga yakhe
okumbandakanya ukundiza aye eKapa ukuyoshintsha ubulili bakhe. Lokhu kushaya kuzwele kuNgidi
osefana nolahlekelwe indodana, kanye noNontobeko oselahlekelwe isoka. Kulabo abambona
esengowesifazane kumbandakanya uNdumiso noXolani bathola ukuhlukumezeka okubangelwa
uthando lwakhe kuze kuchaphazeleka nalabo abasezimpilweni zabantu abanabo. Kuqubuka udweshu,
isixakaxaka, imibhinqo, ukuthuthuka kwesizinda, nezigameko zokuchitheka kwegazi.
• ISIPHETHO: Le noveli iphetha kuvuthondaba kanti iphetha ngengwijikhwebu. Uvuthondaba siluthola
lapho kuvela amaqiniso abefihliwe ngesimo sikaMhlengi /Mahlengi sobunkonkoni. Ukwenzeka
kwalokhu kuba ingwijikhwebu kwazise bonke abalingiswa bathola abebengakulindele ukuthi umuntu
onguMahlengi wayenguMhlengi, Lokhu kusishiya nesifundo esithi ‘akukho okufihliweyo
okungeyikumbululwa’ nezinye.
[email protected] 5
UKUVEZwA KwABALINGISwA BENOVELI
UMHLENGI/UMAHLENGI UNONTOBEKO
Ungungqingili- Simthola ethandana nabantu Unothando- Simthola ebanothando olungapheli
abanobulili obufana nobakhe. ngoMhlengi yize esemalile.
Akathembekile, Ubhangqa uNdumiso noXolani. Muhle- Ubuhle bakhe bunconywa uNgidi
Unguthathekile, Uthanda uXolani ngosuku lokuqala noNkululeko.
bebonene. U n eq i n i so - Wak w az i uk w az i s a u N k u l u l e k o
Ungusomabhizinisi -Sithola ukuthi unebhizinisi ngaphambi komshado ukuthi ucu alumlingani
lesaluni nehhotela. (uyahluleka ukuqhubeka npmshado).
Uhlanzekile-Siyalandiswa ngenhlanzeko yakhe Uyaphokophela kwakholelwa kukho. Wenza
namakha abizayo nanuka kahle awasebenzisayo. ngakho konke okusemandleni ukuthola uMhlengi
akholelwa ukuthi uwubambo lwakhe.
Uyinjinga-Unamabhizinisi, uhlala efulethini elibizayo,
unemoto, unanezindodla zokuyoshintsha ubulili. Uzicabangela yena yedwa - Kwabalula kuye
ukulahla uNkululeko wakhohlwa ukuhlambalazeka
Unezimfihlo -Ufihlela uNontobeko, uNdumiso,
kuNkululeko nomndeni wakhe ababezobanakho.
noXolani ngesimo sakhe sobulili.
Uyathandeka-Uchaza uNgidi noNkululeko
bengakamazi ngisho isikhathi eside.
[email protected] 6
UKUVEZwA KwABALINGISwA ABASEMQOKA KUYAQHUBEKA
UNGIDI UNKULULEKO
Unothando: Wahlala engaganiwe ngoba ethanda Unothando: Uthanda uNontobeko uze uhlela
uMhlengi engafuni umamncane ozomhlupha. ukumshada besanda kuthandana.
Uyisicebi: Unepulazi, umuzi omuhle nemali eningi. Unguthathekile: Uthathwa uNontobeko eqala
Uyazehlisa: Simthola ezehlisa ecela uxolo ukumbona.
kuNomalanga emva kokuya eThekwini Unomoya omuhle:Ushayisa uNontobeko ngemoto
engamtshelanga. maqede umphuthumisa esibhedlela uyamnakekela.
Unguthathekile: Uthathwa uNontobeko eqala Akakwazi ukumelana nezimo ezinzima: Waliwa
ukumbona uyamzwela uyahamba uyofuna uNontobeko uqeda uyazi lengisa uyazibulala.
uMhlengi nomuntu angamazi. Unempatho: Wayengapheli esibhedlela ehlezi
Unenhliziyo enhle: Abasebenzi bakhe ubaphethe ezonakekela uNontobeko elimele.
kahle baze bazwelane naye uma esosizini. Unamanga: Uvuma ukuthi uyokwamukela uma
Unolaka: Uthukuthela uxosha uMhlengi uma ezwa uNontobeko esehluleka ukuthandana naye, uma
ngobungqingqili bakhe. sekwenzeka ukhala ezimathonsi uyazilengisa.
Ushesha athathe izinqumo: simthola exosha
indodana yakhe ngaphandle kokucabanga
umphumela walokho.
[email protected] 7
UKUVEZwA KwABALINGISwA KUSAQHUBEKA...
UXOLANI UNDUMISO
Unothando: Uthanda uMahlengi ngothando Unothando: Uthanda uMahlengi ngendlela yokuthi
olujulile okwenza aze ashelwe abantwana bakhe. uzama ngokusemandleni ukuthola imali
Akathembekile: Ubhangqa uLungile noMahlengi yokumshada.
ekuubeni eshadile. Unesikhwele: Ushaya uXolani ngenxa yesikhwele
Ungusomabhizinisi: Ungumphathi weThabekhulu anaso ngoMahlengi.
Courier Services. Akathembekile: Uhamba uyontshontsha imali
Unguthathekile:Uthathwa uMahlengi eqala kaNgidi akamazisi uMahlengi noSbu ngenqinga
ukumbona uze ucabanga nokudivosa uLungile. lakhe.
Ubudedengu:Ushiya izingane ezikhiyele zizezisha Uyisigebengu: Ungena kwaNgidi uzobamba
nendlu eyoqetha kwaMahlengi. inkunzi udubula noNyambose ujike uyabaleka.
Uyigwala: Ushaywa uNdumiso kabuhlungu Unesihluku: Ubopha uNgidi no-anti osizayo
akazami nokuzilwela. uyabathuka ngenkathi ezontshontsha.
Unamanga: Uqala uyaphika kuLungile ukuthi Unozwelo: Uqoka ukuyolanda uZakithi nakuba azi
useqonyiwe uze uvuma ngoba sekufe izingane ukuthi lokho kungamfaka encupheni njengoba
zakhe. ephuma kontshontsha.
[email protected] 8
ABALINGISwA ABANCANE ABABAMBE IQHAZA
• USBU -Utshela uNdumiso ngesicebi esihlala eGcilima esibeka imali endlini.
• UNYAMBOSE- ubamba iqhaza lokuvula isango lokungena izimoto epulazini likaNgidi eGcilima.
• UNGIDI WESIBILI- ubamba iqhaza ngokuyalela uNdumiso ukuba imuphi lo Ngidi amfunayo.
• UNOMALANGA- uyintombi kaNgidi uphinde uyamlekelela ukuyofuna uMhlengi ihlandla lesibili.
• USHEZI- ubambe iqhaza elikhulu lokuthola uMhlengi esenguMahlengi.
• UMANDLA- ubengumngani kaMhlengi, ubambe iqhaza lokufihla imfihlo kaMhlengi engamthseli
uNontobeko uma ebuza ngempilo esiphilwa uMhlengi.
• UMFOKA HLUMAYO- ubhambe iqhaza lokunikezela ngolwazi kuNdumiso ukuze eyoqola kwaNgidi.
• UZINHLE- ungudadewabo kaNkululeko ubambe iqhaza lokududuza uNkululeko emva kokushiywa
uNontobeko.
• UMAMA & UBABA KANKULULEKO- baduduza ingane yabo.
• UMUNTU OWABONA UNYAMBOSE: uyena owahlaba umkhosi wabiza abanye ngomonakalo
owawusudalekile ngoNyambose.
• ABAFANYANA ABASEBENZA EPULAZINI- babambe iqhaza lokuqaqa uNgidi no-Anti emva
kokuqolwa,
• nabanye abalingiswa njll.
[email protected] 9
UDwESHU, ISIZINDA, UMYALEZO
UDwESHU ISIZINDA
Udweshu singaluchaza njengokushayisana kwemibono Isizinda sendawo salendaba siyagcogcoma. Indaba iqala
phakathi komlingiswa nemicabango yakhe okanye edolobheni (eThekwini), ithuthele emakhaya (eGcilima),
phakathi kwabalingiswa ababili nangaphezulu. idlulele emarestorenti, emahhotela nakwezinye izindawo
UDWESHU LWANGAPHAKATHI eziningi abalingiswa abankanisa kuzo. Le ndaba yenzeka
NOLWANGAPHANDLE enkathini yamanje kunezimoto, isibhedlela
sobuchwepheshe, njll. Kuningi esingakubalula
Udweshu olutholakala kumlingiswa oyedwa nemicabango ukwesekela lokhu kumbandakanya ubuchwepheshe
yakhe silubiza ngolwangaphakathi, kanti oluphakathi bokushintsha ubulili, abamnyama abangosomabhizinisi
kwabalingiswa ababili kuya ngaphezulu silubiza abakhulu, izindawo zokungcebeleka eziningi, izimoto
ngolwangaphandle. nokunye. Isimo senhlalo siyaguquguquka. Cishe
Udweshu oluningi kulenoveli olwangaphakathi kanti kubalingiswa abaningi ziyafika izikhathi zenjabulo nalezo
lugqame kakhulu kubalingiswa abahlukahlukene lapho zosizi. Okuqaphelekayo ukuthi ubuhle nobubi benhlalo
bedlinza khona ngothando abathanda ngalo uMhlengi / kulenoveli buncike othandweni.
Mahlengi, nalapho uMhlengi / Mahlengi edlinza khona UMYALEZO/ISIFUNDO
ngothando athanda ngalo uXolani.
Miningi kakhulu imiyalezo nezifundo esingazifunda
Olwangaphandle nalo oluningi luthinta ukulwela noma kulenoveli. Ezinye zazo zithi ‘akukho okufihliwe
ukuxabana ngenxa kaMahlengi phakathi kukaXolani okungeyikumbulwa, amathanga ahlanzela
noNdumiso. Lolu dweshu lubamba elikhulu iqhaza bangenamabhodwe, ubungozi obungabangelwa izinqumo
ekuthuthukiseni indaba, ukushubisa izigameko nokwenza esizithathayo empilweni, uthando aluboni, akukho qili
indaba ihehe. lazikhotha emhlane neminye imiyalezo. 10
[email protected]
UKUFINGQA ISAHLUKO SANGApHAMBI KwENDABA
• Kulesi sahluko sethulelwa umlingiswa omkhulu uMhlengi Ngidi ebhekene nenkinga yokuthanda abantu
abanobulili obufana nobakhe.
