UHLELO LOLIMI
Grammar Topics to know by exam time
1. Izivumelwano (Concords)
2. ibizo (noun)
3. Izigaba zamabizo
4. izinhlobo zamabizo (ibizoqho, ibizoqoqa, ibizomuntu etc)
5. izinciphiso (-ana)
6. izikhuliso (-kazi)
7. isabizwana soqobo (-na)
8. isabizwana sokukhomba (lesi, leso, lesiya)
9. isabizwana sokubala (-nke, -dwa)
10. ongumnini (-mi, -khe, -kho, -bo, -thu, -nu, kababa, sikamama)
11. isiphawulo (-dala, -khulu, -ncane, -bi, -hle)
12. isibaluli (-mhlophe, -mnyama, -mtoti, -mnandi, -buthuntu)
13. ondaweni
14. isandiso sendawo (phambili, phakathi, phezulu, phansi, emuva, eceleni)
15. isandiso senkathi (izolo, ekuseni, ntambama, ebusuku, emini)
16. isandiso sesimo (kangcono, kamnandi, kahle, kakhulu)
17. isibanjalo (yibona, nguyena, ngumuntu, yithina)
18. izihlanganiso (ngoba, ngakho-ke, kodwa, ukuze)
19. izifinyezo (Nkk, Nksz, Mnu, Dkt, Mfu, Ngqo, Sol, njll)
20. izimpambosi (impambosi yokwenziwa, yokwenzana, yokwenzeka, yokwenzela)
21. izinkathi zesenzo (inkathi yamanje, esandakudlula, eyadlula)
22. ukuphika (cha)
23. omabizwafane (homonyms; chitha, ithanga, ilanga, inyanga, isonto, ibala)
24. inkulumo-ngqo, inkulumo-mbiko (direct or indirect speech)
25. izimpawu zokuloba
26. Isenzukuthi
27. Umusho > umbuzo
1
1. IZIVUMELWANO
Gcwalisa ngezivumelwano ezifanele
Abadlali bebhola lezinyawo badlalela enkundleni enkulu. Thina siyalithanda ibhola
ekhaya. Ubaba wakhula elidlala kakhulu. Umfowethu udlala unombolo 7 eqenjini lakhe.
2
2. IZIGABA ZAMABIZO
ISIGABA IBIZO ISIQALO ISIQU ISIVUMELWANO
(CLASS) (NOUN) (PREFIX) (STEM) (CONCORD)
1 UMFANA UM-/UMU- -FANA U-
1a UMAMA U- -MAMA U-
2 ABAFANA ABA-/ ABE- -FANA BA-
2a OMAMA O- -MAMA BA-
3 UMUTHI UMU-/UM- -THI U-
4 IMITHI IMI-/IM- -THI I-
5 IQANDA I-/ILI- -QANDA LI-
6 AMAQANDA AMA- -QANDA A-
7 ISINKWA ISI- -NKWA SI-
8 IZINKWA IZI- -NKWA ZI-
9 INGUBO IN- -GUBO I-
10 IZINGUBO IZIN- -GUBO ZI-
11 UDONGA U-/ULU- -DONGA LU-
12 - - - -
13 - - - -
14 UBUTHONGO UBU- THONGO BU-
15 UKUFA UKU-/UKW- -FA KU-
3
Isigaba isiqalo isivumelwano
Abazali 2 aba ba umzali
Izihlalo 8 izi zi isihlalo
Izindawo 10 izin zi indawo
Imigwaqo 4 imi i umgwaqo
Ingubo 9 in i izingubo
Abadlali 2 aba ba umdlali
Umdlalo 3 um u imidlalo
Iculo 5 ili li amaculo
uZodwa 1ª u u oZodwa
uNtombizodwa 1ª u u oNtombizodwa
iphephandaba 5 ili li amaphephandaba
isiketi 7 isi si iziketi
ishethi 5 ili li amashethi
abantwana 2 aba ba umntwana
iqoqo 5 ili li amaqoqo
3. ISANDISO (ADVERB)
Isandiso sendawo> phakathi (inside), phezulu (on top), phandle (outside), phansi
(down), phambili (infront), emuva (behind), eceleni (beside)
Isandiso senkathi> ekuseni, izolo, kusasa, emini, ntambama, ebusuku, phakathi
kwamabili, kusihlwa, ezintatha, entathakusa, namhlanje
Isandiso sesimo> kakhulu, kancane, kahle, kabusha, kade, kafuphi, kabi, kangcono,