• Lokhu kumenza enze ngokusemandleni ukufezekisa iphupho lakhe lokushintsha ubulili bakhe besilisa
abengowesifazane.
• Nakuba esesebenze iminyaka ehlanganisa imali yokufezekisa leli phupho, okuyingqinamba enkulu
kuye ukuthi uzobazisa kanjani abathandiweyo kuye okuyintombi yakhe uNontobeko kanye noyise
uNgidi.
• Silandiswa ukuthi wayesekuhlele konke okuzokwenziwa kuye kubandakanya ukuhlinzwa odokotela
base Kapa ukuze abengowesifazane ngokugcwele.
• Simthola evakashela uNontobeko efulethini eligudle ulwandle eThekwini eyomcela ukuba behlukane
ngapandle kokumtshela isizathu salokho.
• Lezi zindaba zimshiya enkemile uNontobeko kwanhliziyo yakhe iphuke yaphoqozwa impoxo.
• Simthola evakashela noyise uNgidi afike wamtshela ukuthi ungungqingili.
• Lokhu kwenze uNgidi amxoshe kwasemzini wakhe emva kokukhulu ukuphoxeka.
• Yize kunjalo uMhlengi uyaqhubeka nohambo lwakhe ushintsha ubulili bakhe maqede uzibiza
ngoMahlengi Ngidi.
• Emva konyaka nengxenye ubuyela eThekwini eseshintshe ngokugcwele kwayeyikho.
[email protected] 11
IMIBUZO YOKUZIVIVINYA NGApHAMBI KwENDABA
1. Shono umlingiswa omkhulu kulenoveli kanye nenkinga abhekene nayo. (2)
2. Shono abalingiswa ababili ababalulekile kulesi sahluko. (2)
3. Ngamaphuzu AMATHATHU akeuchazengokuzalekakukaMhlengi. (3)
4. Chaza ngodweshu lwangaphandle olutholakala phakathi kukaMhlengi noNgidi kulesi
sahluko. (2)
5. Chaza umehluko okhona phakathi kukaMhlengi noMahlengi otholakala kulesi sahluko.
(2)
6. Ncoma noma ugxeke isenzo sikaMhlengi sokukhohlwa imizwa yabantu abathandiweyo
kuye akhethe ukwenelisa okuthandwa nguye. (2)
7. Omunye wemiyalezo otholakala kulesi sahluko uthi imali ayiluthezi olunenkume.
Fakazelalo myalezo ngezigameko EZIMBILI ezitholakala kulesi sahluko. (2)
[email protected] 12
IZIMpENDULO ZANGApHAMBI LwENDABA
1.UMhlengi / Mahlengi✓ , ubhekene nenkinga yokuthanda abantu abanobulili obufana nobakhe ngakho-ke unesifiso
sokushintsha ubulili bakhe bube obesifazane.✓ (2)
2.Unogada✓ kanye nonina kaMhlengi / Mahlengi.✓ (2)
3. (i) UNgidi nonina kaMhlengi bahamba izinyanga nabathandazi befuna ukuthola umntwana.✓
(ii) Unina kaMhlengi washona eqeda kuteta uMhlengi.✓
(iii) UNgidi wenza isifungo sokungaganwa kepha azikhulisele indodana yakhe ukuze ingahlukumezeki.✓ (3)
4. Siluthola kuMhlengi noNgidi lapho uNgidi exosha uMhlengi emva kokuba emtshele ukuthi uphila impilo
yobungqingili.✓ ✓ (2)
5. UMhlengi ungumuntu wesilisa odaliwe✓ kanti uMahlengi ungumuntu wesilisa oguqulwe ubulili benziwa
obesifazane.✓ (2)
6. Ngiyasincoma isenzo sikaMhlengi ngoba nguye yedwa onalemizwa futhi abanye abantu bangeze bayiqonde,
ngakho-ke kuhle ukuba azibeke yena phambili aphile ngokukhululeka.
OKANYE,
Ngiyasigxeka lesi sinqumo ngoba sihlukumeza abantu abamthandayo futhi sihambisana nokuzicabangela yena
yedwa.✓ ✓ (2)
7. (i) UMhlengi ukhona ukukhokhela odokotela abazomuguqula ubulili ngenxa yokubanemali.✓
(ii) UMhlengi ugwazela omabhalane ukuba bamshintshele ubulili kanye negama kumazisi.✓ (2)
[email protected] 13
UKUFINGQA ISAHLUKO SOKUQALA SENOVELI
• Kulesi sahluko sethulelwa umlingiswa uXolani Mpanza ohola ibhizinisi lokuthutha iThabekhulu Courier Services.
• Simthola ethatheke ephelile ubuhle bukaMahlengi enkomfeni yosomabhizinisi abamnyama ababencishiwe
amathuba ngaphambilini.
• Ukuthatheka kukaXolani kumenza angabe esanaka nokuxoxwa ngakho enkomfeni.
• Asekufisa kakhulu ukuthi kuphele umhlangano akwazi ukudlana indlebe noMahlengi.
• Nebala kuyenzeka lokhu baze bashintshisana nangezinombolo.
• Emva komhlangano uXolani ushayela uMahlengi ucela ukuba babonane.
• Nakuba kungabanga lula kepha kugcina kwenzekile lokho ngalobo busuku.
• UXolani ushayela umkakhe uLungile Mkhize ucingo uhubhuza uhubhu lukabhejane (amanga) umtshela ngokuthi
kunesehlo esinzima esizombambezela.
• ULungile lamazwi amshiya nezinsolo ezimbandakanya ukuqonywa nokubuyela kukaXolani ophuzweni oludakayo,
yize kunjalo akawukhuphuli umoya.
• UXolani uyafika kwaMahlengi bayaqhimphotheka kuba mnandi kuba njeyaya.
• Okuseqhulwini abaxoxa ngakho okuhlaluke enkomfeni abebekuyo.
• Bayadla, baphuza neWhiskeyi Jameson, bayancokola bayavalelisana.
• Uma efika kwakhe uXolani ufica uLungile engalele emlindile.
• Kusuka isidumo kubangwa ukuthi uXolani akafuni ukudla futhi unuka nesiqholo sabantu besimame iRedDoor.
[email protected] 14
IMIBUZO YESAHLUKO SOKUQALA SENOVELI
1. Shono abalingiswa abasha nabasemqoka abatholakala kulesi sahluko. (2)
2. chaza kafushane ngokuqoqeka kwesizinda sendawo esitholakala kulesi sahluko. (2)
3. Veza isizathu sombhali sokusebenzisa umlingiswa onguXolani kulesi sahluko. (2)
4. Ngakube udweshu lwangaphandle oluqubuka kulesi sahluko phakathi kukaXolani noLungile lumuthinta
kanjani uMahlengi. (3)
5. Ncoma ikhonolo mbhali ekuthuthukiseni indikimba yothando kulesi sahluko esebenzisa uXolani. (2)
6. Ukube ubunguLungile ubuzobhekana kanjani nesimo sokunuka iphunga leJameson neRed Door kuXolani?
(2)
7. Omunye umyalezo otholakala kulesi sahluko nesedlule uthi nakuba lubaluhle uthando kwabanye kepha
luyawuphula umoya kwabanye. Fakazela lesi sitatimende ubhekise kuLungile noNontobeko. (2)
[email protected] 15
IZIMpENDULO ZESAHLUKO SOKUQALA SENOVELI
1. UXolani✓ , uLungile.✓ (2)
2. Isizinda sendawo kulesi sigcawu siyathutha. Sisuka enkomfeni yosomabhizinisi siye ehhovisi likaXolani, sidlulele
endlini kaMahlengi size siyophetha emzini kaXolani.✓ ✓ (2)
3. Umbhali usebenzise uXolani ukusivezela impumelelo yodokotela ekushintsheni ubulili bukaMhlengi obenze uXolani
athatheke angabungabazi nakancane ubulili bakhe.✓ ✓ (2)
4. Siqale sithole udweshu lwangaphandle kuXolani noLungile bebanga ukuthi uXolani uzobuya emva kwesikhathi kanti
uyohlangana noMahlengi.✓ Olunye luphakathi kukaXolani noLungile bebanga ukuthi uXolani akafuni ukudla futhi
unuka iRed Door okuyiphefyumi kaMahlengi.✓ Lolu dweshu luveza uMahlengi njengedungamuzi emzini kaMpanza.✓
(3)
5. Umbhali uphumelele ukusethulela indikimba yothando ngokusebenzisa uXolani amveze ephenduka usomanga
kumkakhe, ongathembekile kubantwana bakhe, obuyela ophuzweni oludakayo nongasamxwayi owesifazane
obhemayo ngenxa yothando analo ngoMahlengi.✓ ✓ (2)
6. Bengizomqulisa uXolani bese ngimala uma sengithole iqiniso ngokuthi ube nowesifazane, OKANYE bengizomqulisa
bese ngibekezela uma sengithole iqiniso ukuze umuzi wami ungachitheki. (Nezinye izimpendulo).✓ ✓ (2)
7. Ngiyasifakazela lesi sitatimende ngoba nakuba uthando olungakadalulwa phakathi kukaXolani noMahlengi lubukeka
luluhle kepha lwenze uLungile aphukelwe umoya ngomyeni wakhe osemjikele, kanye noNontobeko uphoxwe ukwaliwa
nguMhlengi ngaphandle kwesizathu. ✓ ✓ (2)
[email protected] 16
UKUFINGQA ISAHLUKO SESIBILI SENOVELI
• Kulesi sahluko sethulelwa uNgidi ehamba ngemoto yakhe eSouth Coast.
• Uhamba nje imicabango ngendodana yakhe yolahleko uMhlengi ayimbekile phansi.
• Ukhumbula konke okwenzeka kusukela beshayelana ucingo emnxenxa ukuba afike ekhaya ukuze amazise
ngesipho sepulazi amthengele sona.
• Uphinde acabange ngokwenzeka mhla ethola izindaba ezishaqisayo ngokuthi uMhlengi uthandana nabanobulili
obufana nobakhe.
• Uphinde azindle ngokumxosha kwakhe nokusabisa ngokumkhipha emafeni akhe.
• Kuvela nokuthi uNgidi usethole isithandwa esisha okunguNomalanga Ndlovu okunguye obuye wamnika ithemba
elisha lempilo emva kokuphoxwa uMhlengi.
• Kuvela nomunye umlingiswa omusha okunguNkululeko.
• UNkululeko uvezwa njengesithandwa sikaNontobeko ahlangana naso emva kokusishayisa ngemoto.
• Konke kwakungubudedengu bukaNontobeko owangena emgwaqweni edlwathuzela enganake kwakunaka emva
kokuphithana ikhanda liphithaniswa ukwaliwa uMhlengi ngaphandle kwesizathu.
• Nakuba kuvela ukuthi akubangalula ukuthandana kukaNontobeko noNkululeko, kuyavela ukuthi bagcina
bethandene baze bahlela usuku lomshado ngokuphazima kweso.
• Okunye okuvelayo ukuthi uNkululeko wathembisa ukuthi uma ehluleka endleleni uNontobeko akayokumsola ngoba
umazisile ukuthi inhliziyo yakhe isasele kuMhlengi.
• Nebala kuthi sekuwusuku lomshado ngakusasa uNontobeko ubizela uNkululeko kubo umtshela ukuthi uthando
lukaMhlengi lusamququda namanje ngakho-ke angeke akwazi ukushada naye maqede wathatha imoto wayishaya
yazula.
• Zisala ziyime emthumeni kuNkululeko osale nenhliziyo ephuke yaphoqozwa uthando nendumalo.
[email protected] 17
IMIBIZO YESAHLUKO SESIBILI SENOVELI
1. Ubani isithandwa sikaNgidi esisha? (1)
2. Shono umlingiswa omusha oqavile otholakala kulesi sahluko. (1)
3. Ngamaphuzu AMABILI chaza ngokwakheka nokuphela kobudlelwa nobukaNontobeko
noNkululeko bese usho ukuthi kumthinta kanjani uMhlengi. (3)
4. Okuqaphelekayo phakathi kukaNkululeko noXolani ukuthi bobabili bangabalingiswa
abangothathekile. Fakazela lesi sitatimende ubhekise kulesi sahluko nesedlule. (2)
5. Ncoma noma ugxeke isenzo sikaNgidi sokusabisa ngokukhipha uMhlengi emafeni akhe
emva kwezindaba ezishaqisayo amzela nazo. (2)
6. Ungameluleka uthini uNkululeko emva kwezindaba ezibuhlungu azithole kuNontobeko?(2)
7. Ukuthi ‘uNkulunkulu ubathanda bonke abantu bakhe’ kufakazela ukuthi akekho ekumele
aphatheke kabi / kudlalwengaye. Fakazela lesi sitatimende ubhekise kuNkululeko. (2)
8. Ucabanga ukuthi uNontobeko uyaphi emva kokuhlukana noNkululeko? Sekela impendulo
yakho. (2)
[email protected] 18
IZIMpENDULO ZESAHLUKO SESIBILI SENOVELI
1. UNomalanga Ndlovu.✓ (1)
2. UNkululeko.✓ (1)
3. Lobu budlelwano bakheka ngenkathi uNkululeko efikelwa imizwa yothando lukaNontobeko esibhedlela
emva kokumshayisa ngemoto. ✓ Ukuphela kwabo kulapho uNontobeko etshela uNkululeko ukuthi
uyahluleka ukumshada ngoba usathanda uMhlengi.✓ Konke lokhu kuthinta uMhlengi ngoba ukulimala
kukaNontobeko kwabangelwa imicabango ayenayo ngoMhlengi, nokushiya kwakhe uNkululeko
kubangelwa uthando analo lwaMhlengi.✓ (3)
4. Ngiyasifakazela lesi sitatimende ngoba uXolani wathatheka eqala ukumbona uMahlengi walibala
nawukuthi ushadile.✓ Ngokunjalo noNkululeko wathatheka ngamasontshwana ambalwa emazi
uNontobeko waze wala nezintombi zakhe.✓ (2)
5. Ngiyasincoma lesi senzo ngoba kuyilungelo lakhe uNgidi ukunika umuntu ambona efanelekile
ukwengamela ifa lakhe. OKANYE , Ngiyasigxeka ngoba ukuthi uMhlengi ungungqingili akusho ukuthi
akasesiyo indodana yakhe.✓ ✓ (2)
6. Ngingameluleka ngokuthi amukele noma kunzima, ahambe nodokotela bezengqondo ukuze athole
ukwelapheka bese ezama ukuthola uthando olusha uma esekulungele. (Nezinyeizimpendulo). ✓ ✓ (2)
7. Ngiyasifakazela lesi sitatimende ngoba uNkululeko wale izintombi zakhe zingenzanga lutho ngenxa
yokuthanda uNontobeko, nakhu izinto sezimjikela naye usezwa ubuhlungu obufanayo bokwaliwa.✓ ✓ (2)
8. Ngicabanga ukuthi uyakofuna uMhlengi ukuze amncenge babuyelane. (Nezinyeizimpendulo).✓ ✓ (2)
[email protected] 19
UKUFINGQA ISAHLUKO SESITHATHU SENOVELI
• Kulesi sahluko sethulelwa uXolani eqwashile ekamelweni lakhe nomkakhe uLungile.
• Ukuqwasha lokhu kubangelwa imicabango anayo engapheli ngoMahlengi osalibele ezulazula emqondweni wakhe.
• Lokhu kuze kuqashelwa ngisho nawuLungile ongunkosikazi wakhe.
• Uthe uma ezama ukulala uXolani abeleselwe iphupho elimnandi elenze waze waphimisa ingama likaMahlengi.
• Kuleli phupho uphupha uMahlengi engcebeleka naye osebeni lwezihlabathi zolwandle.
• Lokhu kususa udungunyane phakathi kwakhe noLungile agcine ezisekela kulo ngokuthi cishe uphupha
amawongowongo (iphupho elingeyona into enencazelo) nje ngenxa yenyongo.
• Ngakolunye uhlangothi noMahlengi alumhlalisile neze kahle uthando nenkumbulo ayizwayo ngoXolani.
• Ugcina esedlala ngisho ingoma kaJoan Armatrading esihloko sithi “The Weakness in me” ekhuluma
ngobuthakathaka.
• Uze ufisa kwakushaya imoto aphuthume kuloXolani oyintshontshe yonke inhliziyo yakhe.
• Uzikhuza ngokuthi kwalowo Xolani akashongo nokuthi uyamthanda.
• Useze walibala nanokuthi ubethenjiswe ukuvakashelwa isoka lakhe uNdumiso adibana nalo esebuya ukuyoshitsha
ubulili elathatheka.
• Uyafika uNdumiso kepha uyabona ukuthi uMahlengi akamemukeli neze ngokwenjwayelo.
• Kwanhliziyo yakhe ayikhokuye.
• Uthatha isinqumo sokumshiya asale ekhuluma nemizwa yakhe.
• Ngokunjalo nohambo lukaNontobeko aluthathe ngenkathi eqeda kwala uNkululeko luyaqhubeka.
• Uhamba nje ulibangise kwaNgidi eGcilima ukuyofuna uMhlengi.
• Ufica uNgidi uyamtshela ngakuzele.
• Usala ebabaza ngokukhathazeka uNgidi uthi ‘Awubakithi uMhlengi’.
[email protected] 20
IMIBUZO YESAHLUKO SESITHATHU SENOVELI
1. Shono umlingiswa omusha oqavile otholakala kulesi sahluko. (1)
2. Chaza ngesu elisetshenziswe umbhali ukusethulela lo mlingiswa? (2)
3. Veza ukuxhumana phakathi kwesimo uMahlengi azithola ekuso kulesi sahluko
nomyalezo oqukethwe ingoma kaJoan Armatrading ayidlale kwi-DVD Player. (3)
4. Phawula ngokuqondwe umbhali ngokuzungezisa uhambo lukaNontobeko olusuka kubo
luya kwaNgidi. (2)
5. Shono okufanayo phakathi kukaLungile, uNdumiso noNkululeko ubhekise kwisimo
senhlalo esitholakala kulesi sahluko. (2)
6. Ukube ubunguNgidi ikuphi obungakwenza ukwelekelela uNontobeko osizini abhekene
nalo? (2)
7. Fakazela umyalezo othi oseyishayile akakayosi otholakala kulesi sahluko ubhekise
kubalingiswa abathintekayo. (3)
[email protected] 21
IZIMpENDULO ZESAHLUKO SESITHATHU SENOVELI
1. UNdumiso. ✓ (1)
2. Umbhali usethulele uNdumiso esebenzisa omunye umlingiswa okunguMahlengi.✓ Wethulwe
njengesoka lakhe.✓ (2)
3. Ingoma kaJoan Armatrading edlalwe uMahlengi ithi ‘The Weakness In Me’. ✓ Le ngoma ikhuluma
ngobuthakathaka bomuntu osothandweni.✓ Ngokunjalo noMahlengi uzizwa ebuthakathaka ethanda
uXolani abeqala ukumbona.✓ (3)
4. Inhloso yombhali ukukhanda isithombe esiphelele kumfundi wendaba ngentshisekelo anayo
uNontobeko yokuthola uMhlengi✓ , wenzela nokuthi indaba ingasheshi iphele.✓ (2)
5. Bonke laba balingiswa bazithole bekhathazekile ngenxa yezithandwa zabo ezingasaqondakali.
UNkululeko waliwe uNontobeko ngalekwesizathu, uLungile ukhathazwe iphupho likaMahlengi uXolani
abenalo, uNdumiso ufica uMahlengi engeneme futhi akazi kwenzenjani.✓ ✓ (2)
6. Bengingamlekelela ngokuthi simfune size simthole uMhlengi azizwele yena ngokwakhe ukuthi
wamalelani. (Nezinyeizimpendulo). ✓ ✓ (2)
7. Lo myalezo ngiyawufakazela ngoba uNontobeko ubezitshela ukuthi bayofa balahlane noMhlengi kodwa
waliwa, uNdumiso unethemba lekusasa eliqhakazile noMahlengi kepha kubukeka esezithandela uXolani
uMahlengi, uLungile ushadile noXolani kepha manje uXolani usethanda uMahlengi, uNkululeko waliwe
uNontobeko ngaphambi kosuku lomshado. ✓ ✓ ✓ (3)
[email protected] 22
UKUFINGQA ISAHLUKO SESINE SENOVELI
• Kulesi sahluko sethulelwa uNdumiso ehleli yedwa ethatha ebeka ngosizi olumkhungethe oluthinta ezezimali.