kamnandi, kabuhlungu, kalula
1. Namhlanje (senkathi) sidle kamnandi (sesimo).
2. Ngiye phakathi (sendawo) endlini.
3. Umndeni wami udle ibhulakufesi ekuseni (senkathi).
4. Usuku lwami luhambe kamnandi (sesimo).
5. Izolo (senkathi) ngidlale igalofu.
6. Ubaba wami ugeze imoto ngaphandle (sendawo).
4
4. IZINHLOBO ZAMABIZO
Bhala uhlobo lwebizo > type of noun
1. Amabizomuntu > Occupational Nouns
2. Amabizonto > Abstract Nouns
3. Amabizoqho > Proper Nouns
4. Amabizoqoqa > Collective Nouns
5. Amabizombaxa > Compound Nouns
6. Amabizo Ayimifakela > Borrowed Nouns
7. Amabizomvama > Common Nouns
1. Amabizomuntu
Taken from verbs,
Pheka > umpheki abapheki
Fundisa > umfundisi abafundisi
Bhala > umbhali
Shayela > umshayeli
Sakaza > umsakazi
Cula > umculi
Dlala > umdlali
Gijima > isigijimi
Khuluma > isikhulumi
Khonza > isikhonzi
2. Amabizonto
Jabula > injabulo happiness
Thokoza > intokozo happiness
Dumala > indumalo sadness
Dumisa > indumiso praise
5
Nth > nt, nkh > nk, nb > mb, np > mp
iN+ kh = nk iN + khumbula > nk >Inkumbulo
in+ th = Nt iN + thethelela > Intethelelo
in + ph = mp iN + phila > impilo
in + v = mv iN + vela > imvelo
iN + khathaza > inkathazo
Khumbula > inkumbulo remembrance
Thethelela > intethelelo forgiveness
Dlala > umdlalo game
Cula > umculo music
Cula > iculo song
Thanda iN + thanda > intando
3. Amabizoqho (amagama abantu)
Jabula> UJabulile, uNjabulo, uJabulani, uJabulisile
Thokoza > uThokozile, uThokozani, uNtokozo
Dumisa > uNdumiso, uDumisani, uDumisile
Zandile > anda, ukwanda
Umpilo > phila
Makaziwe > ukwaziwa
uJames, uJohn, uPeter, uMagagula, iPick n Pay, iCheckers
uNtando
6
4. Amabizoqoqa
Imfuyo > livestock
Isixuku > group
Iqembu> team
Iqoqo> cluster
Iqulu> group
Izihlwele> crowds
Izinkumbi > multitudes
Umndeni > family
Izilwane> animals
Umphakathi > community
Abazali > parents
5. Amabizombaxa (compound nouns)
uMpiyakhe impi + yakhe
umthethosisekelo umthetho + isisekelo constitution
iphephandaba iphepha + indaba newspaper
ubhalomagama> bhala + amagama orthography
uMinenhle > imini + enhle
uNtandoyenkosi> intando + yenkosi
uPhindokuhle > Phinda + okuhle
uSiphesihle> isipho + esihle
UNdalonhle > indalo + enhle
ULwazilwethu > ulwazi + lwethu
Bhongolethu > ubhongo + lwethu
uMbalenhle> Imbali + enhle
uBuhlebenkosi ubuhle + inkosi
uBonginkosi ukubonga + inkosi
7
Lindokuhle ukulinda+ okuhle
6. Amabizo ayimifakela (borrowed nouns)
Isikole school skool
Ipeni pen
Ifasitela venster
Imoto motor
Ikhabethe cupboard
Ikhethini curtain
Umshini machine
Itafula tafel
Ubhanana banana
Ipensela pencil
Uthisha teacher
Ibhodwe pot
Igilasi glass
Ivoti vote
Iwindi window
Ikhompyutha computer
Isipuni spoon
Isiketi skirt
Isitulo stool
Ibhola ball
Ibhodlela bottle
8
7. Amabizomvama
Isandla hand
Ingane child
Umuntu person
Ikhanda head
Amazambane potatoes
Indlu house
Ikhaya home
Amanzi water
Isango gate
Indlebe ear
Indlela way
Indlala hunger
Inja dog
Inkomishi cup
Itafula > ibizo eliwumfakela
Incwadi > ibizomvama
Ikati > ibizo eliwumfakela
Injabulo > ibizonto
Imoto> ibizo eliwumfakela
Ummese > ibizo eliwumfakela
Isicathulo > ibizonto
Umuntu > ibizomvama
Isithombe > ibizomvama
Abazali > ibizomuntu
Intombazane > ibizomvama
Udadewethu > ibizombaxa
9
uThemba > ibizoqho
intokozo > ibizonto
inkululeko > ibizonto
umsebenzi > ibizonto
umsebenzi > ibizomuntu
umsakazi > ibizomuntu
umsakazo > ibizonto
5. ISABIZWANA (PRONOUNS)
• ISABIZWANA SOQOBO (absolute pronouns) NA
• ISABIZWANA SOKUKHOMBA (demontrative pronouns) EDUZE BUQAMAMA KUDE
• ISABIZWANA SOKUBALA (quantitative pronouns) NKE, DWA
Bhala isabizwana soqobo emabizweni alandelayo: na
Isikole s + o + na = sona
Izinyawo z + o + na =zona
Abadlali ba
Ingane i = yona
Umthwalo u = wona
Amaqanda a = wona
Uthisha yena
ISABIZWANA SOQOBO
i > y, u > w, a > w
Isikole > sona
Izinyawo >zona
Abadlali > bona
Ukudla > kona
Ingane > yona
Uthisha > yena
10
Obaba > bona
Umthwalo > wona
Amantombazane > wona
Intombazane > yona
Udokotela > yena
Obaba
I>y
U>w
A>w
A+i=e
A+u=o
A+a=a