• Ucabanganje uyadlinza ngokuthi uma engathola imali angavele amshade uMahlengi osebukeka emjikele njengoba
bexabene ngayizolo bebanga ucingo obelushaywe owesilisa ethi uhambe kahle.
• Imicabango yakhe imenza ayovakashela umngani wakhe oyisokalamanyala uSbu.
• Engxoxweni aba nayo noSbu kuhlaluka /kuvela ukuthi bahlupheka nje kunomlisa waseGcilima owaziwa ngoNgidi
oyisicebi esihlala nemali endlini.
• Lokhu kukhuphula ilukuluku lokuswela imali kuNdumiso uze uyacabanga nje ukuthi uma engathola le mali kaNgidi
angavele amlobole ngokuphazima kweso uMahlengi angaze amphunyuke.
• UNdumiso uzama imizamo yokushaya ucingo eshayela kwaNgidi uzibiza ngoMandlakapheli Buthelezi.
• Nebala uxhumana noNgidi omaziyo loNgidi onguManqoba akhuluma ngaye, umnika icebo lokuthi akashayele
kwaNgidi Cash & Carry.
• Ngakolunye uhlangothi uNgidi noNontobeko baxoxa baze bafika esinqumweni sokuba baphume umkhankaso
bayofuna uMhlengi baqale eThekwini lapho eyehlala khona kuqala uMhlengi.
• Lutho kuNgidi ukutshela uNontobeko ngokwamxabanisa noMhlengi.
• Nebala benza baphuma inqina kamabuyazwe kanjalo engasamazisanga ngisho uNomalanga abehlele
ukuhlangana naye badingide ngamalobolo.
• Lokhu akumphathanga kahle uNomalanga okwenza washaya ucingo ngentukuthelo waduba.
• UNgidi ufika eThekwini uthenga iphephandaba iThe Weekend Witness elalinesithombe sikaNontobeko nodaba
olumayelana nokubaleka kwakhe ashiye umyeni umshado usungakusasa.
• Bayaduduzana noNgidi bahlalela ethembeni lokuthi bazomthola uMhlengi hleze futhi naye ashintshe umqondo uma
esebona ukuthi uNontobeko umthanda kangakanani. (ukube bayazi ukuba bazibheca ngodaka emehlweni)
[email protected] 23
IMIBUZO YESAHLUKO SESINE SENOVELI
1. Shono umlingiswa omusha osemqoka otholakala kulesi sahluko. (1)
2. Ake uchaze lomlingiswa ngegama elilodwa. (1)
3. Shono inhloso yombhali ngokusebenzisa lo mlingiswa. (2)
4. Ucabanga ukuthi ubani lo mlingiswa owashayela uMahlengi wathi
uhambe kahle? Sekela impendulo yakho. (2)
5. Ucabanga ukuthi ukulobola uMahlengi kungaba isixazululo etwetweni
likaNdumiso lokulahlekelwa nguye? Sekela impendulo yakho. (2)
6. Fakazela isitatimende esithi ‘umlungisi uzithela isisila’ ubhekise kuNgidi
noNontobeko kulesi sashluko. (3)
7. Shono ukuhlobana okukhona phakathi kukaNgidi owayeshiwo uSbu
kanye noNgidi owashayelwa uNdumiso?. (2)
8. Ukube wawunguNgidi wawuyomazisa yini uNontobeko
ngokwanixabanisa noMhlengi? Sekela impendulo yakho. (2)
[email protected] 24
IZIMpENDULO ZESAHLUKO SESINE SENOVELI
1. USbu. ✓ (01)
2. Uyisoka. ✓ (01)
3. Umbhali umsebenzise njengesixazululo enkingeni kaNdumiso yezezimali. ✓ ✓ (02)
4.UXolani✓ , ngoba nguyena esezwa ngokuthi wamvakashela ngaphandle kwaNdumiso. ✓ ✓
(02)
5. Kungaba isixazululo, ngoba uma eselotsholiwe uMahlengi angasibona isidingo sokuzinikela
ngokugcwele kuNdumiso aziqhelelanise noXolani, OKANYE, Ngeke kube isixazululo, ngoba
inhliziyo ayiphakelwa. ✓ ✓ (02)
6. Lesi sitatimende siyisimo sokukhuluma esichaza ukuthi kwesinye isikhathi uke uthi
uyalungisa kanti uyamosha. ✓ Ngiyasifakazela ngoba uNontobeko ushiye uNkululeko ngoba
ethi ulandela inhliziyo yakhe kanti uMhlengi usenguMahlengi. ✓ Ngokunjalo noNgidi ukhohlwe
ukuhlangana noNomalanga okuholele ekutheni amdube.✓ (03)
7. Bobabili laboNgidi bayiziqumama ✓ , bahlala eGcilima.✓ (02)
8.Ngangingeke ngimazise ukuvikela ukuphula kakhulu inhliziyo yakhe eyabe isivele ifike ilimele,
OKANYE Ngangingamazisa ukuze ezokhona ukubuyela kubo ayoqhubeka nomshado wakhe
noNkululeko.✓ ✓ (02)
[email protected] 25
UKUFINGQA ISAHLUKO SESIHLANU SENOVELI
• Kulesi sahluko sethulelwa uXolani olokhu enenhliziyo ebitoze njalo ikhanukela uMahlengi.
• Simthola emshayela ucingo emcela ukuba babobane.
• Bathembisana ukuphathelana ipizza newayini elibomvu elicelwe uMahlengi.
• Uhubhuza uHubhu kaBhejane (uqamba amanga) kumkakhe uLungile umtshela ukuthi uyohlangana
nabangani bakhe edolobheni. Uma efika efulethini likaMahlengi uzithela kuNdumiso ovele wamsola
ukuthi nguye kanye lo omudla izithende (ofuna ukumthathela uMahlengi).
• Uthe angambuza washo nenombolo yegumbi aya kulo uXolani, wathukuthela uNdumiso wambamba
ngamankomane kwasha nezibhakela ngoba esafuna ukuqhubeka eye kuMahlengi, wasongelwa
ukuphinda ashaywe futhi uXolani waze walanyulelwa umphakathi esedumbe iso seliyintaba kwasikibha
sakhe singcole siphelile iwayini nepizza esaphazekele kuye.
• Uthe angamyeka uNdumiso waphuthuma emotweni yakhe waphikelela ekhaya.
• Wafika ekhaya umkakhe wathwala izindla ekhanda ebona umyeni wakhe emabokoboko.
• Akamtshelanga uLungile ngokumehlele kepha umzamelile usizo njengomyeni wakhe.
[email protected] 26
UKUFINGQA ISAHLUKO SESIHLANU SENOVELI
KUYAQHUBEKA
• Ngakolunye uhlangothi uNdumiso ungena endlini uyovalelisa kuMahlengi umtshela ukuthi
uthatha uhambo oluya eSouth Coast (Port Shepstone).
• Wala waphetha ukubhoboza ithumbu ukuthi uyakuphi neSouth Coast nokuthi uyokwenzani.
• Yize kwamethusa lokhu uMahlengi ukuthi uNdumiso uya ngakubo eSouth Coast kepha
okwakumjabulisa ukuthi uzothola ithutshana lokuba noXolani.
• Sithola uXolani emshayela ngezwi elintula ukwenama / ukujabula / ukuthakasa.
• Bathembisana ukubonana kusasa ebusuku.
• UNdumiso uphuthuma kuSbu uyovalelisa uveza nokuthi uhambo lwakhe luzothatha iviki.
• Nebala uyahamba uyongenisa ehhotela ayeselibhukhile elide buduze neGcilima.
• Emicabangweni kugcwele isifiso anaso sokuthola imali kaNgidi ukuze akwazi ukushada
aphinde akhe umuzi nesithandwa sakhe uMahlengi bese imfalakahlana esalayo esungula
ngayo ibhizinisi elizinzile.
[email protected] 27
IMIBUZO YESAHLUKO SESIHLANU YENOVELI
1. Shono izidlo ezimbili uMahlengi azicela kuXolani. (2)
2. Xoxa ngesixakaxaka esehlela uXolani esefika kwaMahlengi. (2)
3. Ngamaphuzu AMATHATHU phawula ngesimo senhlalo esitholakala
kulesi sahluko. (3)
4. Ngakube ukushaywa uvalo kukaMahlengi uma ethola ukuthi uNdumiso
uvakashela eSouth Coast kunakuhlobana kuninesigameko esifihlelwe
abalingiswa ababalulekile empilweni aseyiphila? (3)
5. Fakazela isitatimende esithi ukungazi kufana nokungaboni ubhekise
kuNdumiso, uXolani, uNontobeko, uNkululeko, uLungile. (5)
[email protected] 28
IZIMpENDULO ZESAHLUKO SESIHLANU
1. Ipizza ✓ kanye newayini elibomvu (red wine). ✓ (2)
2. Isixakaxaka ilapho umlingiswa ethi uzama ukulungisa inkinga kuvele kubheduke enye zibe yimixhantela. UXolani
ubesehlele eqedile ukuthi uyokwethula imizwa yakhe yothando kuMahlengi, kunokuba kwenzeke lokho uhlangana
noNdumiso uyamshaya, uyamxosha ugcina engasafikanga kuMahlengi. ✓ ✓ (2)
3. Isimo senhlalo kulesi sahluko sibi.
(i) UXolani ushaywa, ulinyazwa uNdumiso.✓
(ii) UNdumiso uthole ubufakazi bokuthi uMahlengi kunowesilisa avakashelana naye.✓
(iii) Isimo somnotho siyabheda kuNdumiso okwenza ahlele ukuyonthshontsha imali kaNgidi.✓ (3)
4. Isigameko esifihliwe ilesi sokuthi uMahlengi wayengowesilisa.✓ Lesi sigameko sifihlelwe uXolani noNdumiso.✓ Lokhu
kwenza uMahlengi axwaye aphinde ashaywe uvalo uma ezwa ukuthi uNdumiso uya ngakubo kwazise akazi noma
angase athole angakwazi yini ngaye lapho eyakhona. ✓ (3)
5. Lesi sitatimende siyahambelana nabalingiswa ababaliwe ngoba uXolani uzithola eshayelwa uMahlengi ngoba engazi
ukuthi wayewuMhlengi✓ , uNdumiso uhlela ukuyontshontsha imali kaNgidi ngoba engazi ukuthi uMahlengi
ungowesifazane wokwenziwa✓ , uNontobeko ubalekele umshado engazi nanokuthi kwaloMhlengi amthandayo
usewuMahlengi✓ , uLungile umatasatasa uhlengana noXolani akazi ukuthi ushaywe nje ubeyokwenza
ukungathembeki✓ , kanti uNkululeko udliwa umzwangedwa nje ngoNontobeko akazi ukuthi kufana nokuthi uzithelele
amanzi emhlane wedada ngoMhlengi ngoba uMhlengi uzotholakala engasekho ngempela esimweni sobunsizwa.✓ (5)
[email protected] 29
UKUFINGQA ISAHLUKO SESITHUpHA SENOVELI
• Kulesi sahluko sethulelwa uNgidi noNontobeko behlabenyuka nezinkalo zaseThekwini
bezama ukuthungatha uMhlengi.
• Baqala efulethini ayehlala kulo badlulela kubangani bakhe eMlazi.
• Bonke bakhala esifanayo sokungamazi ukuthi uMhlengi washonaphi.
• Okuhlalukayo (okuvelayo) ukuthi umngani wakhe uMandla unalo ulwazi ngempilo
ayeseyiphila okuyiyona eyabaxabanisa benoMhlengi.
• Ekuhlulekeni kwabo baze baqoka ukuhlangana nomseshi ozimele uShezi.
• Nakuba achaza ukuthi kuzobanzima ukumthola kepha wabashiya behlalele ethembile
lokuzama ukumthola.
• Sithola uNgidi eshayela uNomalanga efuna ukuzehlisa kuye ngokuhamba engamazisanga.
• Kubukeka kuwumqansa (kunzima) ukunqoba uxolo nokuqonda kukaNomalanga owacisha
ucingo kusakhulunywa ngenxa yentukuthelo uma ezwa ukuthi uMhlengi lo oyofunwa uNgidi
eThekwini.
[email protected] 30
UKUFINGQA ISAHLUKO SESITHUpHA SENOVELI
KUYAQHUBELA...
[email protected] 31
IMIBUZO YESAHLUKO SESITHUpHA
1. Shono umlingiswa owayazi ngempilo eyayiphilwa uMhlengi otholakala kulesi sahluko. (1)
2. Yimuphi umlingiswa othathe isinqumo sokuzibulala? Ukwenziswe yini lokho? (2)
3. Ngokuqonda kwakho izahluko ezedlule ucabanga ukuthi sikhona isidingo sokuthi lo
mlingiswa azibulale? Sekela impendulo yakho. (2)
4.Shono okungenani iminyango EMITHATHU kahulumeni umseshi uShezi angasebenzisa
nanayo ukuthola uMhlengi. (3)
5.Fakazela isitatimende esithi uthando aluboni ubhekise kuNkululeko, uNontobeko
noNomalanga ngokwenzeka kulesi sahluko. (3)
6.Chaza ukuthi kungani uvumelana nokuthi uNontobeko, uNdumiso noXolani abasophinde
bamthembe umuntu mhlabathola imfihlo kaMhlengi / Mahlengi. (4)
[email protected] 32
IZIMpENDULO ZESAHLUKO SESITHUpHA
1. UMandla. ✓ (1)
2. UNkululeko. ✓ Ukwenziswe ukuhluleka ukwemukela ukwaliwa uNontobeko ngaphambi
kosuku lomshado.✓ (2)
3. Isidingo, asikho ngoba ezahlukweni ezedlule kuvelile ukuthi lo Mhlengi ofunwa uNontobeko
ungungqingili futhi useshintshe ubulili, ngakho-ke akasesiyo inkinga kuNkululeko.✓ ✓ (2)
4. (i) Umnyango wezempilo✓ ,
(ii) Owezokuphepha✓ ,
(iii) Nowezasekhaya.✓ (Neminye enembayo). (3)
5.Ngenxa yokuthi uthando aluboni, uNkululeko uzibulele ngenxa yokwaliwa uNontobeko✓ ,
uNontobeko udele umshado wakhe wayofuna uMhlengi ephaphathekiswa uthando✓ , kanti
noNomalanga ubulawa umzwangedwa nexhala lokulahlekelwa uNgidi abezimisele ukushada
naye.✓ (3)
6.Ngivumelana nokuthi ungabomthemba umuntu ngoba uMhlengi / Mahlengi akakwenzanga
ukuthembeka kulabalingiswa.✓ Akamtshelanga uNontobeko ukuthi usengungqingqili✓ ,
waphinda wangabatshela oNdumiso noXolani ukuthi bamthanda nje wayeyinsizwa.✓ ✓ (4)
[email protected] 33
UKUFINGQA ISAHLUKO SESIKHOMBISA
• Kulesi sahluko sethulelwa uNdumiso esuka eParadise ayengene kuyo ezivocavoca eshaya umgwaqo esubatha
egudla eze eyofika ngasepulazini likaNgidi.
• Kuyavela ukuthi ayekuhlosile ukuhlolisisa kabanzi ipulazi likaNgidi njengendlela yokuzilungiselela ukugasela emzini
kaNgidi azontshontsha imali.
• Waphinde wabuya futhi wavakashela ebhodlela sitolo ebude buduze nepulazi likaNgidi.
• Wafika wahlala nensizwa eyazibiza ngomfoka Nhlumayo wazethula ngokuthi unguThabani Mzimela ukuze akwazi
ukusenga kuyo lonke ulwazi aludingayo ngoNgidi nomcebo wakhe.
• Ukusuka lapho simthola ephindela eParadise eshayela uMahlengi bexoxa bevalelisana ngenjabulo.
• Okuvelayo ukuthi ekuvalelisaneni kwabo uMahlengi akazulala kwazise wabe eqhimphotheke (ehlezi) noXolani.
• UXolani lwamgabha uthando kangangokuthi washiya ngisho abantwana bakhe bodwa endlini ayebagadile kwazise
uLungile wabe esebenza ebusuku ngalolo suku.
• Bahlala kamnandi noMahlengi wagcina ebenesibindi sokumzekela ngemizwa yakhe base bevalelisana ngethemba
lokuthi bazoluthamunda (bazolikhuluma) kahle lolu daba uma uMahlengi esethole ithuba elenele lokulucabangisisa.
• Ngakolunye uhlangothi uNgidi wethulwa ehleli emzini wakhe ebuka inyavunyavu yemali yakhe esesisefweni kanye
nobucwebe ucabanga ngoMhlengi ayekubekele yena konke lokhu.
• Kushaya umseshi uShezi uza nezithokozisayo zokuthi kunomkhondo awutholayo ngoMhlengi.
• Uhlulwa nakwukuzibamba uNgidi uxoxela uNontobeko bahlalela ethembeni bobabili.
[email protected] 34
IMIBUZO YESAHLUKO SESIKHOMBISA SENOVELI
1. Shono umlingiswa omusha otholakala kulesi sahluko. (1)
2. Shono inhloso yombhali yokusebenzisa umfokaNhlumayo kulesi sahluko. (2)
3. Chaza ukuthi kungani ipulazi likaNgidi libizwa ngakwaMayedwa. (2)
4. Ncoma noma ugxeke isenzo sikaXolani sokushiya izingane zodwa ebusuku avakashele
uMahlengi. (2)
5.Ngokuqonda kwakho indaba mangakanani amathuba okufezeka kwephupho likaNontobeko
lokushada noMhlengi uma kwenzeka umseshi uShezi emthola ? Sekela ngamaphuzu
AMATHATHU. (3)
6. Ngokuyiqonda kwakho indaba ikuphi obona ukuthi kungaba izithiyo emzamweni kaNdumiso
wokuthola imali kaNgidi? Shono kube KUTHATHU. (3)
7. Ngokubona indlela uNdumiso athanda ngayo uMahlengi, uyambona yini eqhubeka naye
mhla wathola iqiniso ngobulili bakhe? Sekela impendulo yakho. (2)
[email protected] 35
IZIMpENDULO ZESAHLUKO SESISIKHOMBISA
1. UmfokaNhlumayo. ✓ (1)
2. Umsebenzisele ukuba abe umelekeleli kaNdumiso ngokumhlinzeka ngolwazi olunzulu mayelana noNgidi nomcebo
wakhe.✓ ✓ (2)
3. Yingoba uNgidi uyisiqumama esihlala sodwa esingaganiwe okwenza abantu bamubize ngoMayedwa.✓ ✓ (2)
4.Ngiyasigxeka lesi senzo ngoba esikhathini samanje akusaphephile ngakho kuyingozi ukushiya izingane zodwa
ebusuku. (Nezinye izimpendulo).✓ ✓ (2)
5. Mancane kakhulu /awekho amathuba, ngoba;
(i) uMhlengi usebushintshile ubulili ngakho-ke ngeke besakwazi ukuzithokozisa ngokucansi nokubanabantwana✓ ,
(ii) uMhlengi akanayo kwanhlobo imizwa yabantu besifazane✓ ,
(iii) kungenzeka imizwa nothando lukaNontobeko analo ngoMhlengi luphele uma ethola iqiniso.
(Nezinyeizimpendulo).✓ (3)
6. Okokuqala uNdumiso akavezwa njengomuntu owakewaba isigebengu ngakho-ke akanalo ulwazi lwalomsebenzi,✓
(ii) umfokaNhlumayo ukuvezile ukuthi kunabasebenzi abahlala enkompolo abangamlwela uNgidi kwazise kuthiwa
ubaphethe kahle✓ ,
(iii) uma uMhlengi etholwa umseshi uShezi kungenzeka baficane noNdumiso kubo buchitheke bugayiwe. (Nezinye
izimpendulo).✓ (3)
7.Cha, ngoba uNdumiso ubecabanga izingane abathembisana ukubanazo noMahlengi uma sebeneminyaka emibili
beshadile, isimo ayiso uMahlengi ngeke simvumele ukuba nabantwana. Lokho-ke kungamvimba uNdumiso ukuba
aqhubeke naye.✓ ✓ (2)
[email protected] 36
UKUFINGQA ISAHLUKO SESISHIYAGALOMBILI
• Kulesi sahluko sethulelwa uNgidi evalelisana noNontobeko okwakumele aphindele eThekwini
ngethemba lokuthi bayobonana noNgidi uma eselushayile ucingo umseshi uShezi olucacisa kabanzi
ngemizamo yokuthola uMhlengi. Nebala kwavaleliswana kwamnandi.
• Ngakolunye uhlangothi uNdumiso wayematasa elungiselela ukuyogasela kwaNgidi.
• Simthola eshayela uNgidi ucingo emqambela amanga ethi uyisitshudeni saseWits uDlamini esifisa
bahlangane noNgidi ukuze simpheke ngemibuzo emayelana nezolimo. Nebala angasoli lutho uNgidi
amnike inkombandlela.