I + a = ya
U + a = wa
Ogogo b + o + na = bona
Izintombi zi + o + na = zona
Intombi i > yona
Abazali ba + o + na = bona
Ugogo yena
Ukufa ku + o + na = kona
Udumo lu + o + na = lona
Ubisi lu + o + na = lona
Ubuso bu + o + na = bona
11
6. ISABIZWANA SOKUKHOMBA
Bhala isabizwana sokukhomba eduze
Eduze Buqamama Kude
isikole lesi sikole leso sikole lesiya sikole
Abadlali laba badlali labo badlali labaya badlali
Izinyawo lezi lezo leziya
Umuntu lo lowo lowaya
Le ngane le leyo leyaya
Ikati leli lelo leliya
Isikole la + isi = lesi leso lesiya
Abadlali la + aba = laba labo labaya
Isikole lesi leso lesiya
Izinyawo lezi lezo leziya
Abadlali laba labo labaya
Ingane la + i = le leyo leyaya
Lesi sikole leso sikole lesiya sikole
Laba badlali labo badlali labaya badlali
Lezi zinyawo lezo zinyawo leziya zinyawo
Le ngane
Laba badlali
Labo badlali
La + ili = leli
La + isi = lesi
Abadlali
La + aba = laba
Izinyawo
La + izi = lezi
12
Umuntu
La + u = lo lowo lowaya
Ikati
La + ili = leli
Nm
Amantombazane la + a = lawa lawo lawaya
la + a = lawa lawo lawaya
lo muntu lowo muntu lowaya muntu
le ngane leyo ngane leyaya ngane
lesi sitsha leso sitsha lesiya sitsha
loku kudla loko kudla lokuya kudla
Lungisa le misho engezansi
1. Ibhola le ngane liyagingqika. The child’s ball is rolling. Ibhola lengane
liyagingqika
2. Lengane ihamba yodwa. This child is going/ walking alone. Le ngane ihamba
yodwa.
1. Inja le nja leyo nja leyaya nja
2. Imoto le moto leyo moto leyaya moto
3. Uthando lolu thando lolo thando loluya thando
4. Isitimela lesi sitimela leso sitimela lesiya sitimela
5. Uthisha lo thisha lowo thisha lowaya thisha
6. Amashidi lawa mashidi lawo mashidi lawaya mashidi
7. Ogogo
8. Izihlalo
9. Izingane
10. ubuhle
Lungisa amagama akubakaki ukuze afundeke kahle/ abhaleke kahle
1. Ngifuna (lezo zitsha) ezigeziwe
2. Ngifuna (lezizitsha)
3. Izitsha lezi ziyagezwa
13
Bhala isabizwana sokukhomba buqamama kula mabizo alandelayo
Indoda leyo
Abantu labo
Isihlalo leso
Ingane leyo
Izingane lezo
Amaqanda lawo
N, m
Isikole la + isi = lesi leso lesiya
Ikati la + ili = leli lelo leliya
Ukudla la + uku = loku loko lokuya
Inja la + i = le leyo leyaya
Umuthi la + u= lo lowo lowaya
Amantombazane la + ama = lawa lawo lawaya
La + izi
La + aba
izinyawo
Izinyawo > lezi / lezi zinyawo
Abadlali > laba badlali
Ingane > le ngane le ngane leyo ngane leyaya ngane
Uthisha > lo thisha
Obaba > labo baba
Intombazane > le ntombazane
Udokotela > lo dokotela
Ukudla > loku kudla
Leli kati
Laba bantu
14
Indawo la + i = le ndawo leyo leyaya
Lababantu
Lesisu lesi sisu
Leyonja
Lezongane lezo zingane
Lowomuntu
Labobaba
Bhala la magama ngendlela efanele
Lababantu lababantu la +aba = laba bantu
Lezozingane lezo zingane
Lesiyasikole
Lawamantombazane
Leyozikole
Labayandlu
La + i = le leyo leyaya
La + u
Isikole
Abantu
7. ISABIZWANA SOKUBALA -nke -dwa
Isikole s + o + nke = sonke
Isikole s + o + dwa = sodwa
umuntu yedwa
Umama yedwa
Ugogo yedwa
Bhala isivumelwano esifanele
Ushiye izingane zonke zi +o = zo
Mina ngedwa
15
Thina sodwa
Bona bodwa
Wena wedwa
Nina nodwa
Izikole z + o + nke = zonke
Isikole s + o + dwa = sodwa
Abadlali ba + o +
Cha > negative
Time (izolo, kusasa, ngonyaka odlule etc) > tenses
Object > impambosi yokwenziwa
8. UKUPHIKISA
Phikisa la magama agqamile. Qala le misho njengalokhu ukhonjisiwe
Abafundi base-Evolve bafunda isiZulu noMa’am Magagula
Cha...abafundi
Inja izokhahlela ibhola i >y
Cha... ayizukhahlela ibhola
Amantombazane azokhahlela ibhola a>w
Cha...awazukhahlela
Umshini uzohlala ekamelweni u>w
Cha...awuzuhlala
Abafundi base-Evolve bazofunda isiZulu noMa’am Magagula
Cha... abazufunda
Isitsha sizogezwa ekuseni
Cha isitsha asizugezwa ekuseni
Ikati lizophuza ubisi
Cha ikati alizuphuza
16
Ikati liphuza ubisi
Cha ikati aliphuzi ubisi
Ikati liluphuzile ubisi
Ikati aliluphuzanga ubisi
Ikati laphuza
Ikati aliphuzanga
Abafundi base-Evolve basifundile isiZulu noMa’am Magagula
Cha …
Qala umusho ngalamagama
Cha... negative form
Izolo... e/ ile
Ngo2011...
Kuthangi... e/ile
Kusasa... zo
Ngo2050... yo
Umama ugeza izitsha
Izitsha...
UPhila ufunda isiZulu
UPhila akafundi isiZulu
Ugogo uphuza itiye
Ugogo akaphuzi itiye
IsiZulu sizobhalwa ngoLwesithathu
IsiZulu asizubhalwa ngoLwesithathu
Abangani bafunda isiZulu
Abangani abafundi isiZulu
Abangani basifundile isiZulu
Abangani abasifundanga isiZulu
17
Intombazane ifunda isiZulu
Intombazane ayifundi isiZulu
Omabizwafane (Homonyms)
Chitha > spill/ spend/ waste
Ithanga > thigh / pumpkin
Inyanga > month/ doctor/ moon
Isonto > week/ church/ day
Ilanga > sun/ day
Ibala/ yard/ colour/ spot
Biza > call/ cost
9. IZINKATHI ZESENZO
Sizobhala isivivinyo sesiZulu.
Izolo sibhale isivivinyo sesiZulu.
Thina sifundela isivivinyo sesiZulu
Kusasa sizofundela isivivinyo sesiZulu
Kuthangi sifundele isivivinyo sesiZulu
Ngomhlomunye sizofundela …
Ngo2010 safundela …
Inkathi eyadlula
I > ya
Inja idlala ibhola> yadlala
U > wa
Umfana udlala ibhola > wadlala
Si > sa
Isikole sidlala > sadlala
18
Zi > za
Izikole zidlala > zadlala
Ku > kwa
Ukudla kuphekwa > kwaphekwa
Li > la ibhola lidlalwa/ ladlalwa
Bu > ba ubuso bugezwa ngumama/ bagezwa
Ba > ba abafana badlala ibhola / badlala
A>a amantombazane adlala ibhola/ adlala
10. ONGUMNINI
➢ PERSONAL POSSESSIVES
mi (mine)
khe (his/ hers)
kho (your)
bo (theirs)
(i)thu =lethu (ours)
(i)nu = lenu (yours plural)
Isikole s + a = sa
Ikhanda l + a = la
Inja i + a = ya
Umshini u + a = wa
Uzwane lu + a = lwa
Ukuhlolwa ku + a = kwa
Amaqanda a+a=a
19
A+ I = e
A+u=o
A+a=a
Ukulwangisa > Consonantilisation
I + a = ya
U + a = wa
UMSEBENZI 1
OUR KIDS izingane zethu……………………………..
MY PLACE indawo yami……………………………..
HIS MONEY imali yakhe……………………………
HER DRESS ingubo yakhe……………………………..
THEIR BOOKS izincwadi zabo………………………….
YOUR (S) PROBLEM inkinga yenu……………….......