• Endleleni washayelwa uSbu ucingo owathola ukuphoxeka uma ezwa ukuthi uNdumiso akamazisanga
ukuthi useMargate (eGcilima).
• Ekufikeni kwakhe kwaNgidi, uNdumiso uphoqa uNgidi ukuba abophe u-Anti osizayo ngentambo bese
evula isisefo afake imali kwibhrifukheysi kaNdumiso.
• Wazama ukuncenga uNgidi kwanhlanga zimuka nomoya engasananembeza uNdumiso esebona
insavunsavu yemali.
• Yathi ingagcwala imali wase ebopha uNgidi wamvala nomlomo waphuma uNdumiso.
• Esangweni ufica isiphazamiso esinguNyambose wasilahla phansi ngenhlamvu waqhubeka wabaleka
ngemoto yakhe.
[email protected] 37
UKUFINGQA ISAHLUKO SESISHIYAGALOMBILI
SIYAQHUBEKA
• Endleleni uthole ucingo oluqhamuka kuZakithi oyintombi kaSbu owayemcela ukuba
ahambisane naye ayomshiya kwaSbu.
• Kwakunzima kuNdumiso ukuvuma lokhu kodwa wagcina ekwenzile ngoba ecabangela
uSbu.
• Ekufikeni kwabo kwaSbu bafica uSbu ehleli nesidudla esinguNomthi bengaze nanyaka
bezithandanela.
• Kwasuka esinamathambo kulwa uZakithi noNomthi bebanga uSbu, uNdumiso wabashiya
lapho waya kwakhe.
• Ekuhlulweni kukaZakithi wabamba itekisi elibangise eThekwini eseshayiwe ephelile
izibhakela zikaNomthi.
• Etekisini kuvulwe umsakazo uzwa udaba olumayelana nesigebengu esihlasele
usomabhizinisi waseMargate (eGcilima), kuvezwa nokuthi ongaqhamuka
nemininingwane eholela ekutholakaleni kwaso angahlonyuliswa ngokuthize.
• Nebala wayithatha inombolo yalowo okungaxhunyanwa naye uZakithi uma efika
edolobheni ayishayele esigxobeni.
[email protected] 38
IMIBUZO YESAHLUKO SESISHIYAGALOMBILI
1. Kungani uNgidi ebiza uNdumiso ngoSibalukhulu? (1)
2. Shono abalingiswa ababili abalwela uS’bu kulesi sahluko. (2)
3. Xoxa ngesixakaxaka esiqondene noNdumiso esitholakala kulesi sahluko. (3)
4. Ngephuzu elilodwa silandise ngokwaholela ekushoneni kukaNyambose. (1)
5. Phawula ngobudedengu obenziwa uSbu obutholakala kulesi sahluko. (2)
6. Awuthi qaphuqaphu ngodweshu lwangaphandle olutholakala kulesi sahluko. (4)
7. Ncoma noma ugxeke isenzo sikaNdumiso sokugibelisa uZakithi emotweni. (2)
[email protected] 39
IZIMpENDULO ZESAHLUKO SESISHIYAGALOMBILI
1. Yingoba umqambele amanga wathi ungowakwaDlamini. ✓ (1)
2. UZakithi ✓ noNomthi.✓ (2)
3. UNdumiso uthe uxazulula inkinga yakhe yezezimali ngokuntshontsha imali kaNgidi,
wazithola eselandelwa enye yokuphazanyiswa uNyambose agcine embulala. Akuphelela
ngalapho uphinde wagibelisa uZakithi obukeka ezompimpa.✓ ✓ ✓ (3)
4. UNdumiso wambona njengesiphazamiso ekubalekeni kwakhe emva kokuntshontsha wase
emdubula.✓ (1)
5. US’bu wenza ubudedengu bokubiza uZakithi ekubeni evakashelwe uNomthi.✓ ✓ (2)
6. Udweshu lwangaphandle siluthola kuS’bu noNdumiso lapho uS’bu ecasukela uNdumiso
ngokuthi akamtshelanga ukuthi uya eMargate.✓ Siphinde siluthole kuNdumiso noNgidi bebanga
ukuthi uNgidi umbiza ngoSibalukhulu.✓ Siphinde siluthole ku-anti osizayo noNdumiso bebanga
ukuthi u-anti osizayo ubanga umsindo.✓ Siphinde siluthole kuNomthi noZakithi belwa bebanga
uS’bu.✓ (4)
7. Ngiyasigxeka lesi senzo ngoba simdonsele amanzi ngomsele okungenzeka uZakithi
amumpimpe emaphoyiseni kwazise ubenza izinto ezisolisayo njengokugijima ngesivinini
nokungangeneki uma ezama ukumxoxisa.✓ ✓ (2)
[email protected] 40
UKUFINGQA ISAHLUKO SESISHIYAGALOLUNYE
• Kulesi sahluko sethulelwa amalunga omphakathi ekhala ezimathonsi edinda esikanandi
isililo ezigingqa phansi ngokufa kukaNyambose.
• Uma beyobika kuNgidi abafana ababili bamfica naye eboshiwe kanye no-Anti osizayo.
• Kuleso sidumo uNgidi ushayela amaphoyisa.
• Uthe esabhala isitatimende ngokwenzekile, kungena ucingo lukamseshi uShezi oluza
nezindaba ezimnandi zokutholakala kukaMhlengi.
• Nebala uNgidi ashayele uNontobeko amazise bese eqhubeka nesitatimende.
• Ngakolunye uhlangothi sethulelwa uNdumiso ejabule ebala insavunsavu yemali ayebe
kwaNgidi.
• Uma ethi ushayela uMahlengi njengenjwayelo uthola uheheba le ncwadi enezindaba
ezibuhlungu eziveza ukwaliwa uMahlengi.
• Uthe esasidinda isililo kanjalo kwangqongqoza abakwasidlodlo zamkhalela kanjalo unkabi
malanga.
• Luphela nje uthando lukaNdumiso kuMahlengi, luvutha amalangabi olukaXolani kuMahlengi.
[email protected] 41
UKUFINGQA ISAHLUKO SESHIYAGALOLUNYE
KUYAQHUBEKA
[email protected] 42
IMIBUZO YESAHLUKO YESHIYAGALOLUNYE
1. Shono iqembu lomculo elalilalelwe uMahlengi noXolani. (1)
2. Izinhlamvu ezitholakala eculweni elalilalelwe lihambisa nakanjani nesimo uMahlengi azithola
ekuso? (2)
3. Babeyokwenzani oMahlengi noXolani eJohn Dory? (2)
4. Qhathanisa isixakaxaka esehlele uNdumiso naleso esehlele uXolani kulesi sigcawu. (4)
5. Ungamsola yini uXolani uma eqhubeka nemicabango yakhe yokudivosa noLungile ashade
noMahlengi? Sekela impendulo yakho. (2)
6. Ncoma ubuntu obakhonjiswa umphakathi waseGcilima emndenini kaNgidi nakuNyambose.
(2)
7. Fakazela isitatimende esithi ‘umlungisi uzithela isisila’ ubhekise esigamekweni sokubanjwa
kukaNdumiso. (2)
[email protected] 43
IZIMpENDULO ZESAHLUKO SESHIYAGALOLUNYE
1. iFreshlyGround. ✓ (1)
2. Leli culo linezinhlamvu ezithi ‘Wawuyokwenzenjani ukube wawulazi iqiniso, wawuyokwenzenjani ukube
ngakutshela udaba lwempilo yami’. Lezi zinhlamvu zihambisana nokukhathazeka kukaMahlengi ozibuza
ngekusasa lakhe noXolani uma engazi iqiniso ngobulili bakhe. ✓ ✓ (2)
3. Babeyozitika ngokudla kwasolwandle. ✓ ✓ (2)
4. UNdumiso untshontshe imali kaNgidi ngoba efuna ukushada uMahlengi, uma esezitshela ukuthi
usephumelele kulokho uthole incwadi yokwaliwa uMahlengi uphinde uyaboshwa ✓ ✓ ; kanti uXolani uthe
esathi ucabanga ukuxazulula inkinga yakhe ngokudlinza ngokudivosa uLungile ukuze aphile kahle
noMahlengi, wafika ekhaya izingane zakhe zifile ngephutha lakhe. ✓ ✓ (4)
5. Ngeke ngimsole ngoba umthanda ngempela uMahlengi, uselahlekelwe ngisho abanta bakhe ngenxa
yothando lwakhe. OKANYE, ngingamsola ngoba kuyabonakala ukuthi uMahlengi uyisinengiso empilweni
kaXolani, umxabanise nomkakhe waphinde waba imbangela yokufa kwabantwabakhe. ✓ ✓ (2)
6. Ngiyabuncoma lobubuntu ngoba akuvamile ukuthi abasebenzi babe nobubele kumqashi wabo kepha lo
mphakathi ufikile wazolekelela waphinde wazwelana nokushona kukaNyambose. ✓ ✓ (2)
7. Ngiyasifakazela lesi sitatimende ngoba uNdumiso ubezama ukusiza uZakithi ukuthi abone isoka lakhe
uSbu, emva kwalokho usemqhatha namaphoyisa uyaboshwa.✓ ✓ (2)
[email protected] 44
UKUFINGQA ISAHLUKO SESHUMI SENOVELI
• Kulesi sahluko sethulelwa uNgidi ecabangana noMhlengi umlibe. Ngale kwalokho ucabanga noNomalanga.
Nezindaba zokutholakala kukaMhlengi azizwile zimnakashele zimnika ithemba.
• Simthola ethatha imoto eqonda kwaNomalanga. Ufika nje uNomalanga umatasatasa ubhala incwadi yokwala uNgidi.
• Afike azincengele uNgidi athembise futhi ukuthi ukubuya kukaMhlengi akusoze kwaba isiphazamiso empilweni
yabo.
• Nebala athambe uNomalanga bakhaphane baye eThekwini ukuze bavuke bonke kusasa bayohlangana noShezi
ozobayisa kuMhlengi.
• Ngakolunye uhlangothi uNontobeko usehhotela eBlue Waters. Uchichima injabulo ngokuthi uyohlangana noMhlengi
kusasa. Injabulo imholela ekutheni ashayele unina ucingo amazise lezi zindaba ezimnandi. Unina umtshela
ezibuhlungu zokushona kukaNkululeko ozilengisele yena. Ukhala ezimathonsi uNontobeko.