Inkinga I + a > ya + inu = yenu
Isikole s + a = sa
Ikhanda l + a = la
Inja i + a (consonantalisation) = ya
Umuthi u + a = wa
➢ NOUN ON NOUN POSSESSIVES
School shoes
Izicathulo zi + a = za + isikole = zesikole
Hymn book
Ibhuku l + a = la + amaculo = lamaculo
20
Incwadi i + a = ya + amaculo = yamaculo
Isimemo (umshado) siphumile
S + a = sa + umshado =somshado
Driving shoes > izicathulo zokushayela z + a = za + ukushayela = zokushayela
Reading glasses > izibuko zokufunda
Eating spoon > isipuni sokudla
Changing room > igumbi lokushintsha
Sleeping clothes > izingubo zokulala
➢ CLASS 1ª Nouns
Ubaba, ugogo, umama, ubhuti, umkhulu, usis, udokotela
Imoto kababa i ka
Izimoto zikababa zi zika
Ingubo kamama i ka
Izingubo zikamama zi
Umsebenzi kathisha u
Izicathulo zikadokotela zi
Ikati likadadewethu li
UMSEBENZI
Ikilasi lami libuka isithombe
Amakilasi ethu abuka izithombe
Umngani wami ufunda incwadi yakhe
Abangani bami bafunda izincwadi zabo
21
11. IZINHLOBO ZAMABIZO
Ibizomuntu dlala > umdlali
umdlali, umculi, umzali, umdansi, umfundisi, umsakazi
Ibizonto injabulo, intokozo, indumiso, intando, intukuthelo, inkululeko
Ibizoqho uNjabulo, uNtokozo, uNdumiso, uNtando, uMagagula
Ibizoqoqa imfuyo, isixuku, iqoqo, iqembu, umndeni
Ibizombaxa umthethosisekelo, ubhalomagama, uMinenhle, uLindokuhle
Ibizo eliwumfakela isikole, ipeni, itafula, ikhethini, ikhabethe, imoto
Ibizomvama ingane, isandla, umuntu, indoda, indlu
Amantombazana, amadoda, izixuku, izihlwele, imfuyo, isitolo, umdlali, abazali,
intukuthelo, umdlalo, umphathisikole, uthishanhloko
12. ONDAWENI
Guqula ondaweni babe ngamabizo
Esikoleni isikole
Endaweni indawo
Emanzini amanzi
Endlini indlu
Enkonzweni inkonzo
Ebantwini abantu
Okholweni ukholo
Isitolo esitolo
Ikhaya ekhaya
Amakhaya emakhaya
Ulwandle olwandle
iGoli eGoli
22
ubusuku ebusuku
ubusika ebusika
ihlobo ehlobo
isibhedlela esibhedlela
iPitoli ePitoli
itafula etafuleni
isikole esikoleni
indawo endaweni
umgwaqo emgwaqweni
ikamelo ekamelweni
indlu endlini
isisu esiswini
inkundla enkundleni
umcimbi emcimbini
umdlalo emdlalweni
umphimbo emphinjeni
umthombo emthonjeni
13. IZINCIPHISO: NCIPHISA -ana
Isandla > isandlana
Indawo > indawana
Ithanga > ithangana
Isisu > isiswana
Indlu > indlwana
23
BILABIAL SOUNDS
ondebembili
Inkomo >
Umkhaba >
M > ny umlomo > umlonyana
B > tsh intaba > intatshana
Bh > j isikebhe > isikejana
Mb > nj isithombe > isithonjana
P > tsh ikopi > ikotshana
Ph > sh iphepha > ipheshana
Mp > ntsh umpompi > umpontshana
PALATAL SOUNDS
onsinini
N > ny ingane > inganyana
T > tsh ikati > ikatshana
Nt > ntsh Umkhonto > umkhontshwana
Th > sh isikhathi > isikhashana
D>j umgodi > umgojana
Nd > nj ikhanda > ikhanjana
unhlangothi
L > dl imali > imadlana
14. IZIKHULISO (KAZI)
Imoto > imotokazi (size)
Umuzi > umuzikazi
Indoda > indodakazi (ubulili/ gender)
24
Inkosi > inkosikazi (gender)
Umlomo > umlomokazi (rudeness)
15. IZIHLANGANISO (CONJUNCTIONS)
• Write the full sentence
• Don’t repeat the conjunction
• Drop the second subject
• KODWA BUT
• NGOBA BECAUSE
• KEPHA BUT
• NGAKHO-KE THEREFORE
• BESE THEN
• UKUZE SO THAT
• FUTHI AND
• KANTI WHEREAS
• KANYE AND
• NAKUBA EVEN THOUGH
• NOKHO HOWEVER
• UKUTHI THAT
• ANDUBA BEFORE
• NGAPHAMBI BEFORE
• NOMA OR/ EVEN THOUGH
• YIZE EVEN THOUGH
• YINGAKHO THAT IS WHY
UMSEBENZI
NGIZOHLALA NGIKUTHANDA. UYEDELELA
Ngizohlala ngikuthanda kodwa uyedelela. Nakuba udelela.
KUMELE IZINGANE ZIFUNDE. KUMELE IZINGANE ZIPHASE
Kumele izingane zifunde ukuze ziphase
SENGIBAFUNDISILE KONKE ABAKUDINGAYO. BAZOPHASA.
Sengibafundisile konke abakudingayo ngakho-ke bazophasa.
Yingakho bezophasa
25
ABANTWANA BAYALALELA EKILASINI. ABANTWANA BAYAHLUPHA UMA UTHISHA
ENGEKHO.
Abantwana bayalalela ekilasini kodwa bayahlupha uma uthisha engekho.
SEKUSELE KANCANE UKUBA SIVALE. SIZOPHUMULA.
Sekusele kancane ukuba sivale bese siyaphumula.
IZIBONELO
1. Ngizohamba ngebhasi. Ngizofika kusasa (ukuze)
2. Ngizovuka ngidle. Ngizohamba (anduba)
3. Ngiyakuthanda. Ubheda (noma)
4. Ngizovuka ngigeze, ngigqoke. Ngizohamba ngokushesha (bese)
5. Esikoleni sisebenza kanzima. Sizophasa (ukuze)
16. ISIPHAWULO- ADJECTIVES
IZIQU ZESIPHAWULO
- esiKhulu big
- esiNcane small
- esiBi ugly
- Hle beautiful
- De tall
- Fishane short
- Fuphi short
- Dala old
- Ningi many
- Nci small
- Ncinyane small
- Ngaki how many
- Sha new
- Bili two
- Thathu three
- Ne four
26
- Hlanu five
Isikole a + isi = esi
Izitolo a + izi= ezi+ sha =ezintsha
Ingane entsha
iN + sha = entsha
Start with a and put it together with a full prefix of the noun and
then the coallision will take place
Isikole a + isi = esi hle
Ibhanoyi a + ili = eli khulu
Amakati a + ama = amaningi
Inja a + iN = eN + khulu = enkulu
Imoto a + iN = eN + sha = entsha
Imoto a + iN = eN + bi = embi
iN + kh = nk
iN + th = nt
iN + b = mb
iN + v = mv
iN + ph = mp
iN + sh = ntsh
iN+ f = mf
27
UMSEBENZI 3
Beautiful shoes > izicathulo ezinhle ……………………………
Long dress > ingubo ende……………………………………
Two girls > amantombazane amabili………………………………………
Three buses > amabhasi amathathu…………………………………
Good people > abantu abahle ………………………………
Very small bag > isikhwama esincinyane ……………………………
Short man indoda emfishane………………………………….
Izingane ezintathu
Imoto entsha sha
Inja embi bi
Imoto enkulu
Izinja ezimbili
17. ISIBALULI
IZIQU ZESIBALULI
1. IZIQU ZEMVELO
- qotho > honest umuntu a + umu= oqotho
- qatha > strong indoda a + in = eqatha
- duma > tasteless amanzi a + ama = aduma
- mtoti > nice/ tasty amanzi a + ama = amtoti
- mnandi > nice/ tasty ukudla
28
- buhlungu > sore isilonda
- ngcono > better umzimba
- lula > light/ easy isivivinyo
- nzima > hard / heavy umsebenzi
- bukhali > sharp isikelo
- buthuntu > blunt ummese
- mpofu > poor umuntu
- fudumala > warm ingubo
2. IZIQU ZEMIBALA
- Mhlophe > white
- Mnyama > black
- Phuzi > yellow
- Mpofu > light
- Nsundu > brown
- Luhlaza njengesibhakabhaka > blue
- Luhlaza njengotshani > green
- Bomvana > pink
- Red > bomvu
3. IZIQU EZAKHELWE PHEZU KWEZINYE IZINGCEZU
ZENKULUMO
- Hamba > hambayo
- Khala > khalayo
- Dlala > dlalayo
IZIVUMELWANO ZESIBALULI
In the formula you start with a and put it together the full prefix.
The only different is with the prefix that has a nasal sound. In
the formula you remove the nasal sound.
29
Isikhwama a + isi= esibomvu
Ingane a + i= emnyama, emhlophe, ebomvu elula
Isikole a + isi = esi bomvu esibomvu
Ilanga a + ili = eli shisayo elishisayo
Ingane a + iN = en (remove the nasal sound) ekhalayo
Intombazane a + iN = en mhlophe emhlophe
UMSEBENZI 4
RED SKIRT isiketi esibomvu
…………………………………………………………………….
BLUNT KNIFE ummese obuthuntu
…………………………………………………………………
BETTER SITUATION isimo esingcono
…………………………………………………………
STRONG MAN indoda enamandla/ eqatha
…………………………………………………………………
HONEST PERSON umuntu oqotho
…………………………………………………………..
BLACK PEOPLE abantu abamnyama
………………………………………………………………
TRAVELING TEAM iqembu elihambayo
……………………………………………………………
TASTY FOOD ukudla okumnandi
…………………………………………………………………..
TASTELESS DRINK isiphuzo esinganambitheki / esiduma
……………………………………………………………
30
PINK SHOES izicathulo ezibomvana
………………………………………………………………….