• Usula izinyembezi uya eHoliday Inn okuyihhotela okwakungenise kulo oNgidi noNomalanga ukuze bayohlela
ngohambo lwakusasa.
• Bajabule nje uShezi udlinza ngokuthi kazi bayazi yini ukuthi lo Mhlengi abamfunayo usenguMahlengi.
• Ngakolunye uhlangothi sithola uLungile edinda isililo ngokushona kwabantwana bakhe.
• Uzama ukusesha uXolani ngokuqonywa kwakhe. Nebala uyaphahluka uXolani uyasho ukuthi impela useqonyiwe.
• Uthola intuba yokuyakuMahlengi emva kokufika kwabazala bakhe uSabelo noMthokozisi ukuze ayothola kuye
ihlombe lokukhalela.
[email protected] 45
UKUFINGQA ISAHLUKA SESHUMI SENOVELI KUYAQHUBEKA
• Ngakolunye uhlangothi umseshi uShezi ushayela uMahlengi uyamazisa ukuthi usefikile nezivakashi
abemthembise zona maqede wajika esangweni.
• uShezi ufihlela uNgidi ukuba uMhlengi usenguMahlengi.
• Uma uMahlengi ebona uNgidi, uNomalanga, noNontobeko uyaquleka.
• Kwenziwa iziba lokumsiza. Uyavuka ukhuluma iqiniso ukuthi usephila impilo yokuba owesifazane.
• UNontobeko udinda isililo emva kwemizamo engaka.
• UNgidi uphelelwa ithemba lekusasa elisha nondodana.
• Kusenjalo kungena uXolani. UNgidi uyamchazela ukuthi loMahlengi oyisithandwa sakhe uyindodana
yakhe futhi wayeyisoka likaNontobeko.
• Bonke badinda isililo sikaNandi babalisa ngothando olungaka abebemthanda ngalo uMhlengi /
Mahlengi.
• UXolani uphuma endlini edangele, ephoxekile, edidekile, entekenteke, ekhathazekile, edlinza
ngosekumlahlekele ngenxa kaMhlengi.
• Bonke babenethemba kodwa amathemba abo avele ashabalala kuhle kwamazolo ebona ilanga uma
bethola iqiniso ngoMhlengi/uMahlengi. Bengithi Lizokuna kodwa ligcine lingananga kanjalo-ke kubo
bonke laba balingiswa.
IYApHELA!!!
[email protected] 46
IMIBUZO YESAHLUKO SESHUMI SENOVELI
2.Isihloko sale noveli ‘Bengithi Lizokuna’ sihambelana kanjani nokwenzeka endabeni? (5)
5. Xoxa ngesixakaxaka esitholakala empilweni kaMhlengi / Mahlengi ubhekise endabeni iyonke. (5)
8.Ngakubele ndaba iphethe kahle? Impendulo yakho mayibhekiswe ekusekelekeni kwesihloko, imibuzo
esala nabafundi, isifundo nomyalezo. (5)
[email protected] 47
IZIMpENDULO ZESAHLUKO SESHUMI SENOVELI
1. Kusho ukuthi bengithi ngizophumelela kwengikufisayo. ✓ ✓ (2)
2. Sihambelana kahle kakhulu ngoba bonke abalingiswa abaqavile bebenezifiso ezithile ngempilo yabo kepha cishe
zonke azizangeziphumelele ekugcineni.
• UMhlengi / Mahlengi ubefisa ukuphila impilo ayithandayo azikhethele yona ngokuthula kepha yahambisana
nezingqinamba.
• UNgidi ubefisa ukubuyisana nendodana yakhe baphinde baphile kahle njengomndeni noma lokwazana kwabo
noNontobeko kepha akwenzeka ngalokho.
• UNdumiso ubefisa ukuhlala kahle ashade noMahlengi kepha waphelela ejele.
• UXolani udele konke ngesifiso abenaso sokuphila kahle noMahlengi kepha lutho ukufezeka lokho.
• UNontobeko ubenesifiso sokubuyelana noMhlengi emva kokudela konke kepha asisoze safezeka.
• UNkululeko ngokunjalo noNkululeko wayefisa ukwakha umuzi noNontobeko kepha leso sifiso sammbela ithuna.
✓✓✓✓✓ (5)
3. UXolani uthe ezama ukuxazulula inkinga yakhe ngokwazisa uLungile ukuthi useqonyiwe, wazithola esengena
kwenkulu innkinga lapho ethola ukuthi lo osemqomile wayengowesilisa wazishintsha ubulili.✓ ✓ (2)
4.Ngiyazwelana noXolani ngoba konke akwenzile, ukuhlukumeza uLungile nokungazinaki izingane ubekwenziswa
uthando ubengaqonde lutho olubi. OKANYE, angizwelani noXolani ngoba bekungamele enze angeke athande
kwenzeke kuye, ngakho-ke zidla ujulwazo.✓
[email protected] 48
IZIMpENDULO ZESAHLUKO SESHUMI ZIYAQHUBEKA
• UMhlengi uthe uxazulula inkinga yakhe yobunkonkoni ngokwazisa uyise wazithola esekwenkulu
yokuxoshwa kubo. Ukwala kwakhe uNontobeko kuholele ekutheni uNontobeko amfune aze amthole.
Uthe esenguMahlengi wathandana noNdumiso noXolani okuholele ekutheni kuchitheke igazi kuze
kubanjwe ngisho uyise inkunzi. Uthe uma exazulula eyokubhangqa amadoda ngokwala uNdumiso
kwalandela eziningi, kwalo Xolani abese esele naye wathola iqiniso ngobulili bakhe. ✓ ✓ ✓ ✓ ✓ (5)
6. Ingwijikhwebu siyithola esiphethweni sale noveli. ULungile ubengalindele neze ukuthi uXolani
uzomtshela ukuthi useqonyiwe kepha uthole abengakulindele. UNgidi ubelindele ukuthi uMhlengi
useshintshile kepha wathola abengakulindele ukuthi usashintsha ubulili. UNontobeko Ubelindele ukuthi
bazobuyelana noMhlengi kepha wamfica esenguMahlengi. UXolani ufika kwaMahlengi uzitshela ukuthi
uzoduduzeka ngokushonelwa izingane kunalokho uthole ukuthi sonke lesi sikhathi ubethandana nendoda.
✓✓✓✓✓ (5)
7. Uvuthondaba siluthola esiphethweni sale ndaba lapho kuvela khona ukuthi obenguMhlengi
usenguMahlengi. Kuqhumbuka ithumbu kuNontobeko lokuthi waliwa uMhlengi nje ngoba engungqingili.
Kuvela amaqiniso kuXolani ukuthi loMahlengi amthanda kangaka ungowesifazane wokwenziwa.
Kusangokunye kuNgidi uthola amaqiniso okuthi lo Mhlengi owayemtshele imbudane wathatha izinyathelo
ukufezekisa impilo ayefisa ukuyiphila. ✓ ✓ ✓ ✓ (4)
8. Iphethekahle. Sibonile abalingiswa abasemqoka bebanezifiso ezigcine zingafezeka ngakusekeleka
isihloko. Singabafundi sisalanemibuzo embandakanya ethi kazi kwenzekani emshadweni kaLungile
noXolani? Kazi babuyisana yini oNgidi noMahlengi? Kazi kwenzakalani kuNontobeko kwezothando?
Siphinde sathola isifundo esithi ‘kusa kusa’, nomyalezo othi ‘uthando aluboni’ neminye.✓ ✓ ✓ ✓
[email protected] 49
AMASU OKUpHENDULA IMIBUZO EMIDE YENOVELI
ISINGENISO UMZIMBA
• Ukubuyisa isitatimende UMLINGISWA WOKUQALA
• Ukuveza ubuqiniso • Ukuveza izinto ezifakazela isitatimende
• Ukuchaza isitatimende • izinyathelo / izinqumo azithatha
• Umphumelo waba njani uma esethathe lezo
• Igama lencwadi
zinyathelo / izinqumo.
• Abalingiswa abasifakazelayo
ISIpHETHO
isb:
• Ukuveza uvo lwakho ngokuhambisana
Lesi sitatimende esithi______________ siyiqiniso
elingephikiswe ngoba sichaza ______________. Kule nesitatimende nesifundo / isixwayiso.
ncwadi ethi _____________ sithola abalingiswa
abasifakazela ngokugcwele lesi sitatimende
okungu_____________.
[email protected] 50
SITATIMENDE 1: ‘UTHANDO LUYIMpUMpUTHE / ALUBONI’.
FAKAZELA LESI SITATIMENDE UBHEKISE ENOVELINI ESIHLOKO
SITHI BENGITHI LIZOKUNA
ISINGENISO
ISIBONELO SESINGENISO:
Lesi sitatimende esithi ‘Uthando luyimpumputhe / aluboni siyiqiniso elingephikiswe ngoba sichaza ukuthi uma
usothandweni ungazithola sowenza /uthatha izinqumo ezingakudukisa. Lesi isisho esivame ukusetshenziswa
uma kunothize ogcine esezithola esobishini ngenxa yokuluthwa uthando. Kule noveli ethi Bengithi Lizokuna
ngizogeqa amagula kube sengathi ngiyemuka ngifakazele ngabalingiswa ngibhekise kuMhlengi / Mahlengi,
uNontobeko, uNgidi , uXolani, uNkululeko noNdumiso.
[email protected] 51
UMZIMBA: NANKA AMANYE AMApHUZU ONGASEKELA NGAwO EMZIMBENI (UMFUNDI
UYAGQUGQUZELwA UKUBA ABHALE NGOKwEZIGABA-pARAGRApHS HHAYI NGAMApHUZU)
• UMhlengi uthatha isinqumo esihlukumeza uNgidi noNontobeko sokushintsha ubulili bakhe. Lokhu
ukwenziswa uthando analo lokuba owesifazane.
• UXolani uthando lukaMahlengi lumenza ahlukumeze umkakhe uLungile abuye ebusuku ephuzile
enuka iphefyumi yabesimame.
• Uthando lukaMahlengi lwenza uNdumiso ashaye uXolani.
• Uthando lukaMahlengi luholela ekutheni uXolani ashiye izingane zodwa zisale zishe, zife.
• Uthando lukaNontobeko luholela ekutheni uNkululeko ahlele ukumshada besanda kwazana.
• Uthando lukaNgidi lwamenza angaganwa ukuze akhulise uMhlengi kahle.
• Uthando lukaNkululeko athanda ngalo uNontobeko laholela ekutheni azilengise.