18. IZIMPAMBOSI
Lapha umsebenzi wesenzo ukuveza imiqondo eminingi eyahlukene ngokusebenzisa
izakhi ezahlukene zezimpambosi. Ziyisikhombisa izinhlobo zempambosi esinazo
esiZulwini:
Izinhlobo zezimpambosi:
✓ Impambosi yokwenzana: -an- funda > fundana, siza >sizana
✓ Impambosi yokwenzisa: -is- shayela >shayelisa, geza > gezisa
✓ Impambosi yokwenziwa: -iw- fundisa > fundiswa, geza > gezwa
✓ Impambosi yokwenzela: -el- funda > fundela, bhala > bhalela
✓ Impambosi yokwenzeka: -ek- funda > fundeka, idla > kuyadleka
✓ Impambosi yokwenzisisa: -isis- funda > fundisisa, geza > gezisisa
✓ Impambosi yokwenzayenza: lena iphindaphinda isiqu sesenzo
funda> fundafunda
1. IMPAMBOSI YOKWENZANA -an
Lapha isenzo sisuke sisho into eyenzeka phakathi kwezinto noma abantu ababili
beyenza komunye nomunye.
Isibonelo:
Shaya > shayana
• Izingane zabafana ziyashayana.
Buka > bukana
• Abadlali bebhola bayabukana ngaphambi kokuba baphaselane ibhola.
Laba ababili basafundana
Kuyenzeka isenzo sikhombe into eyenzeka isikhathi eside ingapheli noma ingashintshi:
31
Isibonelo:
Funda > fundana
Selokhu bengenile ekilasini laba bafundana nale ncwadi.
Khuluma> khulumana
Njalo uma uthisha engekho laba balokhu bekhulumana nezindaba zabo.
IMPAMBOSI YOKWENZISA –is/-z
Lapha isenzo sikhomba ukwenzisa umenzi into ethile, kungaba ukumphoqa ukuthi
akwenze noma ukumelekelela ukuthi akwenze:
Isibonelo
Pheka > phekisa
UThembi uphekisa udadewabo njengoba izivakashi ziziningi nje.
Shayela > shayelisa
Umama akakuthandi ukushayela kodwa ubaba uyamshayelisa ngenkani.
Kuneziqu zesenzo ezithatha isakhi u -z- ekugcineni:
Isibonelo:
Vela > veza
Gibela > gibeza
Limala > limaza
Dumala > dumaza
Isenzo sakhe siyabadumaza abazali bakhe.
32
IMPAMBOSI YOKWENZIWA –iw/-w
Le mpambosi ikhombisa isenzo esenziwa umenzi kumenziwa ngokuthi umusho uqale
ngomenziwa.
Uma isenzo sinelunga elilodwa sithatha isakhi esigcwele u-iw-, kodwa uma amalunga
emabili ONDEBEMBILI nangaphezulu sithatha kuphela isakhi u-w-
ngaphandle uma isenzo sisenkathini
m > ny esandakudlula.
Kule b > tsh mpambosi kwenzeka inguquko yemisindo
kwezinye izenzo ekugcineni.
bh > j
mb > nj
p > tsh
ph > sh
mp > ntsh
Isibonelo:
Dla > dliwa
Abantwana badla ukudla.
Ukudla kudliwa abantwana.
Uthisha uthethisa abantwana thethiswa
Abantwana bathethiswa nguthisha
33
Bamba > banjwa
Amaphoyisa abamba izigebengu.
Izigebengu zibanjwa amaphoyisa.
Khipha > khishwa
Izingane zikhipha izincwadi esikhwameni.
Izincwadi zikhishwa izingane esikhwameni.
Izincwadi...
IMPAMBOSI YOKWENZELA -el-
Le mpambosi iveza isenzo sokwenzela umuntu noma into okuthile.
Isibonelo:
Phaka > phakela
Umama uphakela izingane iphalishi.
Shayela > shayelela
UMnu Nkomo ushayelela uMongameli uma ehamba imihlangano yakhe.
Shayelela
Shaya
Ukushaya/ ukushayela
IMPAMBOSI YOKWENZEKA -ek-/ -akal-
Le mpambosi ikhomba ukuthi into ethile iyenzeka noma yenzeka kalula.
Isibonelo:
Bamba >bambeka
Inkomishi enkulu iyabambeka uma unezandla ezinkulu.
Hamba > hambeka
Le ndlela iyahambeka uma ukujwayele ukuhamba.
Zikhona izenzo ezithatha kuphela isakhi-akal-. Umqondo ovezwa impambosi
yokwenzela uyefana awuguquki noma izakhi ziguquka.
34
Isibonelo:
Thola > tholakala
Ziyatholakala izincwadi zokushayela eMpangeni.
Bona > bonakala
Kuyabonakala ukuthi awunandaba nempilo yakho.
Siza
Uzosizakala uma uhamba nami
Funa
Kufunakala abantu abasebasha.
IMPAMBOSI YOKWENZISISA -isis
Le mpambosi ikhombisa ukwenzeka kwento ngokuqikelela noma ngokugcizelela.
Isibonelo:
Geza > gezisisa
Mantombazane anogezisisa izitsha bo niyeke ukunyanyalata!
Funda > fundisisa
Kumele ufundisise incwadi ukuze uyiqonde kahle.
IMPAMBOSI YOKWENZAYENZA
Le mpambosi ikhombisa into oyenza ngokuphuthuma udlule kuyona bese wenza
okunye.