• Uthando lukaNdumiso athanda ngalo uMahlengi lamphendula isigebengu, umbulali, isiboshwa.
• Uthando uNdumiso athanda ngalo uSbu umngani wakhe lwamqhatha namaphoyisa.
• Uthando uMahlengi athanda ngalo uXolani laholela ekutheni ale uNdumiso ngaphandle kokwenza
iphutha.
• Uthando uNgidi athanda ngalo uMhlengi lwamenza wakhipha izimali ezishisiwe eqasha umseshi
uShezi. (Nokunye okuningi umfundi angasekela ngakho engeze nemininingwane efanelekile.)
[email protected] 52
ISIpHETHO
ISIBONELO SESIpHETHO:
• Impela kukho konke engilandise ngakho kuvela ngokusobala ukuthi uthando lungakuholela
obishini ugcine usuthatha izinqumo oyozisola ngazo ngomuso. Isixwayiso engingasinika
umfundi wendaba sithi ngaso sonke isikhathi cabanga ngaphambi kokuthi wenze kwazise
uthando lwadalelwa ubuhle hhayi ukuzisola.
[email protected] 53
ISITATIMENDE 2: EMpILwENI KUYENZEKA IZINTO ZISHAYE UMADIDA.
ISIBONELO:
Lesi sitatimende esithi ‘empilweni kuyenzeka izinto zishaye umadida’ siyiqiniso elingephikiswe ngoba
sichaza ukuthi izinto ziyenzeka ngendlela ebesingayilindele. Kule noveli ethi ‘Bengithi Lizokuna’
ngizokhipha amangwevu ngalesi sistatimende ngifakazele ngoMhlengi, uNgidi, uXolani, uNdumiso,
abasifakazela ngokugcwele.
[email protected] 54
UMZIMBA: NANKA AMANYE AMApHUZU ONGASEKELA NGAwO:
• UMhlengi ushintshe ubulilibakhe ngoba elindele injabulo, kunalokho kwalimazana abantu, kwabashwa
uNdumiso, kwabanjwa uyise inkunzi, kwafa izingane zikaXolani, kwafa noNkululeko, uNontobeko
wabulawa umzwangedwa.
• UNontobeko ugome uNkululeko engamthandingoba elindele ukuthi uzokhohlwa ngoMhlengi,
kunalokho wahluleka ukumthanda wamphoxa sekusondele usuku lomshado.
• UNkululeko uhlele ukushada uNontobeko ngokushesha ngoba efuna akhohlwe uMhlengi, kunalokho.
• UNdumiso uye kontshontsha imali kaNgidingoba elindele ukushada noMahlengi, kunalokho wafica
incwadi emalavo waphindewaboshwa.
• UXolani uhlele ukudivosa uLungile ashade noMahlengi, kunalokho washonelwa abantwana, waxabana
nomkakhe wathola ukuthiuMahlengiwayenguMhlengi.
• UNontobeko ulaxaze uNkululeko nomshado ngoba elindele ukuthi uzothola uMhlengi balungise izinto
kunalokho umthola esenomzwangedwa.
• UZakithi usuke ePort Shepstone elindele ukuyohlala kahle nesithandwa sakhe akade asigcina uS'bu,
kunalokho uzithola engqimuzwa uNomthi.
• UNgidi wayeka ukuganwa ngethemba lokuthi uzokhulisa indodana yakhe imletheleumalokazana
kunalokho iphenduka ungqingiki waba uMahlengi. (Nokunye okuningi okuhambisana neminInIngwane
kungangezwa)
[email protected] 55
ISIpHETHO
• Umusho 1: Kumele ugoqe amaphuzu ngomusho owodwa. Ngamanye amazwi chaza ukuthi
konke lokhu obhale ngakho kusho ukuthini kuwe.
• Umusho 2: Veza isifundo/umvalezo/isexwayiso.
ISIBONELO SESIpHETHO
• impela kukho konke engilandise ngakho kuvela ngokusobala ukuthi singahlela ngokuthanda
kwethu empilweni kepha ekugcineni impilo inendlela yayo yokusiphendula kwesikufisayo.
Isifundo engisifundile kule ndaba sithi empilweni a kuyi ngokufisa kwethu ngakho-ke kumele
sihlezi sinendlela yokwamukela okwehlukile.
[email protected] 56
ISITATIMENDE 3: UKUFIHLA AMAQINISO KUNGAYIKHINYABEZA IMpILO
YOMUNTU
• ISINGENISO
• 1. Umusho 1: Chaza igama/isigejana samagama ayingqikithi 'Ukufihla amaqiniso'.
• 2. Umusho 2: Veza ukuthi ngokujwayelekile iziphi izimo ezenza abantu bafihle
• amaqiniso
• 3. Umusho 3: Veza ozokufakazela kule ndaba kanye nabalingiswa ozobhekisa kubo.
• ISIBONELO SESINGENISO
• Lesi sitatimende esithi ukufihla amaqiniso kungakukhinyabeza impilo yomuntu siyiqiniso elingephikiswe
ngoba singakuchaza njengokuba nezimfihlo ngokujwayelekile abantu bafihla amaqiniso uma bebona
ukuthi ukuwadalula kwabo kungalimaza abanye abantu okanye bona uqobo ngezindlela
ezahlukahlukene. Kule noveli ethi bengithi lizokuna ngizogeqa amagula kube sengathi ngiyemuka
ngifakazele ngesitatimende esithi ukuthola amaqiniso kungayikhinyabeza impilo yomuntu ngibhekise
KuMhlengI/Mahlengi, uNgidI, uNontobero, uNdumiso, uXolani kanye noS’bu.
[email protected] 57
UMZIMBA: NANKA AMANYE AMApHUZU ONGAwASEBENZISA
EMZIMBENI
• lmfihlo kaMhlengi kuNontobeko yokuthi ungungqingqili ikhinyabeza uNontobeko udela ngisho umshado
noNkululeko uthungathana naye.
• lmfihlo kaNgidi ayifihlela uNontobeko ukuthi uMhlengi wamtshela ukuthi ungunggingili ikhinyabeza
uNontobeko wehla enyuka efunana naye ekubeni bengeke besakwazi ukuthandana.
• lmfihlo kaXolani yokuthi usegonviwe yakhinyabeza uLungile kanye nabantabakhe abasha nendlu.
• lmfihlo kaMahlengi yokuthi ubonana noXolaniyakhinyabeza uNdumiso wagcina eseshaya uXolani eya
kontshontsha nemali kaNgidi.
• lmfihlo kaMhlengi yokuthi wayenguMahlengi ikhinyabeza uNdumiso noXolani balandelana naye kanti
unguMahlengi wokwenziwa.
• lmfihlo kaNontobeko yokuthi inhliziyo yakhe ayikasuki kuMhlengi ikhinyabeza uNkululeko ogcina
ezibulalele yena.
• lmfihlo kaNgidi yokuthi akekho uye uyothungatha uMhlengi ikhinyabeza uNomalanga owabe eseqala
ukunikezela othandweni lwabo. (Nokunye okuningi okwesekelwe ngemininingwane).
• ISIpHETHO: Ugoqa amaphuzu ngomusho owodwa. Aveza umbono/isixwayiso/isifundo.
[email protected] 58
ISITATIMENDE 4: UKUNGATHEMBEKI KwABANTU UMA BESEBUDLELwANENI
BEZOTHANDO KUBA NEMIpHUMELA ENGEMIHLE.
ISINGENISO
Lesi sitatimende esithi, 'ukungathembeki kwabantu uma
besebudlelwaneni bezothando kuba nemiphumela engemihle'
siyiqiniso elingephikiswe ngoba abanye abalingiswa abakule noveli
abathembekanga ebudlelwaneni babo, lokho kube nemiphumela
engemihle ebudlelwaneni babo. Kule noveli ethi ‘Bengithi Lizokuna”
ngizogiya ngiqebuza ngosiba ngibheke ukungathembeki
komlingiswa onguXolani, uNgidi, uNontobeko kanye noMhlengi
bangabanye babalingiswa abakhombisa ukungathembeki
ebudlelwaneni bezothando.
[email protected] 59
UMZIMBA:NANKA AMANYE AMApHUZU ONGAwASEBENZISA
EMZIMBENI
• UMhlengi akathembekanga kuNontobeko wamfihlela ukuthi useyi-gay. Lokho kwenze ukuba
uNontobeko ahlalele ethembeni elingekho lokuthi uyophinde abuyelane noMhlengi.
• UNontobeko akathembekanga kuNkululeko ngoba uvumile ukuthi amlobole yize wayazi kahle ukuthi
usenothando lukaMhlengi. Lokho kube nomphumela ongemuhle ngoba uNontobeko wamala ngosuku
olwandulela umshado washiya uNkululeko. UNkululeko wagcina ngokuzikhunga afe.
• UNgidi akathembekanga kuNomalanga ukuthi amtshele iqiniso lokwenzeka kuye nendodana yakhe.
Ukuthula kukaNgidi abematasa nokufuna uMhlengi ebe engamtshelanga uNomalanga lokho kwenza
ukuba baxabane.
• UXolani usephupha elele ebiza igama likaMahlengi. Uyakuzwa lokhu uLungile kuyamdina ugcina
exabana naye.
• UXolani akathembekanga kunkosikazi wakhe ngoba washiya izingane ezikhiyele endlini wavakashela
uMahlengi okwaphetha ngokuthi kushe umuzi ungqongqe kushone nezingane ezingaphakathi.
• UXolani, akanakho ukuthembeka, ukuzisola nonembeza wokuhamba aye entombini eshiya inkosikazi
ikhala. Esefikile kwaMahlengi uXolani washayeka ethola ukuthi uMahlengi kwakungumuntu wesilisa.
Ngalesi sikhathi wayeselahlekelwe yikho konke ayenakho ngento engekho. Umndeni wakhe
wawushabalele noLungile esesele nenhliziyo ebuhlungu ngenxa yokuqonywa ebe eshadile.
[email protected] 60
ISIpHETHO
• Impela isenzo sabanye abalingiswa sokungathembeki ebudlelwaneni babo bezothando sibe
nemiphumela engemihle empilweni yabanye abalingiswa nakubona uqobo. bonke bagcine
belahlekelwe okukhona ngokungekho ngenxa yokungathembeki ebudlelwaneni.
[email protected] 61
NGIYABONGA KAKHULU
NGIKUFISELA UKUBHALA OKUHLE IpHEpHA
LAKHO LESIBILI