Isibonelo:
Dla > dlayidla
Ngizothi ukudlayidla bese ngiyafunda.
Bhala >bhalabhala
Sizothi ukubhalabhala kancane ngaphambi kokuba sifunde.
35
Funda
Ngizofundela umama incwadi
Incwadi ifundwa umama
Fundisisa incwadi yakho ukuze uphase
Incwadi u-Owami Lo iyafundeka
19. IZINKATHI ZESENZO
Ukuguquka kwenkathi emshweni kubonakala esenzweni. Kushintsha izakhi ezithile
esenzweni ukukhombisa ukuthi inkathi isishintshile. Izinhlobo zenkathi ziyisishiyagalombili
sezizonke:
i.Inkathi yamanje >Present Tense
Lapha isenzo asiguquki.
Isb: Ingane iphuza amanzi
ii.Inkathi yamanje eqhubekayo
Lapha sisebenzisa isakhi u-ya esikhombisa ukuthi inkathi iyaqhubeka. Imvamisa sibe sesifaka
isivumelwano sikamenziwa ukuze kuzofundeka kahle.
Isb: Ingane iyawaphuza amanzi
Ikati liyaluphuza ubisi
Ingane iyakudla ukudla
Ingane iyasidla isinkwa
iii.Inkathi esandakudlula/edlule
Lapha sisebenzisa izakhi -e noma -ile noma sisebenzise u-be ngasekuqaleni kwegama.
Isb: Ingane iphuze amanzi.
36
Ingane iwaphuzile amanzi.
Ingane beyiphuza amanzi.
iv.Inkathi eyadlula
Lapha kushintsha ingxenye engasekuqaleni kwesenzo.
Ngezansi kuvezwa ukuthi imisindo iguquka kanjani:
ISAKHI SENKATHI YAMANJE ISAKHI SENKATHI EYADLULA
UDLALA WADLALA
BADLALA BADLALA
LIDLALA LADLALA
ADLALA ADLALA
SIDLALA SADLALA
ZIDLALA ZADLALA
IDLALA YADLALA
LUDLALA LWADLALA
BUDLALA BADLALA
KUDLALA KWADLALA
Ubaba udlala ibhola > ubaba walidlala ibhola > ubaba wadlala ibhola
Ikati liphuza ubisi > ikati laluphuza ubisi
Izolo
Ekuseni
Kuthangi> day before yesterday
Ngomso> tomorrow
Ngomhlomunye day after tomorrow
Ngonyaka ozayo>
Zo/ yo
Ngo2010
Ngizovuka ekuseni ngiye edolobheni
Cha angizuvuka ekuseni ngiye edolobheni
Bayadlala laba
Cha abadlali laba
Ngiyazi ukuthi uyangithanda
Cha angazi ukuthi uyangithanda
Cha ngiyazi ukuthi awungithandi
Sahamba ekuseni ngovivi
Cha asihambanga ekuseni ngovivi
Sihambile sonke ekhaya
Cha asihambanga sonke ekhaya
Uma’am Magagula ufundisa abantwana
Abantwana bafundiswa uMa’am Magagula.
37
Ongakuqaphela ukuthi izivumelwano u-ba no-a azishintshi uma usuziyisa enkathini eyadlula.
Isb: Abaculi beReggae abaningi badabuka eJamaica.
Inkathi eyadlula: Abaculi beReggae abaningi badabuka eJamaica
v.Inkathi eyadlula eqhubekayo
Lapha indlela eyakheka ngayo le nkathi ayilandeli umthetho owodwa.
Isb: Ingane yayiluphuza ubisi ngenkathi ibhodlela liwa.
Abaculi basemazweni babethandwa ezweni laseNingizimu Afrika.
vi.Inkathi ezofika
Le nkathi ibonakala ngesakhi u-zo esigaxwa phakathi nesenzo.
Isb: Ingane izophuza ubisi.
Abaculi bazothakaselwa ezweni lethu.
vii.Inkathi ezofika eqhubekayo
Le nkathi isebenzisa isakhi u-zo kanye no-be bese isakhi siyahlukana nesenzo esisilandelayo.
Isb: Ingane izobe iluphuza ubisi.
Abaculi bazobe becula enkundleni enkulu yezemidlalo.
viii.Inkathi eyofika
Le nkathi ibonakala ngesakhi u-yo
Isb: Ingane iyophuza ubisi.
Izingane ziyophuza ubisi
ix.Inkathi eyofika eqhubekayo
Le nkathi isebenzisa isakhi u-yo kanye no-be bese isakhi siyahlukana nesenzo esisilandelayo:
Isb: Ingane iyobe iphuza ubisi.
Izingane ziyobe ziphuza ubisi.
38
20. OMABIZWAFANE (HOMONYMS)
Ithanga
Inyanga
Isonto
Ilanga
Ukuchitha
Ibala
39